Kuvuke inhlese yobuhlanga uNxesi ehambele eCape Flats



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UNGQONGQOSHE wezokuQashwa nezabaSebenzi, uThulas Nxesi, uthe ezinye izakhamuzi zaseMitchell’s Plain eCape Flats bezizimisele ukuphazamisa ukuxhumana kwakhe nazo mayelana nezichibiyelo zoMthetho Wokulingana Kwezokuqashwa.
UNxesi uchaze izinxushunxushu ezenzeke ngoMgqibelo wesonto eledlule njengezingaqondakali. “Kujwayelekile ukuthi uma abantu bezama ukuzikhangisa, benze idrama abebeyenza, bengena bephuma, baveze izinkinga bese bephuma. Bekucace bha ukuthi inhloso bekuwukuphazamisa, kodwa saqhubeka futhi labo abebefisa ukuveza izinkinga zabo, sikwazile ukuxoxisana ngalezo zinkinga.”
Ezinye izakhamizi zimsole ngokubeka eceleni amaKhaladi ezindabeni ezihlanganisa nokuqashwa. Izakhamizi eziningi ziphume ngemuva kokuveza izinkinga zazo ngesikhathi zixoxisana nongqongqoshe.
Omunye wabahlali, u-Asheeqah Pastor, okuvezile ukuthi udinwe ugane unwabu, “Ungqongqoshe uthe umthetho wokuqashwa ngokulingana ucacile kuzo zonke izinhlanga okumele ziqashwe kodwa ngaphansi kwekhala lethu ehhovisi lezabaSebenzi eMitchells Plain, bekukhona abasebenzi bohlanga kuphela abasebenzayo khona kanye nensizwa eyodwa yaseNdiya. Kuthe uma isibhekiswe kungqongqoshe noma sekuvezelwe uNgqongqoshe , kwabe sekuqala amaKhaladi kuphela ukusebenza khona”kuchaza umhlali.