Now Reading
Kumele sande isibalo sosoSayensi boHlanga kuleli
Dark Light

Kumele sande isibalo sosoSayensi boHlanga kuleli

Angisho ukuthi kunjani kodwa bengisika elijikayo. Kungenzeka angiboni ukuthi nami sengisemshungwini wezimfene ezihlekana iziphongo. Ngoba esikhathini esiningi kunezimo nezinto, esizithatha zihlaza, singanaki, singazibuki ngeso elingalena.

Kunososayensi abehlukahlukene ikakhulukazi bezempilo nezinkampani emazweni aseNtshonalanga, esingazi ukuthi bahlelani ezokwenzeka ngeminyaka ezolandela.
Uma sekwenzeke isifo bese siqambela amanga uMdali sithi uyena owenze lokho, naseBhayibhelini sithi kulotshiwe kulona ukuthi kuyokwenzeka. Kanti izifo sezihlelwa ngamavesi aseBhayibhelini noMdali yini?

Ngilana enombolweni yama-40, kungeyona yodwa, ukuba siyibukisise, ukuhlobana kwayo nezimo ezenzekayo emhlabeni. Ngabe sengikhumbula ukuthi siyaye singakhumbuli uma sekwenzeka, ukuthi okunye kwenzeka ikakhulukazi emva kweminyaka engama-40.

Ngaphenyaphenya emithonjeni yolwazi, ngaqondanisa ngabuka ngeso elibanzi iminyaka engama-40 nje kuphela. Ngenkathi saziswa eNingizimu Afrika, ngegciwane lobhubhane ukhuvethe, enyangeni uNdasa wezi-2020, elisabalele emhlabeni wonke kuze kube manje
Emlandweni sithola ukuthi kwakungeminyaka yowe-1940, kubikwa ubhubhane lwesifo uvendle, iPolio, esasesibheduke emhlabeni, senze umzimba ubenamathambo antekenteke, angaqini.
Zaqhamuka izinkampani zasemazweni aseNtshonalanga nomjovo iPolio Vaccine wokwelapha uvendle. Njengoba sizaqhamuka nakule nkathi nokuveza umjovo, iCovid-19 Vaccine, ukulawula igciwane lokhuvethe.

Kwasekuyiminyaka engama-40, ososayensi bezempilo, abezinkampani zaseNtshonalanga nakwamanye amazwe, beveza ukuthi uvendle lwaselwelapheka, ngomjovo iPolio Vaccine ekuqaleni kowe-1980.

Kwezwakala nezindaba zokuthi kwasekunolunye ubhubhane emhlabeni lwesifo sengculazi ngasekuqaleni kowe-1980.

Wayengekho owoHlanga (ngizibale nami) waseNingizimu Afrika, owayenolwazi ngengculazi kucace kuthi bha, kusukela onyakeni we-1980 kuya kowe-1990.

Kunezinsolo emphakathini zokuthi uHulumeni wedemokhrasi oholwa ngaboHlanga, bayasifihlela isizwe ngegciwane lokhuvethe. Yingakho kusenokunqikaza kwabanye ukuthatha umjovo wokhuvethe ukugomela leli gciwane.

Kwasekuqhamuke izindaba, zokusabalala emhlabeni kwegciwane lokhuvethe, emva kweminyaka engama-40, kusukela kwaba nesifo sengculazi. Kwezwakwala futhi nezindaba ezimnandi emithonjeni yokusakaza, enyangeni uNcwaba wezi-2021, ukuthi seluyathuthuka ulwazi,lokwelashelwa ingculazi.

Kungenzeka futhi ngokwenqubo yeNhlangano Yezempilo Emhlabeni, iWHO, nabaseNtshonalanga, igciwane lokhuvethe, lilapheke emva kweminyaka engama-40, okungowezi-2060.

Kunokungabethembi abamhlophe baseNtshonalanga uma kukhunjulwa umlando wokudodobalisa ukucabanga kwaboHlanga ngezinto abasicupha ngazo, okuwukuzenyeza uma sekufundiwe. Nanokuthi kunaboHlanga abangamfuni umuntu omnyama ofaka emiqondweni aboHlanga ukungazenyezi.

Kunenkulumo ethi, ‘New World Order’ ethandwa ngabafundile, bengayetshisi, bengeyona ingxenye yezinhlelo, ukuthi sekwahlelwa okuzokwenzeka emva kweminyaka engama-40.
Ngafunda ushicilelo olwalubhalwe ebhukwini iTribute yangenyanga uMbasa noNhlaba we-1987, ngesinye sezihloko esithi: “AIDS The African Connection”.

Ngafunda indaba ngengculazi ekhasini lama-74, ngingenalo noluncane ulwazi ukuthi kwakuyisilwane sini ingculaza.

Kafushane, kwakubhalwe ukuthi abelaphi ngokwaseNtshonalanga nabelaphi ngokwendabuko babehlangane eGoli esikhungweni iSA Institute for Medical Research, owawuholwa ngokumenywa nguDkt uRubin Sher enyangeni uZibandlela we-1986.

Kwakunento eyodwa eyayisezithebeni nababezobhunga ngayo. Kwakuwubhubhane lwesifo esasesibulale abantu abaningi emazweni angomakhelwane neNingizimu Afrika.

Kwakutholakale ocwaningeni lokuqala ukuthi babengama-34 abantu abasebebulawe ingculaza eNingizimu Afrika. Nokho wayengekho owoHlanga owayeyisisulu. Basebephumela obala bebalula izangoma, izinyanga nogobela ngokuthi bayizisebenzi ezinakekela impilo.

Babenokwesaba ukuthi sasizobulala abantu abaningi eNingizimu Afrika,uma kungase kugxegiswe ukuqaphwa kwemingcele. Kwaxegiswa ukuqaphwa kwemingcele ngelokhozi onyakeni we-1991, izwe lisaphethwe amaBhunu.

See Also

Banxusa uHulumeni wobandlululo lwamaBhunu, ukuba aqwashise, afundise umphakathi waseNingizimu Afrika ngesifo sengculazi singakasabalali. Sekuwumlando ukuthi azenziwanga izixwayiso nezifundo ngengculazi kugqame kuthi bha.

Kwaqala kusukela kowe-1991. Saba nolwazi ukuthi umhla lulunye kuZibandlela, wusuku emhlabeni lokuzwelana nabahaqwe isifo.

Ngiyafisa aboHlanga abafundile nabangafundile emikhakheni eyehlukene yempilo, bevumelana ngeqiniso ngelinye ilanga, ukuthi akukuningi okukopeliwe noma aziziningi izinto ezikopeliwe yithina phezu kokufunda okungaka.

Ngifise nokubona babebaningi aboHlanga abangososayensi kwezokwelapha, kwezokukhiqizwa kwemijovo, kwezikhulisakudla esikudlayo nesikuphuzayo abathi amakhemikhali.

Hleze kungaphela ukungabaza uma izinto sekwaziwa ukuthi ziqanjwe noma ziqhamuke kwaboHlanga base-Afrika.

Ziqina kakhulu nezinsolo uma kunomengameli,kunomholi,kunabantu abamnyama abasoleka sengathi, bahambisana nabanye abelungu, ngokungabakhuthazi aboHlanga bakubo ekuzisunguleleni izinto.

Asixhasane sikhuthazane singahlekani, silibele ukuthi wayethi wenzani. Uyokuthanda nawe ukubona kuvelela umuntu wasendaweni yangakini, ngokwenza into encomekayo ezweni alakheleyo.

Kuphezwe ukuvela komathelevishini kugxekwana, kunokungabazana bebodwa aboHlanga.

Scroll To Top