Now Reading
Iyozala nkomoni? Nakulonyaka kulindeleke ukuthi kusale oyedwa
Dark Light

Iyozala nkomoni? Nakulonyaka kulindeleke ukuthi kusale oyedwa

Iyasuka iyahlala namuhla ngoLwesihlanu imidlalo yeDStv Premiership ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL).  Kubukeka izoba nezigameko ezizoshiya abathandi bakanobhutshuzwayo kuleli bengawuvali umlomo.

Amaqembu aqede isizini edlule ebalwa kwayi-8 aphezulu wona aqale ukuthi adlale ngempelasonto edlule kade edlala umqhudelwano weMTN 8.

Ukuqala kwesizini entsha kusho ukuqala komshikashika kubadlali, abaqeqeshi, abalandeli nabaphathi kwazise ziningi izifiso ezinhle abanazo ngamaqembu abo.

Ukungabibikho kwabalandeli enkundleni:

Naku le sizini abathandi bakanobhutshuzwayo bazoqhubeka nokuthi beseke amaqembu abo bewabuka kumabonakude. USihlalo wePSL uDkt Irvin Khoza kade ekhuluma nabezindaba ngoLwesibili ukucacisile ukuthi kusazothatha isikhathi ukuthi izinto zibuyele esimeni (ekutheni kube khona abalandeli). Ukusho lokho kade ebuzwa ukuthi ngabe abezindaba bazovunyelwa yini ukuthi babuyele enkundleni, wathi lolo udaba olusakhulunywa. Uthe ngoba kunzima ukubuyiswa kwababhali bezindaba enkundleni, abalandeli bengabuyiswa kanjani.

Abaqeqeshi abasha

Kubaqeqeshi ababhekiwe ukuthi bazokwenza njani kule sizini uStuart Baxter okhuze ibuya kwiKaizer Chiefs, uthengelwe inqwaba yabadlali okubukeka bezoba usizo kakhulu. Ubhekene nomqansa wokubuyisa izinsuku zenjabulo njengoba leli qembu sekuphele amasizini amane indebe lingayazi nje. ULehlohonolo Seema othathe izintambo zokuqeqesha iLamontville Golden Arrows, ngesizini edlule leli qembu liqede lisendaweni yesine kulogi yena kuzobhekwa ukuthi kungenzeka aliqedise ngaphezulu kwalokho. UGavin Hunt oqeqesha iChippa United, ngokujwayelekile iChilli Boys (iChippa United) iyaziwa ukuthi iyapheka iyathulula kubaqeqeshi. UHunt ngabe kule sizini uzokwazi yini ukuqeda lelo shobolo. I-Orlando Pirates iligi izoyiqala iqeqeshwa uMandla Ncikazi othathe izintambo kuJosef Zinnbauer ozisulele yena.

Ukusayinisa kwamaqembu abadlali abasha:

See Also

IChiefs iyona engene emakethe kwezwakala njengoba isayinise inqwaba yabadlali nje lapho kubalwa khona u-Alexander Cole, uKeagan Dolly, uPhathetshedzo Nange, uKgagelo Sekgota, uBrandon Peterson, uNjabulo Ngcobo, uSfiso Hlanti, uThabani Dube noSibusiso Mabiliso. Indlela esayine ngayo bekusho ukuthi bese kuphele isikhathi ingakwazi ukusayinisa abadlali. IMamelodi Sundowns nayo yenze njengenjwayelo ukuthi kube khona abadlali ebasayinisayo kubalwa uSfiso Ngobeni, uThabiso Kutumela, uDivine Lunga, uGrant Kekana, uNeo Maema noPavol Safranko. Ezimnyama zona zasayina uBandile Shandu, uKwanda Mngonyama noGoodman Mosele. Namanye amaqembu aqinise kakhulu kuleli windi, lapho kubalwa iTS Galaxy, AmaZulu FC, Golden Arrows, iCape Town City neMaritzburg United.

Amaqembu amasha

Ngeke lisabonakala iqembu ekuthiwa iBloemfontein Celtic njengoba ithengiwe isizokuba iRoyal AM kasomabhizinisi waseThekwini, uShauwn Mkhize. Ngeke isaba khona iTshakhuma Tsha Madzivhadila (TTM), sekuzoba khona iMarumo Gallants FC. Abaphathi beMarumo Gallats FC bathenge iTTM ngesizini edlule. Elinye iqembu iSekhukhune United yona esuka kuGladAfrica Championship.

Scroll To Top