Now Reading
Sesiqalile ukuvela isikhala: IMikhosi ngaphandle kweNdlondlo
Dark Light

Sesiqalile ukuvela isikhala: IMikhosi ngaphandle kweNdlondlo

Ngalezi zikhathi kwakusuke sekuqala ukuphithizela. Kwabanye kusuke sekukhona imizwa eyahlukene njengoba kusuke kukhona labo asebenesiqiniseko sokithi nakanjani bayaya kanti abanye basuke bekhathazekile ngokuthi ngabe bazokwazi yini. Lesi kusuke kuyisikhathi soMkhosi woMhlanga nayilapho amakhulu ngamakhulu ezintombi zibuthelana eSigodlweni eNyokeni kwaNongoma. Zonke zisuke zinesifiso esisodwa vo, ukuyodlula eduze kweSILO zibeke umhlanga nokuwu phawu lokuzihlonipha nokuhlonipha iSihlalo nesizwe.

Nonyaka lolusuku luzofika kunesikhala esikhulu kuZulu, luzofika ingekho iNdlondlo nokuyiyo eyawuvuselela loMkhosi ngonyaka we-1984. INdlondlo ebuze nonyaka ibisingubuso balo Mkhosi neminye kaZulu. Izintombi kanjalo nomama bazo bagqemeke engeqiwa ntwala njengoba okokuqala iningi lingakwazanga ukuyotshala INdlondlo ngenxa yokhuvethe kanti okwesibili nakulonyaka phezu kokhuvethe ngeke uhlelwe loMkhosi ngokwejwayelekile njengoba nohulumeni uqhelile kuwo. Isizathu sokuqhela kukahulumeni kungenxa ‘yokungacaci’ kokuthi ngubani ohleli eSihlalweni. Kuthiwa ngenxa yalokho uhulumeni umise ukuxhaswa kwayo yonke imikhosi kaZulu kuze kube ukungaboni ngasolinye eNdlunkulu kuyalungiswa.

Lokhu kwenze kwaba nokukhuluma ezweni ekutheni ngabe ukuqhela kukahulumeni kusho ukuphela kwalemikhosi noma uma eqhela akekho yini omunye ( iNdlunkulu noma aMakhosi) ongayihlela. Ingozi kulokhu yikuthi okwabe kuyimiphumela emihle yokuzwana, ubunye kwezintombi zesizwe kanjalo nokuziphatha kungahle kuguguleke njengoba izintombi kusatshwa ukuthi zingahle zidikibale noma zikhubeke.

Ukuzama ukulungisa isimo isitatimende esivela eNdlunkulu ngomlomo kaMntwana uThulani sazise isizwe ukuthi yize kungeke kube sezingeni elejwayelekile kepha kukhona okuzokwenziwa . Esitatimendini uMntwana uThulani uthe :

“Kulenyanga kaMandulo iSilo samaBandla onke iNgonyama uMisuzulu kaZwelithini uzogubha iminyaka engama-37 iSilo uZwelithini kaBhekuzulu noNdlunkulu uShiyiwe Mantfombi ka Sobhuza (okungabazali baso iSilo) basungula loMkhosi woMhlanga ngonyaka we-1984. Lomgubho uzoqala esiGodlweni eMachobeni mhlaka zi- 4 kuMandulo onyakeni ophezulu lapho kuzosetshenziswa ubuchwepheshe besimanje ukuhlangabezana nemigomo yoKhuvethe.

“Ngaphambi kwenkulumo yeSilo ezogxila kakhulu ekusungulweni kwaloMkhosi, iSilo sizokhanyisa amakhandlela amabili ukukhumbula impilo yeSilo neNdlovukazi abasishiye kuwo lonyaka ophezulu” kusho isitatimende.

Siqhubeke sathi: “Ngaphezu kwalokho, iNdlovukazi uGwabini uzohola oNdlunkulu beSilo
esikhotheme abazokhanyisa amakhandlela angama-37 azobe ebanjwe yizintombi ezingama -37 ukukhumbula uhambo lwaleminyaka ISILO neNdlovukazi abaluhambile nezintombi zomhlanga. IMbube ( eseSihlalweni) inxusa bonke oNomehlo eMkhanyakude namaphethelo ukuba bagqugqumezele izintombi ukuba zivunule emakhaya ngosuku lomhla zi-4 ngehora leshumi nanye zihloniphe lomkhuleko”.

Amazwi okugcina

See Also

Sigcina ukukhuluma nezintombi zoMhlanga ISILO ngomhla zi-5 kuMandulo ngowezi-2020, sathi : “Nina niwukukhanya esikhathini sokudideka. Niqhamuke ngesikhathi lapho umhlaba ungena esigabeni esinzima sokuzazi nokuzivikela. Abadala kini bayakhumbula ukuthi lo Mkhosi ongeminye emidala e-Afrika ngiwuvuselele ngonyaka we-1984. Lona kwaba ngunyaka lapho umhlaba wazithola ubhekene nokuqala kanjalo nokubhebhetheka kwesifo sengculazi. Uma lo Mkhosi uqala, waqala njengoMkhosi wamasiko kepha wagcina njengoba sazi usuwamukelwa njengesinye sezixazululo empini yokuvika ingculazi.

Lokhu ngikubalula ngoba ngesenu isikhathi nigcina isiko lapho njengo nyoko izwe nomhlaba livika ubhubhane. Umbuzo uthi ngabe ukwenza kwenu ngonyaka wezi-20202 kuzokwazi yini ukuletha isixazululo njengoba kwabanjalo konyoko nogogo benu ngonyaka we- 1984”, kusho INdlondlo. Yaqhubeka yathi : “Mina njenge Nkosi yenu ngiyakholwa ukuthi izintombi zoMhlanga ngowezi-2020 zingaba yisixazululo. Isibonelo nje namuhla ngiqoke izintombi ezingamashumi amathathu ukuba zize lapha eNyokeni namuhla. Omunye uzothi kungani lezi zintombi. Impendulo ithi lezi eziqokwe lapha okokuqala; zimele amakhulu ngamakhulu asemakhaya engaziyo ukuthi ngezinhliziyo zilapha. Okwesibili ngikhethe lezi futhi eseziya kogana ngoba ngifisa ukwedlulisa umlayezo othize nomqoka. Lo mlayezo uqhakambisa isakhiwo somndeni.”


INdlondlo yabe ingafihli uthando enalo ngezintombi kanjalo nokwehluka kwazo ezweni:
“Akekho umuntu onamadla omqondo njengentombi ehamba uMhlanga. Amadla omqondo wokuzithiba ahlangana nokuzihlonipha, ukuzazi nokwazi ukuthi ufunani empilweni. Abanye lapha phandle bebadala bahlulwa yizintombi zoMhlanga zona ezikwazi ukulwa nengcindezi yabangani zime ebuntombini bazo. Lokhu kudinga inhlonipho ngoba siphila esikhathini lapho abantu behluleka ukuzithiba otshwaleni njengoba sibuka nje abantu bezihlaza nsukuzonke. Laba baswele amandla omqondo atholakala lapha ezintombini zoMhlanga”, kusho OMdala. Lesi simo esivelele izintombi zoMhlanga kulindeleke ukuthi sehlele nomkhumbi wempi kaZulu njengoba kungekho ukuqonda ngokuzokwenzeka ngoMkhosi weLembe KwaDukuza.

Scroll To Top