Now Reading
Iphinde yanya yazininda iDA kutshikiza uhlanga
Dark Light

Iphinde yanya yazininda iDA kutshikiza uhlanga

Ngesikhathi kukhona abathi isenza kahle emikhankasweni yokhetho kubukeka iqembu elikhulu kwaphikisayo selibuyele odakeni kanti njengokwejwayelekile lizininde lona. Sekuyiminyaka leli qembu lizama ukuziqeda iququ lobuhlanga nelithukwa ngalo nsuku zaphuma.

Kule mizamo yalo kuthi kusahamba kahle nalo selikukholwa lokhu elikusho ngalo ukuthi kalicwasi bese kusuka isivunguvungu imvamisa kubaholi bayo abaphimisa amagama aba luhlwayana kwaboHlanga. Kulokhu kwakamuva indaba iqale ngezingqwembe zokhetho ezifake elokishini lamaNdiya iPhoenix.

Lezi zingqwembe obekuhloswe ngazo ukunyundela iqembu elibusayo iDA ibhale yathi; “The ANC called you racists. The DA calls you heroes” okuwukuthi; “I-ANC yanibiza ngabacwasa ngobuhlanga. IDA ithi ningamaqhawe.” Okungabanga yimfihlo kulokhu yikuthi lapha iDA ibiyedlulisa umlayezo emphakathini wamaNdiya nosolwa ngokubulala aboHlanga. Umbuzo okubantu abaningi ngothi ngabe ibikuphi ingcindezi njengoba amaNdiya kayexwayi iDA uma kuvotwa.

Okubuye kwathela uphalafini emlilweni kube wukuphawula komholi weqembu obexinwe ngabezindaba ngalokhu. Ephawula uMnu uJohn Henry Steenhuisen uthe ngeke baxolise ngoba lomlayezo awumubi.

Ngakolunye uhlangothi loyo osolwa ngokuba ngubhongoza ukhiphe isitatimende izolo nesiphikisanayo naleso yena siqu sakhe wasikhipha lusaqala udaba kanye naleso esikhishwe ngumholi weqembu. Kuqala isonto uSihlalo weDA KwaZulu-Natal nobuye abe yilungu lePhalamende uMnu uDean Macpherson uthe akubanga naphutha wama ekutheni okubhaliwe kunjalo. Nokho zithe zingakehli emthini wabe esehlela ngezansi umfo kaMacpherson.

Esitatimendini sakamuva uthe iDA iphansi phezulu nezinhlelo zokuyosusa izingqwembe lezi.
“IDemocratic Alliance imatasa isusa izingqwembe KwaZulu-Natal, okubonakala zinokuhlasela. Emizamweni yami emsulwa yokuhlonipha isibindi nobuqhawe bezakhamizi ezithobela umthetho asala ukuba azitabalasele ngesikhathi semibhikisho yangoNtulikazi, ngeshwa izingqwembe zihlukumeze abanye abantu. Ngiyadabuka futhi ngiyaxolisa ngalokhu.”
Ube eseveza okumangazayo lapho ethi: “Zonke lezi zingqwembe bezinganikezwanga imvume ngumholi weDA, izinhlaka zeqembu kanye nethimba lalabo ababhekele ukhetho. Ngihlela ukuba zehliswe”. Lo musho ushiya umbuzo ukuthi uma kungesiyo iDA eyenze lokhu pho umholi wayo ubekhuluma aze avele amankanka nje ubevika liphi.

UMacpherson uzithethelele ngelithi: “Kwesinye isikhathi kupolitiki amagama ethu angakhetheka kabi, kodwa ngiqinisekisa umphakthi, ngaphandle kokuziphikisa, ukuthi izinhloso zami zihlala zingezimsulwa.”

Umlando uyaziphinda
Lokhu okwehlele iDA akuqali njengoba ike yaziluma ulimi nangaphambilini ngezinkulumo zabaholi bayo abafana noNkk uZille noMnu uLeon okwakunokukhala ukuthi ukukhuluma kwabo kunohlwayana. Okwakamuva nje uLeon uvuse imibuzo ngisho ngaphakathi kulo iqembu ngesikhathi ebeka inkulumo eyahumusheka ngokuthi uthi abaholi boHlanga zinganekwane nje. Obengumholi weqembu KwaZulu-Natal, uMnu uZwakele Mncwango wacashunwa ethi: “Ilinge elibhuntshile” kuthunaze indlela yokukhetha abaholi kuDA kwethuka ubuchule bazo zonke izithunywa ezingqungqutheleni.

See Also

“Isitatimende esithunazayo kithina sonke. Manje kubukeka sengathi bonke abaholi abanikezwe ithuba lokuhola kuDA bekungamalinge nje. Kufanele acacise. Ngabe kusho ukuthi usibopha ngasifociya sinye thina baholi boHlanga?” kubuza yena.

Uqhubeke wathi: “Uma eqonde ukuthi ukukhethwa kukaMmusi noma yimuphi umholi woHlanga kube yilinge, ngizokuthatha ngokuthi kuyisethuko kubo bonke abaholi boHlanga kuDA. Kuqonde ukuthi asinamsebenzi walutho noma asikwazi ukuhola.”

Kanti naye uLeon wake wathwala kanzima ngezikhangisi ngesikhathi eqhuba umkhankaso ayethi kuwo “Fight Back” yase iguqulwa kwathiwa ithi “Fight Blacks” nokwaba yinxeba izimbangi ezangena ngalo. Kulokhu kuzosho isikhathi ukuthi inye yazininda nje iDA ngabe izojeziswa yini ngabavoti nokuthi iyoke yini ithi kayicwasi njengoba seyiphinde yazigwaza ngowayo.

Scroll To Top