Now Reading
Amathemba aphezulu ngeyomhlaba kuProteas
Dark Light

Amathemba aphezulu ngeyomhlaba kuProteas

Ingwazi yeProteas uJustin Kemp ibona iqembu lesizwe lakuleli lisethubeni elihle lokubuya neNdebe YoMhlaba e-United Arab Emirates (UAE) nase-Oman.

Elakuleli liboshelwe eqoqweni elinzima nezikhondlakhondla zamazwe okubalwa kuwona i-Australia, i-England, iWest Indies namanye amazwe amabili asazoqinisekiswa. IProteas izovula ne-Australia zingama-ka 23 kuMfumfu eSheikh Zayed Cricket Stadium, eDubai ngelesi-2 ntambama emdlalweni obhekwe ngamehlo abomvu.

UKemp oyibambe eNdebeni YoMhlaba neProteas ngowezi-2007 utshele elaboHlanga ukuthi elakuleli linawo amathuba okuqeda isomiso eNdebeni YoMhlaba.

“Isikhathi esiningi iProteas ahlale eya eNdebeni YoMhlaba ethwelwe ngeqoma. Lokho kukodwa kunifakela ingcindezi njengeqembu lesizwe ngoba wonke amehlo asuke ethe njo kinina. Phezu kwalokho amanye amazwe nawo azinikela ngokuphindiwe uma edlala nani ngoba azi ukuthi kubhekwe lukhulu kinina. Yebo, iProteas ashaye iWest Indies, iSri Lanka ne-Ireland ngaphambi kwale Ndebe YoMhlaba kodwa namanje akekho owanakile. Abathandi bekhilikithi babheke amazwe afana ne-England, iWest Indies, i-India ne-Australia. Lokhu kungawasiza kakhulu iProteas ekutheni adlale ngokukhululeka,” kusho uKemp.

IProteas asalwa neshobolo leminyaka engama-29 ehlulwa wukunqoba iNdebe YoMhlaba.
“AmaProteas asekhombisile ukuthi ayakwazi ukumelana nengcindezi. Ashaye abavikeli besicoco esibayeni sabo, iWest Indies bebophele bonke abadlali babo abamqoka. Baye eSri Lanka nakhona bafike bawina kalula. Lokhu kukodwa kusidweba sicace isithombe sokuthi sineqembu elinomoya wukunqoba. Okuhle wukuthi izinkundla zaseSri Lanka naseWest Indies azehlukile kakhulu kunalezi ezizobe zisetshenziswa eDubai nase-Oman. Amaspinner ethu asefomini okuyinto enhle ngoba sizowadinga kakhulu. Yiwona azoba ngukhiye ekutheni sibuye neNdebe YoMhlaba,” kubeka uKemp.

IProteas alifulathele elakuleli alibhekisa eDubai ekuqaleni kwesonto. “Into ebisangikhathaza yindlela esishwiba ngayo ngasekupheleni komdlalo. Nokho bayilungisile eSri Lanka nase-Ireland. Kumqoka ekutheni sizinswinye izitha ngasekupheleni komdlalo ukuze zingasifaki ngaphansi kwengcindezi. Ama-ova angasekupheleni komdlalo enza omkhulu umehluko ekutheni unqobe noma ushaywe. Yingakho sizobadinga abadlali abafana noKagiso Rabada noLungi Ngidi ekutheni basefomini enhle kulo mqhudelwano. Ngijabule ngoba bayingxenye ye-Indian Premier League,” kuchaza uKemp.

See Also

Ukaputeni weqembu uTemba Bavuma useluleme kulandela ukuthinteka esandleni ezakhe zibhekene neSri Lanka. “Isikwati esinaso sithakwe kahle. UQuinton De Kock ungomunye wabadlali abangasiwinela iNdebe YoMhlaba. Wenze kahle sidlale neSri Lanka. Indlela akwazi ukufaka ngayo izitha ngaphansi kwengcindezi ngasekuqaleni komdlalo izoba ngukhiye ekutheni sikwazi ukwakha isisekelo esihle ekuqaleni komdlalo. ENdebeni yoMhlaba uyamdinga lowo mdlali oyedwa uzobawumgomgodla weqembu. UDe Kock uyilolo hlobo lo mdlali.

Okunye okuzobaluleka wukushaya la mazwe amakhulu njenge-England, i-Indies ne-Australia. Ukushaya la mazwe kuzokukhulisa kakhulu ukuzethemba kwethu,” kubeka uKemp.

Scroll To Top