Umcwaningi ubona izithukuthuku zenja kuSADC ngenxa yoBukhosi e-Eswatini



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
ISouthern African Development Community (SADC) ithe iNkosi yase-Eswatini uMswati III – iNkosi yokugcina ehola izwe lonke isamukele isidingo sokuba kube nezingxoxo kuzwelonke ngemuva kwemibhikisho emele intando yeningi kule nyanga. Izithunywa ezivela eNingizimu Afrika, eNamibia, eBotswana kanye neqembu lesifunda (SADC) bavakashele e-Eswatini ngoLwesine nangoLwesihlanu futhi bahlangana neNkosi, uNdunankulu, izinhlangano zomphakathi, izinyunyana kanye nabanye, kusho iSADC esitatimendeni.
“INkosi uMswati III isamukele isidingo sezingxoxo zikazwelonke. Nginxusa ukuthi kube nokuthula, ukuzibamba, ukuhlonishwa komthetho kanye namalungelo abantu kuzo zonke izinhlangothi ukuze inqubo iqale,” kusho uMengameli waseNingizimu Afrika uCyril Ramaphosa esitatimendeni ngokwesikhundla sakhe njengoSihlalo wohlaka lwezepolitiki lweSADC.
INkosi ihlela ukubiza umhlangano lapho abantu bezobeka khona izikhalo zabo, kusho omele iNkosi etshela umsakazo wezwe. “Abantu mabaqhubeke nomzabalazo wokulwela izwe elikhululekile nelinentando yeningi,” kusho uWandile Dludlu, uNobhala Jikelele weqembu eliphikisayo iPeople’s United Democratic Movement (PUDEMO), etshela abezindaba.
Intukuthelo ebhekiswe kuMswati III oneminyaka engama-53 ibisineminyaka ikhula. Abakhankasi bathi iNkosi ibilokhu ingazinaki izicelo zokuthi kwenziwe izinguquko ezazizoguqula i-Eswatini, eyayaziwa ngokuthi kuseSwaziland kuze kube unyaka wezi-2018, ibheke entandweni yeningi.
INkosi iyaziphika izinsolo zombuso wobushiqela kanye nokusebenzisa imali yomphakathi ukuxhasa impilo yobukhazikhazi esizweni esimpofu esinqamula iNingizimu Afrika. Ngenyanga uNtulikazi , iNkosi yabiza imibhikisho emelene nombuso wayo “ngekaSathane”. Imibhikisho yakamuva ifake imibhikisho ezikoleni eyenziwe ngabafundi, abashayeli bamabhasi abavimbe imigwaqo kanye namamashi ezinyunyana.
Umbiko wamaphoyisa ngokubhikisha kwabasebenzi bakaHulumeni ngoLwesithathu uthe abezokuphepha badubule umbhikishi oyedwa ngenhlamvu yenjoloba, kodwa amaphoyisa abengenalo irekhodi lokufa kwabantu ngesikhathi sezinxushunxushu.
UHulumeni uyalele inkampani yezingcingo ukuthi bagweme ukungena enkundleni yokuxhumana uFacebook naku-App yayo uMessenger; lokhu kushiwo uphiko lwenkampani yezingcingo iMTN Group kuleli sonto.
IPeople’s United Democratic Movement (PUDEMO) Eswatini inethemba lokuthi izithunywa ezithunyelwe nguMengameli uRampahosa zizoletha ushintsho kulelo zwe. Ukuthunyelwa kuza ngesikhathi udlame nezinsolo zokwephulwa kwamalungelo abantu ziqhubeka phakathi kwemibhikisho elwela inkululeko.
IPUDEMO ithi iNkosi uMswati III kufanele iphoqwe ukuthi izibeke phansi izintambo zokuhola leli lizwe njengoba abantu base-Eswatini bezimisele ngokuguqula izwe. UMengameli wePUDEMO, uMlungisi Makhanya uthe iNingizimu Afrika kumele ibeke unswinyo eNkosini.
“Uma iSwaziland izoguquka, yithina okumele sikwenze sinentshisekelo futhi sizokwenza.
Kunotshalomali olubonakalayo ezindaweni eziningi eNingizimu Afrika. Izingane zakhe, izihlobo zakhe zifunda eNingizimu Afrika. Uma iNingizimu Afrika ingavuma ukusho ukuthi izocubungula unswinyo lweNkosi nalabo ababhekene nokubulawa kwabantu e-Eswatini. ISwaziland izoguquka kusasa. Ngakho-ke sicabanga ukuthi iNingizimu Afrika ingasisiza.”
UMcwaningi Omkhulu e-Institute for Global Dialogue uFaith Mabera uxwayise ngokuthi ukuthunyelwa kweSADC e-Eswatini akunakwenzeka ukuthi kuphumelele ngenxa yokuzimisela koBukhosi ukubukela phansi yonke imizamo yokungenelela.
Esikhundleni sakhe njengoSihlalo woPhiko Lwezokuvikela, Ezombusazwe Nezokuphepha lweSADC, uMengameli uCyril Ramaphosa uqoke izithunywa ezizoya e-Eswatini ngoLwesihlanu. Kubalwa owayenguNgqongqoshe weKhabhinethi uJeff Radebe nePhini likaNgqongqoshe Wezobudlelwano Namazwe Omhlaba uCandith uKaMashego Dlamini.
Ukuqokwa kwalaba bantu kuza njengoba isimo kubikwa ukuthi sesonakele e-Eswatini kanti iSwaziland Solidarity Network ithi abantu abayisikhombisa sekuqinisekisiwe ukuthi bashonile kwathi abanye abangama-80 balimala. Ababhikishi abasembusweni bafuna ukuthi kudedelwe amalungu amabili ePhalamende aboshwa ngoNtulikazi.