Izikhulu ezixoshwe e-Ethiopia zinyakazise i-USA



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Izwe i-USA ligxeka ukuxoshwa kwezikhulu eziyisikhombisa ze-United Nations (UN) e-Ethiopia, kusho uNobhala wezindaba eWhite House uJen Psaki ngoLwesine, exwayisa ngokuthi iWashington ngeke inqikaze ukusebenzisa unswinyo kulabo abaphazamisa imizamo yokusiza abantu ezweni.
Lokhu kuxoshwa kwamenyezelwa nguMnyango Wezangaphandle wase-Ethiopia ezinsukwini ezimbili ngemuva kokuthi umphathi wesigungu sale nhlangano ethe ukuvinjelwa kukaHulumeni kosizo lwabantu kungenzeka kwaphoqa amakhulu ezinkulungwane zabantu esifundeni esisenyakatho yeTigray ukuba babhuqwe yindlala.
“UHulumeni wase-USA ugxeka ngamazwi aqine ukwedlula konke uHulumeni wase-Ethiopia isenzo esingakaze sibonwe sokuxosha ubuholi bazo zonke izinhlangano ezingaphansi kweUN ezithintekayo emisebenzini eqhubekayo yokusiza abantu,” kusho uPsaki etshela abezindaba. “Lokhu kungukungcola konembeza bethu sonke, futhi kufanele kuyekwe.”
UPsaki unxuse uMkhandlu Wezokuphepha we-UN namanye amazwe ukuthi athathe izinyathelo eziphuthumayo ukucacisela uhulumeni wase-Ethiopia ukuthi ukuvimba imisebenzi yokusiza abantu akwamukelekile.
IWashington inxuse kaningi ukuthi kuphele izingxoxo zokulwa nokungqubuzana esifundeni esisenyakatho neTigray phakathi kwamabutho ombuso kanye nalabo abahambisana neTigray People’s Liberation Front (TPLF), iqembu lezepolitiki elilawula lesi sifunda.
Selokhu kwaqubuka le mpi ngoLwezi, sekubulewe izinkulungwane kwathi abangaphezu kwezigidi ezimbili babaleka emakhaya.
Ukulwa kwasabalala ngoNtulikazi kusuka eTigray kuya ezifundeni ezingomakhelwane zase-Amhara nase-Afar, kwasusa amakhulu ezinkulungwane zabantu. UPsaki uxwayise ngokuthi izinguquko ezingekho ezicacile nezingabonakali, i-United States izobeka unswinyo.
Uthe uHulumeni kaMengameli wase-USA uJoe Biden ulungiselela ukuthatha “isenzo esinolaka” ngaphansi komyalelo ophethwe ekuqaleni kwalenyanga ovumela iWashington ukuthi ibeke unswinyo emaqenjini asengxabanweni uma evimbela ukufinyelela kubantu, enza ukuhlukunyezwa kwamalungelo abantu noma enza impi ibe nde.
“Kumele sibone izinyathelo ezizwakalayo kungakapheli amasonto ukuqala izingxoxo ukuze kuzuzwe ukunqunyelwa phansi kokuxoxisana, sivumele ukufinyelela kwabantu okungaphazamiseki futhi siqinisekise ukuhlonishwa kwamalungelo abantu. Inqubekelaphambili engekho, sizothatha isinyathelo futhi sinezindlela zokwenza lokho,” kusho uPsaki.