Abalandeli bangazithola besezinkundleni uma begomile


Kuqhilika izihlathi kumlandeli wokuqina we-Orlando Pirates uJoyce “Mama-Joy” Chauke ngokubuyiselwa kwabalandeli ezinkundleni. Ekuqaleni kwesonto inhlangano eyengamele ibhola eNingizimu Afrika, iSouth African Football Association (Safa) imemezele izindaba ezinoju ngokubuyela kwabalandeli ezinkundleni.
ISafa idalule ukuthi umdlalo weBafana Bafana ne-Ethiopa wokuhlungela ukuzibekisela indawo eNdebeni YoMhlaba eseQatar ngonyaka ozayo uzothanyelwa ngabalandeli abangu-2000 abagomile.
IBafana izodudulana ne-Ethiopia ngoLwesibili ngelesi-6 ntambama eFNB Stadium. UMama-Joy ongumlandeli wokuqina weZimmyama futhi ongasali emidlalweni yeqembu lesizwe ekhuluma nelaboHlanga uthe: “Isikhathi sikathanqa sisiphazamise kakhulu njengabalandeli bebhola. Thina ibhola lifana nempilo kithina. Liyindlela yethu yokuphila. Ukungayi ezinkundleni ngenxa yegciwane ukhuvethe kwenze kwangathi sesiphila kwelinye izwe noma komunye umhlaba. Kuyajabulisa kakhulu ukuthi sizokwazi ukuthamela umdlalo weBafana Bafana ne-Ethiopia. IBafana kuyiphazamisile kakhulu ukudlala ngaphandle kwabalandeli. Ize yagcina ihluleka wukuzibekisela indawo ku-Africa Cup of Nations,” kusho uChauke.
IBafana ihlezi esicongweni eqoqweni layo. Ngemuva kwemidlalo emibili isiqoqe amaphuzu amane. Ishaye iGhana ngeli-1 eqandeni yadlala ngokulingana neZimbabwe.
“Ukuvunyelwa kwethu ukuthi siyoseka iBafana kuzokwenza omkhulu umehluko. Iqembu lizothola umdlandla. Cishe sengiyihambele yonke imiqhudelwano emikhulu yamazwe kodwa angikaze ngithole ithuba lokubuka iBafana kweyoMhlaba emazweni engaphandle. Ngowezi-2019, bengihambe neBanyana Banyana kweyeNdebe YoMhlaba yabesifazane. Bengikhona naku-Afcon e-Egypt. Isifiso sami wukuyobuka iBafana bukhoma eQatar ngonyaka ozayo. Ngijabule nje ngokuthi sizoba yingxenye yomdlalo weBafana ne-Ethiopia. Lokhu kusinika inhlasi yethemba yokuthi isimo sesizobuyela kwesijwayelekile. Into esimqoka manje wukuthi abantu bagome,” kuqhuba uChauke.
Imidlalo yeligi ibidlalwa ngaphandle kwabalandeli eMzansi selokhu kwahlasela leli gciwane.
“Akuphazamisekanga nje thina kuphela njengabalandeli bebhola kodwa nosomabhizinisi abasafufusa bathintekile ngoba abakwazi ukudayisa ezinkundleni. Bebenza enhle imali ngokudayisa emidlalweni yebhola ikakhulu ngowabakhaya baseSoweto phakathi kwe-Orlando Pirates neKaizer Chiefs. Uma kudlala imidlalo yebhola nohulumeli ubuhlomula ngoba emagaraji kaphethroli, izitolo zokudla nasemahhotela bekugcwala. Ukubuyela kwabalandeli ezinkundleni kuzowufukula nomnotho. Yingakho nje lezi zindaba zingijabulisa. Abantu abaye kogoma. Mina sengigomile futhi ngizobe ngikhona ngoLwesibili,” kusho uChauke.
Inkampani yezinkamba zikaFaro, iSAB exhase iBafana iyona ebikhokhela uChauke nabanye abalandeli uma iqembu lesizwe lidlala emazweni angaphandle noma kwezinye izifundazwe ezingaphandle kwaseGauteng.
“Selokhu sagcina ukuya ezinkundleni ngoNdasa ngonyaka odlule. Bekunzima kakhulu. Uma ngibuka umdlalo kuthelevishini bekungathi ngibukela amazwibela omdlalo. Manje isimo sesiyethembisa ukuthi sizobuyela kwesijwayelekile. Inhliziyo yami ijabule ngenye indlela njengoba abalandeli bezovunyelwa ukungena emdlalweni weBafana. Ngihlalele ethembeni lokuthi kuzoba yinto efanayo nasemidlalweni yeligi.” kuchaza uChauke.
Ngaphandle kokukholelwa yiSAB ngokuseka iBafana, lo mlandeli unenkampani yonogada.
“Ibhizinisi lami aliphazamisekanga kakhulu ngesikhathi sikathanqa. Inkampani yami igada ezitolo zokudla. Ngiphazamiseke kakhulu ngesikhathi abantu becekela phansi impahla bengena ezitolo ngodli betapa ukudla. Ngesikhathi sikathaqa ibhizinisi lami beliyibambile yize imali ithe ukwehla ngenxa yesibalo sabantu abebesebenza.” kusho uChauke.