Now Reading
Usebenzisa umkhathi uHulumeni wase-Ethiopia ukubhekana nezihonga eTigray
Dark Light

Usebenzisa umkhathi uHulumeni wase-Ethiopia ukubhekana nezihonga eTigray

I-Ethiopia ihole ukuhlasela ngokwasemkhathini kabili eTigray ngeSonto njengoba uHulumeni eqinisa umkhankaso osube yisonto lonke wokuhlasela ngamabhomu emoyeni ombutho ohlubukayo aphethe iningi lesifunda.

Esinye sezigameko zokuhlasela kube ngesenzeke entshonalanga neTigray eMai Tsebri, siqonde endaweni okuqeqeshwa kuyo iTigray People’s Liberation Front (TPLF), kusho okhulumela uHulumeni uLegesse Tulu.

Okunye ukuhlasela ngokwasemkhathini kuqonde idolobha elisenyakatho neTigray e-Adwa, ebhekise esikhungweni sezempi esilawulwa yiTPLF, kusho uHulumeni esitatimendeni.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi kube khona ukuhlasela komoya okuyimpumelelo eMai Tsebri ebhekise lapho kuqeqeshwa khona abantu abaqashwe ngokungemthetho iTPLF kanye nedepho yezikhali ezinkulu,” kusho uLegesse.

Akakwazanga ngokushesha ukuqinisekisa lesi simangalo njengoba ezokuxhumana ziphansi kuyo yonke iTigray eshaywe yimpi. Okhulumela iTPLF uGetachew Reda utshele abezindaba ukuthi ukuqinisekisile nozakwabo ukuthi ukuhlaselwa ngokomkhathi kube khona eduze kwesibhedlela sendawo eMai Tsebri.

UGetachew uthe abekho abalimele futhi akanalo ulwazi ngokuhlaselwa endaweni ekuthiwa ikwa-Adwa.

“UHulumeni wenza kuzwakale sengathi sonke isifunda saseTigray siyisikhungo sokuqeqesha. Akuwenzi umqondo, asinazo zonke lezi zikhungo zokuqeqesha,” kusho uGetachew
“Namuhla e-Adwa, isikhungo seqembu labashokobezi iTPLF ebelisisebenzisa ukwenza imishini nakho konke kwezempi sicekelwe phansi ngokuhlasela ngokwasemkhathini,” kusho isitatimendeni esithunyelwe kuFacebook.

See Also

Amasosha ombuso wase-Ethiopia kanye namabutho athembekile kuTPLF alwe cishe unyaka wonke empini ngokwezibalo osekubulewe izinkulungwane zabantu yashiya abangaphezu kwezigidi ezimbili bedukile. Amakamu ababaleki iMai Aini ne-Adi Harush, ahlala izinkulungwane zababaleki base-Eritrea, zombili lezi zindawo zisendaweni eseduze neMai Tsebri.

ULegesse uthe amakamu ababaleki awathintekanga kulokhu kuhlasela. Abamele i-Administration for Ethiopia for Refugee and Returnee Affairs kanye ne-United Nations High Commissioner for Refugees abaphendulanga masinyane ezicelweni zokuphawula ngalolu daba.

Okudabukisayo ngalolu daba kanye nempi ekhona kuleli lizwe ngukuthi iningi labantu lizolimala, lishone noma liduke ngenxa yamachaphazelo ento angayeseki noma ayesekayo, iqiniso ngukuthi uma uHulumeni kanye nabahola isifunda saseTigray bethi bamele iqiniso futhi bamele abantu fanele baqonde futhi ukuthi ukuqhubeka kwempi kusho ukushona kwabantu nokufuduka kwabantu okusho ukuthi ngisho ungayinqoba impi kodwa uzohola bani uma abantu obubalwela nobulwa nabo sebeshabalele.

Scroll To Top