Uphonsele iSAFA inselelo ngabalandeli uHugo Broos


Uphonsele inhlangano eyangamele ibhola eNingizimu Afrika, iSouth African Football Association (SAFA) inselelo umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ngemuva kokuqumba phansi i-Ethiopia eFNB Stadium emdlalweni wokuhlungela ukuzibekisela indawo kweyeNdebe yoMhlaba eseQatar ngonyaka ozayo.
IBafana igcine inqobe ngeli 1-0. Njengamanje iyona eqhwakele ngamaphuzu ayishumi ngemuva kwemidlalo emine. Kulo mdlalo abathandi bebhola babuyele okokuqala ezinkundleni ngemuva kwesikhathi esingangonyaka nezinyanga bengabonwa nangokhalo ngenxa yokhuvethe.
ISafa nomnyango wezempilo bebebeke umbandela wokuthi kungene abalandeli abagomile kuphela enkundleni. Umdlalo ubuthanyelwe ngabalandeli abangama-2 000.
Umqeqeshi weBafana uBroos uzwakale ejabule ngokubuya kwabalandeli ezinkundleni.
“Ngihlalele ethembeni lokuthi emdlalweni wethu olandelayo esizowudlala neZimbabwe sizobona isibalo sabalandeli sengezwa. Phela uma kuqhubeka umdlalo njengeqembu niyaba neziwombe lapho nenza khona amaphutha futhi kulapho-ke nidinga khona abalandeli ngoba bayakwazi ukunifaka umdlandla. Ngaleyo ndlela nani njengeqembu nithola umfutho,” kubeka uBroos.
IBafana ayiyazi induku kusukela uBroos ethathe izintambo zokupheka iqembu.
“Akesethembe ukuthi emdlalweni olandelayo sizobona abalandeli bephindaphindwe amahlandla alishumi (20 000) uma uqhathanisa nesibalo sanamuhla. Uma kungafezeka leso sifiso sami, impela kuyobamnandi,” kuqhuba uBroos.
Ngenyanga ezayo iBafana izodudulana neZimbabwe eFNB Stadium ngomhlaka zili- 11 kuLwezi bese ivala imidlalo yamaqoqo neGhana ekuhambeni ngomhlaka zili- 14 kuLwezi.
Iqembu elizoqeda esicongweni lizodlulela kweyokuhlunga. Imidlalo yokuhlunga inemilenze emibili. Iqembu elinqoba lapho lidlulela kweyeNdebe yoMhlaba.
“Kancane kancane siyabona lapho sibheke khona. Manje senginaso isithombe sokuthi yibaphi abadlali esizosebenza nabo ezinyangeni ezizayo. Nokho lokho akusho ukuthi abanye abadlali abasenalo ithuba. Sisaqhubeka nokubheka abanye abadlali abenza kahle. Asakhona amabhawodi axegayo eqenjini lethu. Lokho akuyona into embi. Sinezinyanga ezimbili sisebenza naleli qembu. Ngakho kungaba wumlingo wodwa ongenza ukuthi yonke into iqonde. Njengethimba labaqeqeshi kumele siqhubeke nokuya ezinkundleni sibuke imidlalo eyahlukene. Njengamanje sekusele kancane ukuthi sithole iqembu esizosebenza nalo eminyakeni ezayo.” kuphetha uBroos.