UMahlasela ubona ikhefu leFIFA lizobacija



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Isikhwishikhwishi seRoyal AM engomakoti kuDStv Premiership uKabelo Mahlasela sithi bazobuya sebeyiqembu elihlukile uma sekubuya imidlalo yeligi. Ukusho lokhu ngoba leli sekuyisonto lesibili ingekho imidlalo njengoba ngeledlule bekudlala umkhumulajezi we-MTN 8 kanti kule mpelasonto kudlala eyamazwe ngaphansi kwe-FIFA.
IRoyal AM ingene kuDStv Premeirship ngezinsuku zokugcina ngaphambi kokuqala kwemidlalo emva kokuthenga isitifiketi seBloemfontein Celtic.
“Umdlalo wethu wokuqala asenzanga neze kahle nokwaba ngenxa yokuthi iqembu lahlangana izinsuku ezintathu ukuzilolonga. Angikholwa ukuthi sasikulungele ukwenza kahle. Nakhona uma ungabheka umdlalo wethu sawubamba kahle, iphutha esalenza salenza sekuzophela umdlalo sangenelwa igoli okwaba ilona kuphela emdlaweni” kusho uMahlasela.
Umdlalo wokuqala iRoyal AM yayibhekene neSwallows FC emdlalweni owabe ubanjelwe eDobsonville Stadium okuyinkundla yeZinyoni (iSwallows FC)
Emdlalweni wesibili iRoyal AM idlale neCape Town City nakhona yaphinde yehlulwa ngamagoli amabili kwelilodwa.
“Sidlale kahle kakhulu emdlalweni wethu neCape Town City, izinto eziningi sizenzile saze sakwazi nokuthola igoli okubuhlungu ukuthi nje singenelwe amagoli amabili nakhona sangathola phuzu. Sethemba ukuthi sizogcina sihlangene njengeqembu ngoba wonke umdlali kumele azimisele” usho kanje.
Umdlalo olandelayo weRoyal AM izotholana phezulu neChippa United khona esifundazweni iKwaZulu-Natal. Ebuzwa ngalo mdlalo uthe:
“Ikhefu lemidlalo yeFIFA lisinika ithuba elingcono ukuthi sikwazi ukuzilungiselela kahle umdlalo wethu olandelayo. Iyodwa kuphela into esiyicabangayo ngalo mdlalo ukuthi sithole amaphuzu agcwele nje kuphela. Konke lokho kulele kuthina ukuthi sibheke amaphutha esiwenzile kule midlalo emibili bese umdlali nomdlali aphakamisa ikhanda ezitshele ukuthi ulwela iqembu” kusho uMahlasela.
Lo mdlali oneminyaka yobudala engama-30 ukhuliswe inkulisa ye-Orlando Pirates ngokuzalwa uzalelwe eSebokeng eGoli. Ngaphambi kokujoyina iRoyal AM, ebholeni elikhokhelwayo waqala ukugijima kwiRoses United ngonyaka wezi-2012, iSivutsa Stars, iRoyal Eagles, iBlomfontein Celtic, iKaizer Chiefs kanye nePolokwane City.
IRoyal AM iningi labadlali ebasebenzisayo banamava kakhulu okubalwa nalaba akade begijima kuBloemfontein Celtic, okubalwa uNdumiso Mabena okunguyena ukaputeni, u-Ellias Pelembe wodumo kwiMamelodi Sundowns, uMenzi Masuku okewagijima ku-Orlando Pirates, uLantshene Phalane noLucky Baloyi.