Now Reading
Imbulu enyathela ngamanyikwe amabili: Uhambe namaqiniso abengakhulula imindeni yaboHlanga De Klerk
Dark Light

Imbulu enyathela ngamanyikwe amabili: Uhambe namaqiniso abengakhulula imindeni yaboHlanga De Klerk

ULukanyo Calata, indodana yomunye walabo ababaziwa ngeCradock 4 uzwakalise ukudumala ngokuthi owayengusopolitiki uFW De Klerk wathatha ulwazi olubalulekile ngokubulawa kukayise waya nalo ethuneni lakhe.

UDe Klerk ushonele emzini wakhe eKapa ngenxa yomdlavuza eneminyaka engama-85 ubudala.
“Kubuhlungu ukushona kowayenguMengameli uFW de Klerk. Uthatha izimfihlo kanye neqiniso ngalokho ayekwazi ngokufa kweCradock 4 kanye nabanye abaningi ethuneni lakhe kanye naye. Okunye akwenzayo wukuthi usiphuca ithuba lokuthi sithole ukuthi ngobani abanye balabo baholi be-ANC abangene ezivumelwaneni ezazingekho emthethweni nezinhlaka zombuso wobandlululo ukuze kuvinjelwe ukushushiswa kwamacala eTRC.”

IFort Calata Foundation ikhiphe isitatimende kulandela ukudlula emhlabeni kukaDe Klerk. Le Foundation icele iNPA ukuthi isheshise ukushushiswa kwamacala eTRC “ngaphambi kokuba abaningi abathinteka ezenzweni zobandlululo bafe ngaphandle kokuthweswa icala ngamacala abo.”

Phambilini, iDe Klerk Foundation ikhiphe ividiyo ezinkundleni zokuxhumana lapho uDe Klerk ephinda exolisa kubantu baseNingizimu Afrika ngobandlululo ngomyalezo wokugcina. Kulesi siqeshana, uDe Klerk uxolisa ngokungagodli ngobandlululo futhi uvuma ubuhlungu kanye namaphutha abangelwa uhlelo.

Isikhulu sezwe esingasekho siphinde sabonga labo abameseka ngezikhathi ezinzima.
“Ezikhathini eziningi, ngangixolisa ngobuhlungu kanye nesithunzi ubandlululo olwalulethela abantu bebala eNingizimu Afrika. Abaningi bangikholelwa, kodwa abanye abazange. Ngakho-ke, namuhla, kulo myalezo wokugcina, ake ngiphinde, ngixolise ngobuhlungu kanye nobuhlungu kanye nehlazo kanye nomonakalo owenziwe ubandlululo kwaboHlanga, abansundu namaNdiya eNingizimu Afrika.”

See Also

UMengameli wePan African Congress uMzwanele Nyontsho ubize uDe Klerk njengomqambi womthethosisekelo ogcina abantu baseNinginizmu Afrika bengenamhlaba.

“Izinhliziyo zethu zihambisana nemindeni, izisulu zikaDe Klerk. Sikhathazekile ngokuthi ushone engasitshelanga ukuthi ubani odonse isibhamu eMtata, izingane zikaPendulo. Sikhathazekile ngabo nje. Asinandaba no-De Klerk. Sifisa nje futhi sithemba ukuthi izinsalela zakhe zizophonswa olwandle, futhi-ke, hhayi olwandle lwase-Afrika. Asinandaba noDe Klerk, ukwakhiwa kwalokhu okubizwa ngomthethosisekelo omusha,” kusho uNyontsho.

Scroll To Top