Sidalula izizathu zokushiya kukaShaun Bartlett kuTS Galaxy
ElaboHlanga lihoshe umoya kwabasondelene neqembu ukuthi uBartlett akasekho kumaRockets. “UBartlett ufake incwadi yokusula ngempelasonto. Akasesiyona ingxenye yeTS Galaxy. Ubebona sengathi ukufika kwabaqeqeshi abasha kuzokwenza umsebenzi wakhe ungabe usabonakala eqenjini. Yingakho ekhethe ukuthi kuhlukanwe kusekuhle,” kubeka lo mthombo.
IGalaxy isanda kukhomba indlela obengumqeqeshi u-Owen Da Gama nobecija onozinti uLucky Shibura. Ngemuva kwalokho, iGalaxy iqashe uSead Ramovic ukuzovala indawo kaDa Gama kwathi uGreg Etafia wavala isikhala sikaShiburi.
Akuphelanga sikhathi esingakanani, iGalaxy yaletha uMensur Dogan osengumqondisi wezinhlaka zeqembu. UDogan uzophinde asize noRamovic.
“UBartlett ubekholwa wukuthi usekulungele ukuthatha izintambo zokuqeqesha. Indaba yokuba yiphini ngemuva kokuhamba kukaDa Gama ubengayizwa. Yingakho ethathe isinqumo sokushiya,” kuqhuba lomthombo.
IGalaxy ibambe ibhuleki ku-log yeDSTV Premiership. Ayikaze inqobe emidlalweni eyisithupha. Iqunjwe phansi yiStellenbosch FC, Mamelodi Sundowns, Royal AM neSekhukhune United.
“UBartlett akuyena kuphela ohambile kodwa noSimone Conley obevocavoca iqembu akasekho. Yena ubengayizwa indaba yabaqeqeshi abasha. Abaphathi bayitholile indaba base bethathe isinqumo sokuthi kuhlukanwe,” kubeka le mpimpi.
UConley noBartlett babefike noDa Gama ekuqaleni konyaka kuGalaxy. Kuthintwa uMinenhle Mkhize wezokuxhumana eqenjini ukhale ngokuthi usasemhlanganweni wathi akabuye athintwe kodwa ngemuva kwalokho ucingo lwakhe bese lukhala lungabanjwa.
Imizamo yokuthola uBartlett nayo igcine iphunzile ukuqinisekisa lezi zindaba.
UBartlett nguyena obehlezi ebhentshini ngesikhathi iGalaxy ishaywa ngomakoti iSekhukhune emdlalweni weligi ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini lemidlalo yamazwe.
IGalaxy izobhekana naMaZulu neMaritzburg United emidlalweni emibili elandelayo.