Now Reading
UThandiswa intokazi ezigqajayo yabeNguni
Dark Light

UThandiswa intokazi ezigqajayo yabeNguni

Kusukela ekuqaleni komlando wakhe kwezobuciko uNks uThandiswa Mazwai ubelokhu njalo ehamba phambili! Uzalelwe emakhaya e-Eastern Cape wakhulela eSoweto ngeminyaka yowe-1980 njengomunye wesizukulwane esabona ukubhidlika komthangala wombuso wobandlululo sakhulela ezweni lentando yeningi.

Njengendodakazi yezintatheli wayelokhu ezungezwe zincwadi nemiqulu yamaphepha eyabe ivalwe umbuso wenqubo yontamolukhuni. Lokhu kumenze wasiqonda kahle isimo sezwe lakhe ngokwepolitiki nempilo yaboHlanga nokumenze wakwazi ukukukhiphela emculweni wakhe ohlale njalo unomyalezo.

Emva kokuthola iziqu zakhe zeB.A. International Relations nesiNgisi eWits University, uThandiswa usebenzise lonke ulwazi lwakhe lokucula emakhwayeni esikole nawamasonto ngenkathi ebonakala okokuqala eMarket Theatre ngonyaka we-1993.

Akuphelanga sikhathi esingakanani wabe esecula neqembu leBongo Maffin nalapho amenywa yilo khona ukube acule phambili kulo ngowe-1997. Impilo yakhe emculweni yaguquka kakhulu. Iqembu leBongo Maffin linconywa njengeqembu lokuqala ukucula umculo wekwaito oxutshwe nehip-hop, ireggae kanye nomculo wesegqi sehouse ohlabahlosile.

Leli qembu labaculi abathathu abahamba phambili lidume kakhulu laze lakhiqiza amacwecwe alo amahlanu. Yingale nkathi lapho limenywe umhlaba wonke lidlala emazweni aphesheya kuchwaze izihlwele.

Ngonyaka wezi-2004 kubungazwa iminyaka eyishumi yentando yeningi uThandiswa waziveza njengohamba phambili ezintokazini zomculo lapho eqhamuka necwecwe lakhe esecula yedwa. Lapho-ke wakhipha ulozolo lwecwecwe iZabalaza, eyayinongwe kamnandi ngemisindo yesigqi sakuleli lizwe nalapho ashadisa khona kamnandi indlela yokucula kwamaXhosa nemisindo yesimanje. Icwecwe lashisa izikhotha ezwenikazi i-Afrika, e-Europe naseJapan.

Lokhu kwalandelwa umklomelo weKora 2004 Award eqoqweni iBest Female Artist kwathi ngonyaka wezi-2005 wazuza indondo yeSA Music Awards kuBest African Contemporary Album kanye neBest Female Artist.

See Also

Lokhu kwamenza waze wafaniswa noMama uMiriam Makeba nokwalandelwa ukuthi asayinwe ngaphansi kwenkampani yase-USA nokwamenza wazungeza leli lizwe elekelelwa iqembu leBongo Maffin. Kweminye yemiklomelo yakhe kukhona neyamaMetro FM Music Awards.
Emculweni usecule esiteji esisodwa nezingwazi ezifana noStevie Wonder, uMarley Clan, iLadysmith Black Mambazo, uChaka Khan, uSean Paul, uSteel Pulse, uSkunk Anansie nabanye abaculi abaningi. Icwecwe lakhe lesibili elithi, Ibhokwe (2009) lamzuzela igolide ngokudayiswa kwalo kanti iDVD yakhe ethi, Dance of the Forgotten Free (2010) yamzuzela umklomelo weBest Female Artist nowe Best Live DVD ngowezi-2011. Uze wanconywa nayiphephendaba laseLondon, iThe Guardian limbiza njengomculi ovelele waseNingizimu Afrika kwabesifazane besimanje.

Umculo wakhe uthandwa kakhulu kanti umenze waba yingxenye yabaculi abacula kakhulu ngesikhathi kubungazwa umcimbi we-2010 FIFA World Cup Opening Ceremony kuleli kanti useke wacula futhi esikhungweni esiphezulu seThe Apollo (New York), kuWOMEX, iCannes Film Festival, iMidem, i-Africa Brazil Festival, iFESPACO Film Festival, iBBC World Music Awards kanye nakumakhonsathi eMandela 46664. Useke waqopha nabaculi abafana noMeshell Ndegeocello beqopha icwecwe iThe World Has Made Me the Man of My Dreams, nelaqokelwa kumaGrammy 2007. Lapha ekhaya uqophe ngempumelelo noHugh Masekela, iStimela noMama uBusi Mhlongo ukubala abambalwa. Ngonyaka wezi-2012 uqophe noPaul Simon eHyde Park yodumo eLondon ebungaza iGraceland 25 Years.

Impumelelo yakhe emculweni itshengisile ukuthi kubaluleke ngani ukuba iciko libe nemfundo futhi likuqonde elikwenzayo lisekwe ulwazi ngemboni elikuyo. Yikho nje elokhu enempumelelo enhle emculweni futhi eyisibonelo esihle kwabesifazane abaningi abafisa ukungena emculweni.

Scroll To Top