Uzifake ezinhliziyweni zabalandeli umqeqeshi omusha weBafana
UBongokuhle Hlongwane weMaritzburg United nguyena ophenduke iqhawe evalela enethini igoli elimqoka ngomzuzu wama-83.
IBafana ibisihlasela iphindelela ngesiwombe sesibili. UTeboho Mokoena ugobe elihle ibhola ebhokisini. Lihlangane noHlongwane ovele wathi ngibonwa yini. Uvele waphasela inethi ngonyawo lwakhe lwesokunxele.
Ibhola ligeleze njalo lafike lashaya ipali ngemuva kwalokho laqabula enethini. Ngemuva kwemidlalo emibili, iBafana isihlezi esicongweni ngamaphuzu amane.
Kowokuqala idlale ngokulingana ngo 0-0 neZimbabwe kwathi kowesibili yaqumba phansi iBlack Stars.
Lo mphumela unike inqwaba yabathandi bebhola ithemba ngokuzibekisela indawo eQatar.
UBroos ungaphansi kwenkulu ingcindezi. IBafana sekuphele iminyaka engama-20 yagcina ukuzibekisela indawo kweyoMhlaba.
ISouth African Football Association(Safa) isizame abaqeqeshi abahlukene ukuqeda leli shobolo ngaphandle kwempumelelo.
UStuart Baxter wehluleke wancama ukutholela elakuleli ithikithi elibheke kweyeNdebe yoMhlaba ngowezi-2006 eGermany.
Ngo-2010, uCarlos Alberto Parreira uphoxe izinkumbi zabathandi bebhola iBafana iphuma ekuseni eNdebeni yoMhlaba.
Ingwazi yomqeqeshi uPitso Mosimane ukhonjwe indlela ngemuva komdlalo owodwa ngowezi-2014. ISafa ilande uGordon Igesund kodwa naye wafika wabhacaza.
Wonke amathemba abelele kuBaxter ngowezi-2018 kodwa waphinde wangena oshibini olufanayo nalolu angena kulona ngowezi-2006.
UBroos ubuyise amathemba izolo ebusuku eguqisa iGhana. Nokho umsebenzi awukapheli kwazise iBafana isasalelwe imidlalo emine. Ngesiwombe sokuqala womabili amaqembu akazange enze amathuba ababazisayo.
Alikho izwe ebelifuna ukwenza amaphutha. IGhana kucacele ngisho ingane encela ibele ukuthi izele iphuzu kuleli.
URonwen Williams ubefana nesibukeli emapalini eBafana. Awekho amabhola anzima athunyelwe yiGhana enze wasebenza kanzima.
Ithuba lokuqala eliyingozi litholwe nguMothobi Mvala. UNyiko Mobbi ushoshele ngakwesokunxele ngemuva kwalokho wagoba ingcwenga yebhola ehlangane noMvala.
Wenze okungajwayelekile kuyena. Uzame ukuqethuka kodwa ibhola lakhe laphuma eceleni kwepali ngomzuzu wama-67.
Izivakashi zigqemeke engeqiwa ntwala sekuzophela umdlalo ngesikhathi kulimala unozinti uRichard Ofori.
Uphoqeleke ukuthi akhishwe ngenxa yokulimala. Indawo yakhe ithathwe nguLawrence Ati-Zigi.
U-Ofori nguyena obese ephethe ibhande ngemuva kokukhishwa kuka-Andrew Ayew obemiswe kabi nguSiyanda Xulu noRushine De Reuck emuva.
IBafana isizobhekana ne-Ethiopia ekhaya nasekuhambeni ngoMfumfu.