Now Reading
Udonswa usi lwase-Egypt uRoger
Dark Light

Udonswa usi lwase-Egypt uRoger

Uphoqeleke ukuthi alaxaze iCape Town All Stars uRoger de Sa eshelwa yinkunzi yomqeqeshi wasePortugal uCarlos Queiroz osanda kumenyezelwa njengomqeqeshi omusha weqembu lesizwe lase-Egpyt.

UDe Sa oke wayibamba njengomqeqeshi we-Orlando Pirates utshele elaboHlanga ukuthi ubengeke aliyeke ithuba elifana naleli.

Ukhulume naleli phephandaba ngoMsombuluko ekuseni ngaphambi kokuthi abhekise amabombo e-Egypt.

“Ngiyajabula ngale ngqayizivele yethuba. Siqale ukukhuluma noCarlos esikhathini esingangesonto. Angizange ngicabange kaningi ngesikhathi engazisa ngaleli thuba. Phela into ecishe ithi ayifane neyenzeka ngesikhathi ngithintwa yi-Orlando Pirates. Kwabayinto efanayo futhi ngifunwa yiWits. Amathuba afuze lawa awukwazi ukuwayeka empilweni. Yingakho nami ngingazange ngaliyeka. Akuzange nje kube yisinqumo esinzima ukushiya i-All Stars,” kusho uDe Sa.

UQueiroz useyinkunzi emidwayidwa kwezokuqeqesha. Phambilini uke wayibamba ezinkunzini zase-England, iManchester United njengephini lenkakha uSir Alex Ferguson amahlandla amabili ngo-2002 nango-2004.

Ngo-2003/04 nguyena owayeshayela umkhumbi womacaphuna kusale iReal Madrid. “Okokuqala nje uma uzosebenza nendoda efana noCarlos usuke uzokhula kakhulu njengomqeqeshi ngoba unolwazi olunzulu. Okwesibili ukucija izwe elikhulu njenge-Egypt yinto enkulu. Uma sibheka izinto asebezizuzile ebholeni ngingasho ngingangabazi ukuthi i-Egypt yilona izwe elihamba phambili ebholeni lase-Afrika. Lezi yizona izinto ezimbili ezingenze ngangacabanga kaningi ngokuthatha ithuba elifana naleli. Lapha sikhuluma ngezinga lomhlaba. Leli yizinga eliphezulu kunawo wonke. Sibhekene nenkulu inselelo kodwa izinto engizibale ngaphezulu kumele zigqugquzele wonke umuntu ekutheni afune ukuphokophela phambili,” kubeka uDe Sa.

OFaro yibona abaphethe inqwaba yezicoco ze-Africa Cup of Nations (Afcon) kodwa abanalo irekhodi elihle lokuzibekisela indawo kweyeNdebe YoMhlaba. 

“Phakathi kwezinye izinto esifuna ukuzenza wukusiza i-Egypt ekutheni izibekisele indawo eNdebeni YoMhlaba. Yingakho sithathe lo msebenzi. Sifuna ukufaka i-Egypt eNdebeni YoMhlaba. Izwe elinomlando omude ebholeni futhi lizuze izinto ezinkulu eminyakeni eyedlule. Inhloso yethu wukwenza umehluko. Asakwenza kuBafana ngo-2002 sifuna ukukuphinda futhi ne-Egypt ngo-2022. Sihlalele ethembeni lokuthi konke kuzohamba kahle,” kusho uDe Sa.

Ngo-2002, uQueiroz noDe Sa basiza iBafana yazibekisela indawo kweyeNdebe YoMhlaba. “Ukuyocija amazwe angaphandle kuyingxenye yokukhula kubobonke abaqeqeshi. Sikubonile kwenzeka emidlalweni efana nebhola lombhoxo nekhilikithi. Kungenzeka ukuthi nokufuduka kwabaqeqeshi abafana nathi noPitso Mosimane yindlela entsha yokukhulisa abaqeqeshi kuleli. Ngiyethemba ukuthi ngenye yezindlela ezingenza umehluko ebholeni lakuleli. Ngiyohleka ngedwa impala uma esikwenzayo kuzovulela abanye abaqeqeshi amathuba ngomuso,” kuchaza uDe Sa.

Eminyakeni eyedlule, uDe Sa uke walolonga i-Orlando Pirates. Ngo-2013 wayifaka kowamanqamu weCaf Champions League. Waguqiswa yi-Al Ahly yaseGibhithe kowamanqamu.

See Also

Ngemuva kwalokho amaqembu ase-Egypt abe amfuna phansi phezulu. “Ngesikhathi ngisacija i-Orlando Pirates ne-Ajax Cape Town ngike ngashelwa amaqembu abambalwa eGibhithe. Nokho akukho okwagcina kuthele izithelo,” kusho uDe Sa.

Phakathi kwezicoco aseke wazinqoba eNingizimu Afrika kubalwa iNedbank Cup neMTN8. “Bekumele ngithathe isinqumo ngokushesha. Empilweni njengoba ngishilo awukwazi ukuqagela ukuthi amathuba afuze lawa ungawathola ngasiphi isikhathi uma uwayeke manje. Besinobudlelwano obuhle ne-All Stars kodwa bengingeke ngikwazi ukuphuthwa yileli thuba. Bekuyisinqumo esisheshayo. Bekungesona isinqumo esinzima ngaleyo ndlela kodwa kumele ngenze izinto ngokushesha. Ezimeni ezifana nalezi, akumele ucabange kaningi,” kulandisa uDe Sa.

Le ngwazi eyanqoba i-Afcon ngowe-1996 neBafana iseke yayibamba eqenjini lesizwe lakuleli nakuPirates. “Angeke ngithi umsebenzi omkhulu kunayo yonke imisebenzi esengike ngayithola ebholeni. Mina ngiwubona njengomsebenzi oletha ithuba lokukhula ngezindlela eziningi empilweni yami. Engiwubuki ngeso lokuthi ngumsebenzi omkhulu kunayo yonke esengike ngayibamba,” kuphendula uDe Sa ebuzwa ngokuthi ngabe lomsebenzi mkhulu kunayo yonke aseke ayithola empilweni yakhe.

Isimo senhlalo e-Egypt sehluke kakhulu kunamanye amazwe. “Sengike ngaya e-Egypt izikhathi eziningi. Angifani nomuntu oya emhlabeni angakaze anyathele kuwona. NgisakuPirates, ngiyekhona amandla amaningi. I-Egypt ingelinye lamazwe engiwajwayele. NgisakuPirates bengifika ngiphakethe kahle uma ngikhona. Anginayo imicabango emimbi nge-Egypt. Enye yezinto engenze ngathatha lo msebenzi,” kubeka uDe Sa.

Maduze kubhekwe ukuthi ahlangane nomqeqeshi we-Ahly, uPitso Mosimane. “Sengike ngakhuluma noPitso Mosimane. Ngizobonana kahle sihlale phansi sixoxe ngezinto eziningi uma sengifikile eGibhithe. Kuningi esidinga ukukudingida.” kuphetha uDe Sa.

Scroll To Top