Umfundisi waphika walala ngomhlane ukuthi uJesu wayemhlophe
Ngamkhunjuziswa umhlonishwa owayelawula uhlelo, mhla zingama-29 kuNcwaba wezi-2021, ebalula lo mfundisi, osukwini lwangeSonto, enxanxatheleni yezitolo iWestville Pavilion Mall, kwenye yamaNu Metro. Kwakuqhakanjiswa ilokishi iChesterville ngokuqeda iminyaka engama-76, selokhu kwahlaliswa aboHlanga.
Isikhulumi esasiqavile kwakuNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu uSihle Zikalala. Kanti sonke samukelwa yiMeya yaseThekwini uMnu uMxolisi Kaunda kanye nababengekho emcimbini.
Kunemibhalo engayelamelayo eLocal History Museum yaseThekwini, ukuthi umhlaba okwakhiwe iChesterville kwakulinywe uphayinaphu. Njenganelokishi KwaMashu elakhiwa emasimini omoba.
Indaba nomfundisi womlungu yaqala mzukwana ngifunde umbono ephephandabeni eselingasekho, UMAFRIKA Vol.77- No.4463, 21 1987, ngesihloko esasithi: Umpriste omhlophe uphika ukuthi uJesu wabe emhlophe.
Kwakungumfundisi wamaKhatholika uDuncan W. McKenzie, OMI, ababethi, ababebhala bethi wayengowesifundabhishobhi samaKhatholika aseThekwini. WayeseSt.Anne’s Mission Roman Catholic Church, eChesterville, eliqondene nasemathuneni iMayville abizwa ngokuthi iseziNkawini.
Wayecakule ukuthi kwakungamanga aluhlaza ukuthi uJesu wayemhlophe. Wayenebala elimnyama ngobufakazi bemephu. Wakhiphela intatheli u-Ignatius Mdadane imephu. Wayikhombisa iNingizimu Afrika, wakhomba i-Egypt, naseJerusalem. Abantu bakhona bengakaxubi, babenebala elimnyama. Ngokunjalo noJesu wayemnyama.
Wathi “Musani ukuvuma ukukhohliswa ukuthi uJesu wayemhlophe. Lokhu kuyimfundiso edukile, ibe yenziwa ngamabomu yibo abelungu, ngoba befuna ukuba yonke nje into enhle kuthiwe ifana nabo, kanti bashaye phansi ngoba uJesu wayengemhlophe, wayensundu. Kwawona lamaJuda asexubile kakusewona amaJuda ngokuphelele, ayefana ngesikhathi sikaJesu”.
Wenaba ngokuthi kwakuwudukisa nokubehlisa isithunzi aboHlanga ukuthi babekhonza amadlozi. Ayengabaxhumanisi noMvelinqangi. Kwakuyiphutha ukudweba usathane abemnyama. Wayezithakazela ngabakwaMkhize. Kwakuphetha udaba yintatheli u-Ignatius Mdadane, owayedume ngelikaZondisiqatha, wayengumnewabo kaMusa ‘uJoe’ Mdadane.
Ngawagcina lawo makhasi oMAFRIKA ayenombono kaMcKenzie angowe-1987, nawami angowe-1988, awasekolishi leBhayibheli elangifeyilisa ngowe-1980.
Ngabhala umbono kuMAFRIKA, ngivumelana noMcKenzie. Washicilelwa ngesihloko esithi: Nifunda iBhayibheli nifulathele bazalwane UMAFRIKA Vo.77-No.4475,13 Nhlolanja 1988.
Abafowethu babefunda iBhayibheli bafulathele abazalwane, uma sebeqede ukulifunda babheke ngakubona. Njengoba babebhale ukuthi uMcKenzie wayedukisa abantu, ukuthi uJesu wayemnyama. Ukungagodli ulwazi yize ayemhlophe, ngangingaya esontweni.
Ngangincoma, ngangiqonda, ngangicacisa ngentuthuko kwezemfundo, kwezokwelapha, kwezolimo, kwezenkolo nezokuthandaza eyalethwa abamhlophe.
Ngaleyo minyaka (1987) kwakusenabantu abamnyama ababengazijwayezi nanamanje kusenaboHlanga abangazijwayezi ukufunda, ukuqhathanisa, ukuqonda, ukuba nolwazi ngemephu eseBhayibhelini neyamazwe, nokuthi uJesu wayemnyama. Hhayi ngokutshelwa, ukuze bangaluthwa ngeBhayibheli. UMcKenzie washadisa uMnu uNorman ‘uMahlomeka’ Petroski waseCzechoslovakia, eRussia nowesifazane woHlanga esasisebenza naye ngowe-1989. Abefundisi babelungu babemanqikanqika ukushadisa owoHlanga nomlungu.
Ngafeyiliswa isivivinyo sosuku esikoleni iZakhe Secondary School ngowe-1977, ngowayenguthisha weBhayibheli uMaZulu. Ngangithe iJerusalema yayiyinye ne-Afrika ngokweThestamente entsha eBhayibhelini. Kwakungawelwa ulwandle phakathi kweJerusalem ne-Ethiopia.
Ayidikizanga inqulu bengifeyiliswa, bengimisa ukufunda ngeBhayibheli ngeposi, yikolishi iThe Ambassador College Bible Correspondence Course, ngowe-1980. Nokungayizuzi idiploma noma iziqu ngeBhayibheli, owakuyiminyaka emithathu, ngolimi lwesiNgisi. Alingithumelanga izifundo nemibuzo ngeBhayibheli. Ngangizibuka sengikhohlisa ngeBhayibheli.
Lalingelenhlangano eyayishicilela iphephabhuku, iThe Plain Truth, eyayitholakala mahhala eziteshini zezitimela.
Saxatshaniswa umbono engawubhalela ikolishi, ukuthi ngangingahambisani namaKhrestu, ayethi ayengakholelwa emaphusheni.
Ngathi awangashalazi, awafundisise kahle incwadi kaMathewu isahluko sesibili, mayelana nephupho. Wayezobulawa uJesu ukube alifikanga iphupho kubazali bakhe nasezazini zasempumalanga. Ngabe ubuKhrestu uma iphupho laliyinto engekho.
Kwakuyiqiniso yini ukuthi uJesu wayemnyama, uma ubukisisa amazwe asemephini lapho ayephila, ayeshumayela kuwona, eJerusalem namanye ngokweBhayibheli, ayehlangene ne-Afrika. Abantu babengaluweli ulwandle besuka e-Ethopia beya eJerusalem ukuyodumisa.
Kwakungeyona indlela yasesikoleni esayifunda yokubhala nokufunda ulimi, okwakushunyayelwa ngayo iBhayibheli. Babeyiphula ngabomu, babelutha. Kafushane; ‘uJesu wasifela, okhokho bethu’ esikhundleni ngabe bathi ngokwasesikoleni, uJesu wabafela, okhokho babo.
Ngavakashela izinhlaka ezahlukene ukuba nolwazi ngeBhayibheli, ngiqonde, ngiqhathanise. Ngavakashela i-Islam Propagation Centre International, IPCI, yabenkolo i-Islam, esemgwaqeni uDenis (Queen) Hurley Street eThekwini ngowe-1980.
Kwakunomsunguli we-IPCI, uSheikh Ahmet Deedat owengumfundi weBhayibheli, umlungu uJammuladin, u-Omar Muleleki waKwaMashu kwa-B. Ngazuza ulwazi, nanamanje, lwenhlanzeko e-IPCI, lokusula ngamanzi sewuqede ukunya. Azingamukelanga izinhlaka zabenkolo yamaJuda.
Zangemukela ezebandla laseChibini likaChristinah Nku, iSt. John’s Apostolic Faith Mission, abelika Lekganyane iZion Christian Church, abeNazareth Baptist Church kwaShembe, kusukela kowe-1980 kuya kowe-1990, nezinye.