Ukhala ngeminqolo ekhumbula izidwaba zonina
Sekuphenduke insakavuleka ukubona izibabuli zabadlali abadabuka eNingizimu Afrika behlala isikhashana phesheya bese bekhuza ibuya kuDSTV Premiership. Iningi labo likhala ngokukhumbula ekhaya. Muva nje uKeagan Dolly usanda kushiya eFrance wajoyina iKaizer Chiefs.
Leli nxele beligijima kuMontpellier yaseFrance. UDolly uhlale phesheya iminyaka emine. Wayehambe kuleli esuka kuMamelodi Sundowns ngowezi-2017. Akuyena yedwa kwazise noPercy Tau usanda kuyojina i-Al Ahly yase-Egypt esuka kuBrighton Hove Albion yase-England.
Abanye abadlali abahlale isikhashana phesheya base bakhuza ibuya kuleli kubalwa oTefu Mashamaite, uMandla Masango, uPule Ekstein noKermit Erasmus ukubalwa abambalwa
UTau uhlale phesheya kwezilwandle amasizini amathathu. USibaya odlale emazweni ase-Europe amasizini ayisishiyagalolunye utshele elaboHlanga engxoxweni ekhethekile naleli phephandaba ukuthi akayiqondi indaba yabadlali abakhuza ibuya emaligini ase-Afrika ngoba bekhala ngomzwangedwa phesheya kwezilwandle.
“Angiqondi ukuthi umuntu osekwazi ukuzimela angaba kanjani esimeni lapho ekhala ngokukhumbula ekhaya ekubeni esemsebenzini. Uma usemsebenzini umqondo wakho kumele ukhohlwe yikho konke kodwa ugxile kulokhu okuzele. Imbangela yokuba kwami phesheya kwezilwandle bekuwukuthi nginike umndeni wami impilo engcono. Uma sengishiya phesheya ngikhala ngokukhumbula ekhaya, ngizowunika kanjani umndeni wami impilo engcono? Mina nje angizange ngibhekana nale nkinga yokukhumbula ekhaya,” kusho uSibaya ozalwa eHammarsdale, KwaZulu-Natal.
Phesheya kwezilwandle, uSibaya uyibambe eHungary kuKeruleti TVE. Ngemuva kwalokho udlulele kuRosenborg yaseNorway. Iqembu azakhele kulona udumo yiRubin Kazan yaseRussia adlale kuyona iminyaka eyisikhombisa.
“Umndeni wami ubukwazi ukungivakashela. Ubufika uhlale inyanga eyodwa bese ubuyela emuva. Bekungenzima ukuhlala ngaphandle komndeni wami kodwa bekuyingqinamba obekumele ngibhekane nayo. Mina-ke ngiwuhlobo lomuntu ozithandayo izingqinamba empilweni. Ngafunda izinto eziningi eRussia. Nomndeni wami ubufika usithokozele isikhathi obusichitha nami eRussia. Kwakuyinto ehlukile kunosikompilo esikhule ngalo,” kuqhuba yena.
USibaya unqobe zonke izicoco ezimqoka kuKazan. Uhlabane ngezicoco ezimbili zeligi ngowe-2008 nangowe-2009. Lokhu kumvulele amathuba okuyibamba ku-Uefa Champions League. Ngaphandle kwezicoco zeligi uphinde waphakamisa eseRussian Super Cup, eseCIS Cup neseLa Manga Cup amahlandla amabili.
Phambilini izwe iRussia belidume kakhulu ngokucwasa ngokwebala. “Ngesikhathi ngifika eRussia yayisiqala ukuguquka ngoba phela ibiyaziwa njengezwe elinobandlululo. Iningi labantu baseRussia alikaze liphile kwamanye amazwe. Abakwazi ngaboHlanga abantu ababebabona kuthelevishini noma ngezinto abebezizwa zishiwo ngabo. Kwakunzima-ke ngoba nobuchwepheshe besimanje babusangenisa,” kulandisa uSibaya.
Empilweni yakhe yebhola uzuze izinto eziningi. Ubekhona ngowezi-2002, iBafana idlala Indebe yoMhlaba eKorea/Japan. Akazange asale ngaphandle nangowezi-2010 ngesikhathi elakuleli lisingatha eyomhlaba.
“Umsebenzi wami ngangiwuhlonipha ngendlela eyisimanga. Kwakuyiphupho lami ukudlala ezingeni lomhlaba. Ngangingadlaleli udumo. Ngangidlala ngothando. Yingakho ngangingazithathi njengosaziwayo. Ibhola alizange lingiguqule. Umuntu enganginguyena ngaphambi kokuthi ngidlale ibhola ngisawuyena ngisho sengidlala ezingeni elikhokhelayo. Uma ngihlezi nabangani bami kwakuba yinto efanayo. Sasilingana sonke. Ukuzehlisa kwangisiza kakhulu ngoba ngangizobona ngifana njengawo wonke umuntu,” kuchaza uSibaya.
Kwelesizwe udlale imidlalo engama-62. Uthathe umhlalaphansi ngowezi-2013. Ngemuva kokuwagaxa emgibeni kuke kwavela ukuthi usengumfundisi eZayoni.
“Angiyena umfundisi ebandleni kodwa ngingakuqinisekisa ukuthi ngiwumuntu oyithandayo inkolo. Isonto ngikhule ngalo. Likwazile ukungiqoqa. Namanje ngisaya esontweni ngoba nginobudlelwano obuhle kakhulu noMdali. Konke okuhle okwenzeka empilweni yami kungenxa yakhe,” kusho uSibaya.
Lapha eNingizimu Afrika, uqale ukuzakhela ugazi esagijima kuJomo Cosmos ngaphambi kokuthi alibangise phesheya kwezilwandle. Ubuye wadlala kuMoroka Swallows amasizini amathathu.
“Ngisekhona ebholeni. Njengamanje ngingumqeqeshi kuKZN Academy. Lena yindlela engibuyisela ngayo emphakathini wangakithi. Ngeneme ngokuthi isikhungo sesikhiqize abadlali abaningi abayibamba emazweni aphesheya kwezilwandle. Lokhu kuyayigculisa inhliziyo yami. Phela ukuze iBafana ikwazi ukudlala emiqhudelwaneni emikhulu kumele sibe nenqwaba yabadlali abagijima phesheya. Ngesikhathi sami kuBafana besishaya ngenqwaba yabadlali abagijima kumaligi aphesheya. Lokhu kwayisimamisa kakhulu iBafana,” kubeka uSibaya.
I-KZN Academy ezinze eThekwini, iyona ekhiqize uThabo Cele osanda kuthola iqembu ePoland, uSiphephelo “Toure” Sithole ogijima kuligi enkulu ePortugal kube uSimo Mbhele oyibamba kuLamontville Golden Arrows nabanye abaningi abadlala ezinkulisa zasePortugal.