Engcupheni yokuba nguMengameli wehlandla elilodwa



UMoshoeshe uyintatheli engxile kwipolitiki nezomphakathi.
Kumuntu onjengoMengameli waseMelika, uMnu uDonald Trump (osesithombeni), lokhu kungaba yihlazo. Ungene kulesi sikhundla njengomuntu ozolungisa athi koniwe ngosopolitiki. Uthe engena wakubeka ukuthi umnotho njengosomabhizinisi uwazi kahle futhi yiwo azuwufukula ukuze abuyise ubungqwele beMelika. Konke lokhu bekwenza yena nabalandeli bakholwe yikuthi nakanjani bazolithola ihlandla lesibili. Leli themba belikhona ngisho yize bese kuyisikhathi izibalo zongoti zikuveza ukuthi angahle ehluleke, kulezi zinsuku zokugcina zokukhankasa ukwazile ukunyakazisa ezakhe.
Siye koshicilela kungakacaci ukuthi ubani onqobayo phakathi kukaTrump noMnu uJoe Biden kepha obekusobala yikuthi uTrump usethembele nasezinkantolo uma ngabe impi iyamphunyuka. Abalandeli bakaTrump kabachithanga sikhathi uma sebemuzwa ekhala ngokuthi wenzelwa phansi njengoba kubalwa njengoba baphikelele ezikhungweni behlome bezingovolo babhikisha phambili kwamahhovisi okhetho asePhoenix nase-Arizona.
Ozonqoba phakathi kwabo bobabili kufanele ahambe phambili ngezizinda zokuvota ezibalelwa kuma-270 njengoba bekusaqhutshekwa nokuvota ezindaweni ezifana neNavada nePennsylvania.
Yize lolu khetho lunesasasa ezweni jikelele njengoba kukhona abase-Afrika ababambe amazinyo ngozophumelela phakathi kwalabo abaqhudelanayo kodwa umhlaziyi wezepolitiki wakuleli uMnu uXolani Dube uthe yinoma ubani ophumelelayo phakathi kukaTrump noBiden kodwa abase-Afrika kufanele bazi ukuthi kakukho abazohlomula kukho ngoba iMelika izwe elingeke linikezele ngamandla elinawo emhlabeni jikelele.
“Engingakusho nje ukuthi phakathi kwabo bobabili kodwa oyophumelela uyohlala eqinisekisa ukuthi izwe laseMelika lihlala linamandla ngokomnotho wezwe nokuthi ubudlelwano abanabo ne-Afrika buncike ekuxhaphazeni i-Afrika,” kusho uDube.
Uthi noma ubani ongaphumelela akuzukuba usizo ngisho kubantu bakhona eMelika abamnyama, okuphambili nje kulo ukuthi lihlale kuyizwe elihlonishwayo.
USolwazi uBonke Dumisa ongumhlaziyi wezomnotho uthe sesiwubonile umehluko njengoba kuye kwaba nokuqina kwerandi elagcina ezinyangeni ezingaphezulu kweziyisikhombisa.
“Kufanele nikhumbule phela ukuthi ukukhahlamezeka kwedola kuyasihlomulisa thina ngoba sikhokha kancane uma sithenge impahla yangaphandle,” usho kanje.
Uthe kodwa ukunqoba kwamaRepublicans ngeke kusisize ngalutho njengoba aziwa ukuthi asazenza isiZulu izinto angondloviyangena yize namaDemocrats enjalo kodwa wona ayakwazi ukuzifihla.
“Ukhumbule ukuthi uTrump uyena lo obelokhu esisabisa ngokuphelisa i-African Growth Initiative eyaqalwa uBill Clinton waqhubeka nayo u-Obama. Okusho ukuthi amaRepublicans azicabangela wona wodwa,” kusho uSolwazi uDumisa.
Uthe ukukhahlamezeka kwedola kuzokwehlisa nentengo kaphethroli.