Now Reading
Unozinti we-Ghana uxwayisa ozakwabo ngobungozi bokweya iBafana
Dark Light

Unozinti we-Ghana uxwayisa ozakwabo ngobungozi bokweya iBafana

Umdlalo uzovezwa bukhoma ku-SABC 1 eFNB Stadium. IGhana iyona eqhwakele eqoqweni leBafana. IBlack Star ishaye i-Ethiopia ngo 1-0 emdlalweni wayo wokuqala kwathi iBafana yacazelana amaphuzu ibambana Zimbabwe ngo 0-0 eHarare ngoLwesihlanu.

IGhana isanda kugila iBafana emdlalweni yokuhlungela ukuzibekisela indawo ku-Africa Cup of Nations (Afcon) eseCameroon ngonyaka ozayo. Nokho u-Richard Ofori akafuni basebenzise lokho ukweya iBafana.

“Asikwazi ukuphumela obala sithi sisethubeni elingcono kuneBafana. Ibhola lishintshile manje. Alikho izwe okumele ulithathe kancane ebholeni. Uma ngingakhumbuza abathandi bebhola ngeMadagascar, ngikhohlwa wukuthi wonke umuntu uzoyibona into engikhuluma ngayo. Yenza kahle kakhulu ku-Africa Cup of Nations edlulile. Yamangaza inqwaba. Wonke amazwe ayingozi. Ekugcineni amazwe ahlukaniswe ngukuthi ngubani olambe kakhulu kunomunye ngosuku lomdlalo,” kusho u-Ofori exoxa nabezindaba eseFNB Stadium.

Egcina ukuhlangana la maqembu phakathi nonyaka abambane ngo 1-1 eFNB Stadium.

“Siwalambele amaphuzu amathathu futhi akukho okunye esikuzele lapha eNingizimu Afrika. Sihlalele ethembeni lokuthi izinto zizohamba ngale ndlela esifisa ngayo enkundleni. Inhloso yethu wukwenza izikhamizi zaseGhana ziziqhenye ngathi,” kuchaza u-Ofori.

IGhana igxekiwe ngendlela edlale ngayo ishaya i-Ethiopia.

See Also

“Angizihluphi ngokugxila ezinkundleni zokuxhumana. Angidlaleli kuzona ngakho angazi nokuthi abantu bathini. Angeke ngikubalekele ukuthi sidlalela izwe lapho kubhekwe khona ukuthi senze kahle ngaso sonke isikhathi uma sesinkundleni. Ukugqoka leli jezi kusho lukhulu kithina. Umlando weGhana muhle ebholeni. Abadlale ngaphambi kwethu benze into encomekayo. Ngakho abantu balindele ukuthi siqhubeke lapho. Ingcindezi kumele ukwazi ukumelana nayo. Iyodwa kuphela indlela yokubenza bajabule wukuthi sinqobe imidlalo. Ayikho enye,” kubeka u-Ofori.

Namuhla kuzobe kubhekwe ukuthi avimbe oPercy Tau noLuther Singh.

“Uma udlalela ukuzibekisela indawo emiqhudelwaneni into emqoka akuyona indlela odlala ngayo kodwa imiphumela iyona ebalulekile. Umlando awukukhumbuli ngebhola elihle kodwa ukukhumbula ngemiphumela. Into esiyifunayo amaphuzu amathathu. Uma sithole wona sizojabula.” kuphetha lo nozinti.

Scroll To Top