Now Reading
OwaseManchester ubhekwe ngabovu kule mpelasonto
Dark Light

OwaseManchester ubhekwe ngabovu kule mpelasonto

Yize emaningi amaqembu abizwa ngokuthi makhulu kuligi yase-England, i-English Premier League (EPL) kodwa cishe umdlalo othathwa njengomkhulu kunayo yonke ilapho kusuke kutholene khona omkhaya baseManchester.

IManchester United neManchester City bazotholana phezulu emdlalweni weligi ozokuba kusasa, lo mdlalo uzobanjelwa e-Old Trafford okuyinkundla yeMan United.
Lo mdlalo ungomkhulu kakhulu eminyakeni edlule kugqame kuwona abadlali abafana noWayne Rooney okunguyena oseke washaya amagoli amaningi, ali-11, uma etholene phezulu la maqembu. Ngeke bashiywa ngaphandle oSergio Auguero, uRyan Giggs oseke wadlala imidlalo eminingi.

Okuyikho okuqinisekisa ukuthi kuzoguga utshani e-Old Trafford ukuthi lo mdlalo uzodlalwa uthamelwe abalandeli, kwagcina ngesizini yangowezi-2019/20 lokho kwazise abalandeli bebengavumelekile enkundleni ngenxa yokhuvethe.

IMan City okuyiyo ephethe isicoco iza kulo mdlalo nje imanxebanxeba njengoba imangaze abaningi ihlulwa ekhaya iCrystal Palace eqeqeshwa uPatrice Vieira, ngamagoli amabili eqandeni. IMan United yona iza kulo mdlalo ihambela phezulu njengoba ibhaxabule iTottenham Hotspur ngamagoli amathathu eqandeni ekuhambeni.

Abadlali okulindeleke ukuthi bagqame kulo mdlalo, ohlangothini lweMan United kubhekwe uCristiano “CR7” Ronaldo, ohlangothini lweThe Citizens (iManchester City) kubhekwe uKevin de Bruyne.

URonaldo: Lo mdlali wasePortugal uzobe ebhekwe kakhulu njengoba ezobe eqala ukudlala umdlalo womkhaya kusukela ahamba ngonyaka wezi-2009 ejoyina iqembu laseSpain iReal Madrid. Usefomini eyisimanga njengoba elokhu eqhubekile nokuhlohla amagoli ikakhulukazi emqhudelwaneni i-UEFA Champions League. NgoLwesibili usize leli qembu lathola iphuzu e-Italy kade libhekene ne-Atalanta. Kuligi emidlalweni eyisi-7 ushaye amagoli amane, ku-UEFA Champions League khona udlale imidlalo emine washaya amagoli ama-5.

See Also

UDe Bruyne: Akadlile ngokushaya amagoli kodwa into ahlezi egqame ngayo ukuwakhanda. Uma kudlalwa imidlalo emikhulu ujwayele ukuthi agqame, okuwubufakazi balokho ngesikhathi kutholene phezulu iMan City neLiverpool FC uyena owayegqamile waze washaya negoli. Nakulokhu ubuchule bakhe buzobe bubhekiwe, ukuthi afake amabhola ayingozi ngasohlangothini lweMan United.

Okunye okuzobhekwa ubuchule babaqeqeshi bamaqembu womabili, okungu-Ole Gunna Solskjaer weMan United noPep Guardiola weMan City.
USolskajaer: Lo mqeqeshi uyakwazi ukubaluleka kwalo mdlalo kwazise uhlezi ngesinqe esisodwa, ukube akekho uRonaldo ngabe kade ekhonjwe indlela. Kuzomele abophele iqembu alithembile ukuthi lingamtholela amaphuzu amathathu, okuhle ukuthi udlala ekhaya.

UGuardiola: Ekhuluma ngoLwesibili uthe lo mdlalo awukho mqoka kakhulu kunalo akade bewudlala ngoLwesithathu we-UEFA Champions League. Kodwa iqiniso uyakwazi ukubaluleka kwalo mdlalo, yize ezivikela ngokuthi vele iligi kusakude iphele iqembu lakhe eminyakeni edlule belinqoba iligi ngoba lisheshe lathola amaphuzu ngomzuliswano wokuqala.
Egcina ukutholana la maqembu kunqobe iRed Devils (iMan United) ngamagoli amabili eqandeni ashawa phakathi uBruno Fernandes noLuke Shaw.

Scroll To Top