Now Reading
Iyabalisa ingwazi yeBanyana Banyana igama layo elisemlandweni
Dark Light

Iyabalisa ingwazi yeBanyana Banyana igama layo elisemlandweni

UPortia Modise nguyena kuphela umdlali webhola e-Afrika oseke washaya amagoli angaphezu kwali-100 edlubhe imibala yesizwe. Lokhu kumenza abalwe noRonaldo osanda kuphula irekhodi lamagoli amaningi kwabesilisa.

Njengamanje uRonaldo usebhakuzise enethini amagoli ayi-111 kuPortugal. Uphule irekhodi lika-Ali Daei wase-Iran ngesikhathi ezakhe zibhekene neRepublic of Ireland. UModise exoxa nelaboHlanga udalule ukuthi ayikho into emjabulisa njengokubona igama lakhe libalwa
noRonaldo.

“Kungenza ngizeqhenye ukubona abadlali abafana noRonaldo beshaya amagoli ali-100 okuyinto nami engikwazile ukuyenza ngisadlalela izwe lami. Lokhu kuyizinkomba zokuthi nami bengiwumdlali oseqophelweni eliphezulu. Yize sekuphele iminyaka eyisithupha ngayeka ukudlala ibhola kodwa okwenziwe nguRonaldo kungenze ngajabula,” kubeka uModise.

Le ngwazi edabuka eSoweto yaqhulula amagoli ali-101 emidlalweni eyi-101 kuBanyana.
“Lapha e-Afrika sibusiswe ngabadlali abebengalibheki ipali njengoDidier Drogba noSamuel Eto’o kodwa akekho ofinyelele kuleli rekhodi lami. Lokho kusho lukhulu kimina. Yize ngiwumuntu wesifazane kodwa ngikwazile ukuzuza ngaphezu kwabo. Into efana nale ingenza ngiye kolala embhedeni ngikhululekile ngoba uma kukhulunywa ngebhola labesifazane igama lami lohlezi likhona. Kimina into emqoka umlando.

Phela wona uzokwazi ukugqugquzela nabanye abasakhula,” kwengeza uModise.
UDrogba ubhalise amagoli angama-65 emidlalweni eli-105 ku-Ivory Coast kwathi u-Eto’o washaya angama-56 emidlalweni eli-118. “Lapha ekhaya izingwazi zezemidlalo azihlonishwa ngokwanele. Angisazikhulumeli nje mina kuphela kodwa sengikhulumela nabanye abadlali abazuze izinto ezinkulu. Kwamanye amazwe bayahlonishwa abadlali abenzele isizwe izinto ezinkulu. Ngiyasola ukuthi kungenzeka ukuthi sakhetha umkhakha ongasifanele. Thina ngathi asibalulekile. Iziphathimandla zethu zincamela ukuqhakambisa abantu bangaphandle kunathi. Phela kumele ngabe bayazigqaja ngesikwenzele isizwe. Asifundiswanga ukubungaza izinto zethu ezinhle kodwa safundiswa ukulwa nezinto zethu,” kusho uModise.

Njengamanje le ngwazi isiziphilisa ngokuhlaziya ibhola esiteshini sikaDJ Sbu, iMassive Metro
eseGoli. “Besithola amakinati ngesikhathi sisadlala. Abanye abadlali asebeyekile abakwazi ngisho ukuziphilisa njengoba sebengasadlali. Bekuyigugu ukuya emakhempini eBanyana ngoba ubuwazi ukuthi uthola amabhonasi thizeni.

See Also

Amakilabhi awakhokhi into etheni. Uma usekhaya ubuthandazela ukuthi iBanyana iphinde ibize enye ikhempu ukuze uzokwazi ukuthola lelo bhonasi. Nakhona bekuyinkeshezana nje ongeke ukwazi ngisho ukuzithengela ngayo umuzi noma wenze ezinye izidingo zakho ezimqoka.
Ubungeke ukwazi ngisho ukuthenga i-Uno. Kubuhlungu ngoba abantu uma ungesenamali bavele bacabange ukuthi uyibhubhudlile ekubeni ubuthola amakinati,” kulandisa uModise.

Ngowezi-2014, uModise wahlabana ngo-R100 000 ngemuva kokuqokwa njengeSports Star of the Year. “Imali enkulu engike ngayithola ngisadlala yile engahlabana ngayo ngesikhathi ngiqokwa njeSports Star of the Year kuSouth African Sports Award. Ngaphandle kwayo, ibhola alingenzelanga lutho,” kusho uModise.

Njengamanje uhlezi endaweni ye-15 ohlwini lwabadlali besifazane abanamagoli amaningi emazweni abo. “Mina angeke bangifake ezinhlakeni zeSafa ngoba iqiniso ngilibeka njengoba linjalo. Uma ungalisabi iqiniso abakufuni. Ugcina uphenduka isitha sabo. Angeke ngiyeke ukulwela amalungelo abadlali besifazane nokuthi baqhakanjiswe. Bafune ukhulume amagama nezinto ezingeke zenzeke ukuze bakusondeze eduze. Mina ngeke ngikwenze lokho. Uma ulwela iqiniso uphenduka umuntu omubi futhi nezinto zakho ezinhle ozizuzile zigcina
sezikhohlakala. Kumele silwele isizukulwane esizolandela ngemuva kwethu. Mina ngincamela ukuthi bangizondele iqiniso nokuthi ngifafaze amanga.” kuchaza uModise.

Scroll To Top