Now Reading
Isivumelwano sokuphehla amandla kagesi ukugwema ukunqindeka kwawo eGoli
Dark Light

Isivumelwano sokuphehla amandla kagesi ukugwema ukunqindeka kwawo eGoli

ICity Power ithe ifuna ukuvikela izakhamuzi zaseGoli ekucinyelweni ugesi njengoba kubuyile ukucinywa kukagesi eNingizimu Afrika. Isivumelwano sayo nenkampani ephehla ugesi iKelvin Power Utility senza ukuthi le nkampani ikwazi ukuphehla amandla amaningi kagesi.
Leli dolobha lingene esivumelwaneni esisha sokuthenga ugesi nenkampani kagesi yakwaKelvin engumkhiqizi ozimele, ekuqaleni kwale nyanga, ukuze unikeze ugesi owengeziwe emizini nasemabhizinisini aseGoli.

Kodwa-ke u-Eskom usaqhubeka nokucisha ugesi ngaphansi kwesigaba sesi-4 ezweni lonke futhi izakhamuzi zaseGoli ngeke zisale nazo njengoba lolu hlelo luqale ngoLwesibili kulo leli sonto. Okhulumela iCity Power, u-Isaac Mangena, uthe bazohambisana nohlelo lokucinywa kukagesi lwakwa-Eskom olukhona ukuze kuvikelwe ugesi kuzwelonke.

“Isinqumo sethu sokungacinyelwa noma sokungacimi ugesi sisekelwe eselulekweni sezobuchwepheshe sokuthi sizokwazi ukuqeda isigaba sokuqala nesesi-2 ngomthamo owengeziwe esiwuthole ngesivumelwano sokuthenga ugesi nenkampani iKelvin. Nokho sihlangane no-Eskom ngeSonto lapho bethule khona udaba oluzwakalayo lokuthi kungani idolobha kufanele lithobele futhi lisize ezinselelweni zabo zomthamo okubaphoqa ukuthi bacime ugesi ezweni lonke. Sivumelene no-Eskom ukuthi sizobheka izixazululo ezizokwazi ukubona iDolobha laseGoli esikhathini esizayo.”

See Also

Khonamanjalo, iSikhulu Esiphezulu kwa-Eskom, uJan Oberholzer wathi le nkampani kagesi isebenzisane neKhomishini Yokhetho ukuze kutholakale izindlela zokunciphisa ubungozi bokucishwa kukagesi ngesikhathi sokhetho loHulumeni Bendawo oluzobe lungoMsombuluko.
Le nkampani ephehla ugesi ithi lokhu kucinywa kukagesi kungenxa yokushoda kwamandla okuphehla ngenxa yokonakala okuningi ezindaweni eziphehla ugesi. Ithi amamegawathi angaphezu kwezi-15 000 alahlekile kugridi ngenxa yokuphuka kwawo futhi amandla engeziwe ayizi-4 900 awatholakali ngenxa yokulungiswa okuhleliwe.

Scroll To Top