Now Reading
Uthi igodi kuphela eliyohlukanisa yena neBloemfontein Celtic
Dark Light

Uthi igodi kuphela eliyohlukanisa yena neBloemfontein Celtic

ICeltic isanda kudayisa ilungelo layo lokugijima kuDStv Premiership. Lithengwe yiRoyal AM ephethwe yisiqumama saseThekwini, uShauwn Mkhize owaziwa kakhulu ngelika “MamMkhize”.
IPhunya Selele igcine ithenge isitifiketi sokudlala ku-ABC Motsepe League eFree State.

Umlandeli waleli qembu okade wayewa evuka naleli qembu umnu uBotha Msila, utshele elaboHlanga ukuthi uthando lwakhe lweCeltic uyongena nalo egodini.“Izinhliziyo zethu zibuhlungu ngokuthi iqembu lethu esilithandayo alisekho esigabeni esiphezulu. Nokho lokho akusho ukuthi kumele sililaxaze iqembu lethu. Mina ngizofa lapho kufa khona iCeltic. Ngizoyihambela yonke imidlalo yeqembu kuMotsepe League. ICeltic ngayiseka ngisawumfanyana omncane. Ngincamele ukuyeka umsebenzi ukuze ngeseke leli qembu. Sekuphele iminyaka engama-40 manje ngilandela iCeltic. Nginethemba lokuthi iCeltic izobuyela esigabeni esiphezulu eminyakeni ezayo. Umlando weCeltic awukwazi ukuvela nje ushabalale kalula kanjalo. ICeltic yiqembu elifanelwe wukudlala esigabeni esiphezulu,” kusho
uMsila.

Isikhulu seCeltic, uMax Tshabalala besibhekene nenkinga yemali. Lokhu kugcine kumphoqa ukuthi iqembu alifake endalini. Kuvela ukuthi uMaMkhize uhlukane nezigidi ezingama-R50 ethenga iCeltic.

“Ibhola laseNingizimu Afrika angeke lafana ngaphandle kweCeltic. Phela thina besiletha into
ehlukile ebholeni lethu. Esikwenzayo yilokho okwenziwa ngabalandeli phesheya kwezilwandle.
Ngihlalele ethembeni lokuthi iqembu lizokwazi ukudla umhlanganisa ku-ABC Motsepe League bese sikhuphukela kuGladAfrica Championship. Lapho-ke kuzobe sekuseduze ukuthi sibuyele lapho kumele sidlale khona,” kuqhuba uMsila.

ICeltic ibalwa namaqembu anomlando omude ebholeni laseNingizimu Afrika. Izakhele igama ngokulayisha inkundla iDr Petros Molemela Stadium igcwale phama. Yize kungekwangenisa isitayela samavuvuzela kodwa lilodwa iqembu obekwaziwa kahle ukuthi lidume ngokuhlabelela umdlalo uqala uze uyophela kungakhathelele ukuthi l hamba phambili noma lilandela ngemuva.

“Kusiphathe kabi ukudayiswa kweCeltic ngoba kudala siwa sivuka naleliqembu. Umphathi weqembu usibukele phansi kakhulu. Ubengasazi nokuthi siyini. Nokho angeke ushabalale umlando weCeltic. Sizolwa ize ibuye njengoba kwenze iSwallows,” kubeka uMsila. UMsila ugile izimanga ngowezi-2019 ngesikhathi kune-Africa Cup of Nations (Afcon) e-Egypt. Wahamba
exhuma ngosizo lwabashayeli abahlukene ngenhloso yokufinyelela e-Egypt. Nangempela isifiso sakhe sigcine sifezekile. “Impilo ayisafani. Phela ukuya ezinkundleni bekufana nosikompilo kimina. Yize kunezinto engizenzayo eceleni njengomuntu kodwa ibhola liza kuqala kimina. Lesi sifo sokhuvethe siyiphazamise kakhulu impilo yami. Okuhle wukuthi
uHulumeni usinike ithemba ngokubuyela ezinkundleni. Okumqoka nje wukuthi sigome. Yize iCeltic ingasekho esigabeni esikhulu kodwa ngisazoqhubeka nokuhambela imidlalo eyahlukene ezweni lonke. Ngaphandle kokuthanda iCeltic, ibhola yindlela yami yokuphila.” kuchaza uBotha.

See Also

Emklomelweni yePremier Soccer League (PSL), uBotha useke wahlonishwa ngomklomelo weChairman’s Award ngokuzinekela kwakhe. Ngendlela alithandayo ngayo ibhola uhambela yonke imidlalo ezweni lonke. Usephenduke intandokazi ngisho kubaqeqeshi bamanye amaqembu.

“Le nto eyenzeke kithina kufana nokukhipha inhlanzi emanzini bese ulindela ukuthi iqhubeke iphile. Inhlanzi iphila kanjani ngaphandle kwamanzi?Thina siyafana no uthi sibulawe siphila.” kuphetha uBotha

Scroll To Top