Now Reading
Isinqumo Ngokhetho: Ngabe lona ngunoxhaka noma ukwenzangakhona
Dark Light

Isinqumo Ngokhetho: Ngabe lona ngunoxhaka noma ukwenzangakhona

Usuku lwangoMsombuluko belumqoka kusimiso sedemokhrasi yakuleli. Lolu bekuwusuku lapho inhlangano elisu ukhetho kuleli i–Independent Electoral Commission ( IEC) bekumele imemezele isinqumo sayo nesincike ekuhumusheni kwayo isinqumo sakamuva seNkantolo yoMthethosisekelo mayelana nokhetho oluzayo lohulumeni bendawo.

Ngesonto eledlule inkantolo ikhiphe isinqumo odabeni obelulethwe phambi kwayo ngabe IEC nabebenxusa ukuba lenkantolo yamukele isiphakamiso sokuba kuhlehle ukhetho ngenxa, phakathi kokunye ukhuvethe oluhlasele izwe. Abe -IEC baya enkantolo nje bagabe ngombiko waloyo owayenguMehluleli, uMoseneke nowabe ejutshwe yilenhlangano ukuba abheke ukuthi engabe ukhetho oluzayo ngaphansi kokhuvethe luyoba ngolukhululekile na.

Njengoba bekulindelekile, umbiko kaMoseneke ubabaze ukukhula kwezibalo zabahlatshwa yiva, ukhuvethe wathi ukudodobalisa lokhu aluhlehle ukhetho. Kagcinanga lapho ngoba uze wathi alihlehle okungenani ngezinyanga ezimbili kuya kwezintathu lube ngonyaka ozayo.

Kwisinqumo sayo inkantolo kayivumelananga ne-IEC kwelokuhlehliswa kokhetho kepha yanquma ukuthi kayivule iwindi lokuba abanye abangabhalisanga bakwazi ukwenza njalo. Kube yiso lesi sigabana sesinqumo esiphithanise abantu ngamakhanda. Bekukhona abathi ngokusho njalo kayisho ukuthi amagama abangenele ukhetho nawo awaqalwe phansi. Bathi kunalokho kukhulunywa ngabavoti. Omunye umbono ubuthi sekungaba ngamalumbo nento engekho emthethweni ukuthi kuthi kuvulwa iwindi lokuthi abantu kababhalise bese benqatshelwa (uma phakathi kwabo kunonesifiso) ukuba bangagcini ngokuba ngabavoti kepha nabo bavotelwe. Kulaba abanalombono beku ngenzi mqondo kuyaphi ukuthi “wamukele elinye ilungelo, kepha ngakolunye uhlangothi unqabele elinye”.

Kumqoka ukuqonda ukuthi izinhlangothi zombili bezihumusha loludaba ngenxa yesimo esithize. Ngesikhathi kuvalwa iwindi lokubhalisa labo abazongenela ukhetho, inhlangano ebusayo yehlulekile ukugcina isikhathi nokuholele ukuba ingabi namagama komasipala abangama-35 ezweni. Lokhu bekusho inhlekelele kuleli qembu njengoba belizolahlekelwa kakhulu. Ukutatazela kwalo kubonakele ngesikhathi liphikelele eNkantolo Yokhetho liyokhala ngokuthi “iphutha alibanga ngakulo”kepha kube ngenxa yohlelo lokubhalisa lwe-IEC obelubakhipha ngaphandle.

Kuhlekwe usulu

Lokhu amanye amaqembu aphikisayo nezinhlangano ezizimele zikuhleke usulu, umbuzo uthi ngabe lenkinga yokubhalisa ihlasele uKhongolose wodwa yini. Laba baxwayise abe-IEC ukuba bangangeni kunoxhaka noma bazininde ngoba uma bevumela uKhongolose ubhalise kabusha kuyosho ukuchema nawo nokuwuweza.

NgoMsombuluko esiphuma kuwo bekulindwe ukuba  abe-IEC bazoya ngakuphi- ukuthi bazovulela abavoti noma kube wuthela wayeka bavule kabusha newindi labazongenela ukhetho? Sekungumlando ukuthi isinqumo kube ngesokuthi kube nguthela wayeka. Ngokuhumusha kwe-IEC uma Inkantolo yomthethosisekelo ithi abavulelwe abavoti, isho nokuthi nabazongenela ukhetho akube njalo.

See Also

Lokhu kwenze abe-ANC baphefumula kangconywana njengoba singeke sisaba bikho isidingo sokuya enkantolo, kunalokho bazobhalisa kabusha.  Lesi sinqumo sikhalise amaqembu aphikisayo naseqome ukuphikelela enkantolo nayilapho eyoveza ukuthi kungani ebona ukuthi ukuhumusha kwe-IEC kushaye eceleni. Kumaqembu aya enkantolo kukhona iDemocratic Alliance (DA) ne-Inkatha Freedom Party (IFP). Lawa namanye amaqembu abezozuza uma uKhongolose ungekho njengoba iDA icathamela omasipala abakhulu emadolobheni kanti abe-IFP bona babheke kakhulu iKwaZulu-Natal.

Okhulumela iKhomishana yoKhetho, uMnu uSy Mamabolo uthi benze konke belandela umthetho, wathi nalokhu abakwenzayo kuwukulandela isinqumo senkantolo. Uthi nabo njengawo wonke umuntu emhlabeni basebenza ngaphansi kwezimo ezinzima.   

“Akukho ebesingakwenza ukubona ukuthi izwe lizogutshuzelwa wukhuvethe ngonyaka owedlule nokuthi ukhuvethe lolu luyoshintshashintsha imibala”, kusho uMamabolo. Okunye abe-IEC abakuphikayo yikuthi isinqumo sabo sivuna uKhongolose. Lapha bathi okokuqala kabavumelani nawo ekutheni uhlelo lwabo belunenkinga nokuphethe ngokuthi bangabhalisi. Bathi uhlelo lwabo kalunankinga njengoba selukwazi ukuthwala ukhetho izikhathi ezimbili zilandelana. Khona lapho bathi uma kubhaliswa kabusha akuwona wodwa uKhongolose ozozuza kepha namanye amaqembu kubala nalabo abazimele. Ngalesi sizathu bathi sebeyohlangana enkantolo neDA yona esivele iphikelele enkantolo.

Scroll To Top