Now Reading
Umdlali wesibili ulokhu ekhaleleka ezinkundleni – kukhala ibhungane
Dark Light

Umdlali wesibili ulokhu ekhaleleka ezinkundleni – kukhala ibhungane

Kule mpelasonto esiphuma kuyona bekubhaliselwa ukuvota, lokho kucacisa ngokusobala ukuthi ukhetho lukaHulumeni selusemome.

Lokho kusho ukuthi amaqembu ezepolitiki asezoqala ekhankase enze izingqunquthela zokunxenxa abavoti ukuba bavoti. Ukwenza izinqunquthela kuzobe kusho ukuthi kuzobe kukhona izinkumbi zabalandeli, abayobe bekhona ngabe isezinkundleni noma isemahholo. Umbuzo wami ngabe bonke labo bavoti bayobe bebhekiwe yini ukuthi balujovele ukhuvethe noma cha?

UMengameli wezwe uCryil Ramaphosa enkulumeni yakhe wathi akuvulwe izindawo zobumnandi, ngabe khona yini osuke ebheke labo abasuke belapho ukuthi baligomele leli gciwane eseliqede izinkulungwane zabantu emhlabeni wonke jikelele. Nakhu manje kuthiwa abantu sebengakwazi ukuhlangana bebe ngama-250 endaweni evalelekile, babe ngama-500 kwevulelekile, nalapho umbuzo wami usamile ukuthi ngabe basuke bebhekiwe yini ukuthi balugomele ukhuvethe na.

Angiqondile khona ukunkanta kulo mbono wami, kepha ngizizwa ngikhathazekile ukuthi ngabe bayobuyiselwa nini abalandeli enkundleni.

Kuliqiniso ukuthi ibhola lalapha eNingizimu Afrika alikho ezingeni kangako, kungaphezulu kakhuluke manje njengoba abadlali bedlala bebukwa izitulo nje.

Ukuba khona kwabalandeli enkundleni kuyawenza umehluko omkhulu. Lokho sikubonile ngesizini yezi-2019/20 iqembu laKwaZulu-Natal iMaritzburg United besekwaziwa ukuthi iwanikeza ubunzima amaqembu uma eyivakashele eHarry Gwala Stadium, isikhathi esiningi imidlalo yayo ibiba ngoLwesihlanu.

IBloemfontein Celtic esanda kudayisa igunya layo kuDStv Premiership kusomabhizinisi wase-Ethekwini uShawun Mkhize njengoba sekukhona iRoyal AM, ibidume kakhulu ngokugcwalisa inkundla iDr Petrus Molemela Stadium. Bekwaziwa ukuthi noma kuthiwa ilandela ngemumva kodwa bebengayeki ukucula abalandeli beholwa uBotha Msila okuyimanje leli qembu uyalilandela njengoba seligijima ku-ABC Motsepe League.

Elinye iqembu iMamelodi Sundowns ibisiqalile ukuzenzela ukuthi nayo ibeke abalandeli bayo phambili ngokuthi njalo emva komdlalo abadlali nethimba  labaqeqeshi nelabaphathi bacula nabo abalandeli beholwa uTiyani Mabunda.

Ngeke nangengozi ingabalwa iKaizer Chiefs, okwaziwayo ukuthi noma kuthiwa idlala eThekwini izoyigcwalisa inkundla. Kodwa konke lokhu kubukeka kusakude ukwenzeka.

Okwabuye kwangilahlisa ithemba ingesikhathi uSihlalo wePremier Soccer League (PSL) uDkt u-Irvin “Iron Duke” Khoza ebuzwa ukuthi ngabe abalandeli bazobuyela nini enkundleni, wakhombisa ukuthi into leyo esazothatha isikhathi. Ngoba ngisho nababhali bezindaba kusazothatha isikhathi ukuba bavunyelwe ukungena ezinkundleni.

See Also

Leli gciwane laqala phesheya kwezilwandle kodwa emazweni amaningi izinto khona sezibuyele esimeni kodwa lapha e-Africa kusamile. Ezinyangeni ezedlule bekunomqhudelwano we-EURO 2020 awukho umdlalo owawungagcwele abalandeli, khona umdlalo owabe unabalandeli abangaphezulu kwazinkulungwane ezingama-70 000 ngabe bonke babehlolelwe ukhuvethe angikholwa nhlobo.

Omunye umbuzo enginawo njengoba kuvunyelwa abantu abayophuza ezindaweni zobumnandi, yini ehlula ukuba kuvunyelwe ababhali bezindaba ukuba babe khona ezinkundleni behlale ngokugqagqana. Uma kungathiwa akubhekwe amaphepha amaningi, ababhali babhala izinto ezizodwa ezisuke zithunyelwe abakhulumeli bamaqembu kwazise bathumelela ningi lababhali bezindaba ezinkundleni zokuxhumana.

Engibakhalela kakhulu ilaba bantu akade beziphilisa ngokuba khona kwabalandeli ezinkundleni, lapho ngibala omama abadayisayo, onogada njalo njalo.

Sekuyisikhathi manje ukuthi kube khona okwenzakalayo ngale nkinga esibhekene nayo, kuyakhumbuleka ukuba sekundleni.

Scroll To Top