Uthi ukukhubazeka akusona isithiyo kongakwenza kusasa
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ungene emabhukwini omlando kumdlalo womphebezo uPatric Selepe kulandela ukuthi abe ngunompempe wokuqala okhubazekile walapha eNingizimu Afrika ukuthi adlalise kumqhudelwani iParalympic Wheelchair Tennis.
Kuwumvuzo omuhle lo kumfokaSelepe njengoba esekhombise uthando olukhulu ngalomdlalo. Ukungena kulo mlando kuyisikhuthazi esikhulu njengoba eqale waba ngumdlali, umqeqeshi, umphathi, wabuye waba sebenza emahhovisi njengomphathi wokuthuthukisa lo mdlalo.
Ukukhubazeka kwakhe kube ngenxa yeseshlo sangowe- 1996 eneminyaka eli-19 . l
“Ukukhula kwami kube yinto enzima kakhulu, ngikhule ngiyingane ejwayelekile njengawo wonke umuntu, ngigijima ngizungeza ngidlala yonke into engangifisa ukuyidlala ngimncane. Konke lokho kwashintsha ngesikhathi ngithola ukuthi nginomdlavuza wamathambo (osteogenic sarcoma). Ngalowo nyaka kwakungunyaka we-1996, ngangisafunda uMatikuletsheni” kusho uSelepe.
Umlenze wesobunxele kaSelepe wanqunywa ngenhla kwedolo njengoba ehamba ngonyawo lokufakelwa. “Ngangeniswa esibhedlela isikhathi eside impela, kwakunzima kimi ukwamukela ukuqala ukufunda ukuphila ngendlela engiyiyo nokuthola ukuthi yini engaguqulwa ukuze ivumelane nesimo sami. Ukuqhubekela phambili kwakungelula. Ngangingakaze ngixhumane nabantu abakhubazekile phambilini kodwa umndeni wami nabangani bami bangeseka kakhulu ukubhekana nalesi simo.Nginenhlanhla ngoba ngathola usizo emphakathini, ngabe sengikwazi ukuvuleleka ezintweni eziningi ” usho kanje.
Njengoba uSelepe exhumana nabantu abaningi emkhakheni wezemidlalo yabakhubazekile wacelwa ukuba asize uhlelo olusha lokwethula umdlalo womphebezo wabakhubazekile eNingizimu Afrika ngonyaka wezi -2003. Waqala ukuthi athathe izinsiza zokudlala lo mdlalo wangena wabafundisa abaningi kusukela lapho akabange esabheka emumva.
“Ngiyakhumbula ukuthi kunomfana waseNetherlands igama lakhe uJohn Noakes. Ngaleso sikhathi ngangingomunye wabasunguli beWheelchair Tennis South Africa (WTSA), ngizama ukwakha uhlaka lwethenisi yezihlalo ezinamasondo. Ngangingakaze ngiyidlale ithenisi phambilini, kodwa lapho efika ngangenza isitifiketi sami sokuqeqesha sikaLevel 1. Esikhundleni sokuthi uNoakes angifundise lo mdlalo njengomdlali wangiqeqesha njengomqeqeshi kwabe konke sekuba umlando” usho kanje.
Uqhube wathi: “Kodwa ekugcineni kufike kimi, uhambo engiluhambile njengoba belunzima njengoba bekufanele. Kumele ngizame ukwenza kube lula kumuntu olandelayo. Kungenzeka kube ngokunikeza imininingwane noma ukubagqugquzela ngalokho abangakwenza ”.
USelepe uthe isifiso sakhe emva kokuquywa umlenze wabe esefuna ukuba ngumsubathi. Uthe wagqugquzelwa umsubathi wakuleli uFanie Lombaard owathola indondo yegolide kumaParalympics ongumpetha wamamarekhodi kwi-discus, shot put neJavelin. Waphinde wadlala umdlalo weBasketball yabakhubazekile.
“Bengingenayo imishini efanele yokwenza ishot put noma ijavelin . Ngiyethemba ukuthi ukube ngayithola imishini ngangizogxila kulezi zinhlobo zezemidlalo” usho kanje.
Ebuzwa ngokuba yingxenye yamaParalympics abebanjelwe eToyko uthe:
“Ngicabanga ukuthi ngigqugquzela abantu abaningi abakhubazekile futhi kulula kimi ukwenza engikushumayelayo. Sengikwenzile futhi ngiyakukholwa. Abanye bazokholwa ngokwenza kanjalo. Ngisebenza neTennis South Africa ukubuyisa ngisondeze abantu abaningi . Kufezeka iphupho lami kodwa okubuhlungu ukuthi angilitholanga ithuba lokudlala kuleli zinga. Kubuhlungu khona kodwa ngibona ukuthi ukuwa kwenye indlu kuvuke enye. Ubani obazi ukuthi ngingaba seToyko njengo-Umpire” usho kanje.