Isexwayiso seNhlangano Yezizwe ngeTigray esibhekiswe emkhandlwini we-Ethiopia
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Izikhulu eziphezulu ze-UN zixwayise uMkhandlu Wezokuphepha ngoLwesihlanu ukuthi abantu abangaphezu kwezi-400 000 eTigray e-Ethiopia manje sebesendlaleni nokuthi kunengozi yokuba nezingxabano eziningi esifundeni naphezu kwempi edlangile.
Ngemuva kwezingxoxo eziyisithupha ezizimele, uMkhandlu Wezokuphepha ubambe umhlangano wawo wokuqala womphakathi selokhu kwaqubuka impi ngoLwezi phakathi kwamasosha kaHulumeni, exhaswa ngamasosha aqhamuka e-Eritrea eyakhelene ne-Ethiopia , kanye nabalwa ngaphansi kwe-TPLF okuyiqembu elilawula uTigray.
Lowo oyibamba lesikhulu sosizo se-United Nations (UN) uRamesh Rajasingham utshele uMkhandlu ukuthi isimo sokusiza abantu eTigray “sishube ngendlela ebabazekayo” emasontweni edlule njengoba sinyuke safinyelela ezi-50 000 isibalo sabantu ababhekene nendlala manje. “Bangaphezu kwezi-400 000 abantu abalinganiselwa ukuthi bawele umkhawulo bangena ngaphansi kwendlala kanti abanye abantu abayisigidi esi-1.8 basendlaleni enkulu. Abanye basikisela ukuthi izibalo ziphakeme kakhulu. Ziyizi-33 000 izingane ezingondlekile kakhulu,” kusho yena.
UHulumeni wase-Ethiopia umemezele ukuthi ngoMsombuluko kunqandwe ukulwa, okuyinto iTPLF ekuchithe njengehlaya. Kunemibiko yokuqhubeka kokushayisana kwezinye izindawo njengoba ingcindezi yakhela emhlabeni wonke ukuthi zonke izinhlangothi zihlehle emuva.
Imigomo nemibandela yokuthola ukuthula e-Ethiopia
Isifunda sase-Ethiopia iTigray sifuna kuhoxiswe ngokuphelele amasosha e-Eritrea kanye nasezweni elingumakhelwane i-Amhara ngaphambi kokuthi ahlanganyele kunoma yiziphi izingxoxo nohulumeni wezwe mayelana nokumiswa kwempi, kusho isitatimende ngeSonto.
ITigray People’s Liberation Front (TPLF), okuyisiphathimandla sesifunda esaxoshwa ngonyaka odlule ngamasosha ase-Ethiopia kanye namasosha asuka e-Eritrea eyakhelene nayo, babuyela enhlokodolobha yesifunda iMekelle ngoMsombuluko ezihlweleni ebezithokozile ukubabona.
Ukubuya kwabo kwalandelwa isimemezelo esavela kuHulumeni kaNdunankulu u-Abiy Ahmed, sokuqedwa kwempi isenzo esachithwa okhulumela iTPLF uGetachew Reda “njengehlaya”.
Isitatimende esivela ku “The Government of Tigray”, esikhishwe ngeSonto nguGetachew, sithe sizokwamukela ukumiswa kwesikhashana uma kuzoba khona iziqiniseko zokuthi ngeke kuphinde kuhlaselwe kodwa kuzodingeka kuhlangatshezwane neminye imibandela ngaphambi kokuba kwenziwe isivumelwano. “Amasosha ahlaselayo ase-Amhara nase-Eritrea kumele ahoxe eTigray abuyele ezindaweni zawo zangaphambi kwempi,” kusho isitatimende. Akuzange kube khona ukuphawula okwenziwe ngokushesha okhulumela uNdunankulu kanye nosihlalo weqembu elibhekele ukusebenza kukahulumeni elisungulwe ukuhlanganisa umsebenzi wezokuphepha eTigray.
I-TPLF ibiphethe lesifunda amashumi eminyaka ngaphambi kokuthi u-Abiy angene embusweni ngo-2018. UHulumeni wakhe ubelokhu elwa neTPLF kusukela ngasekupheleni konyaka odlule ngemuva kokuyisola ngokuhlasela izinhlaka zamasosha eTigray. Izinkulungwane zibulewe.
Bangaphezu kwezi-400 000 abantu esifundeni manje ababhekene nendlala kanti kunengozi yokuqubuka kwezingxabano kulesi sifunda yize uHulumeni eyeka ukulwa, kusho iZizwe Ezihlangene ngoLwesihlanu. Esitatimendeni sakhe, uHulumeni waseTigray uthe ufuna ukuthola usizo olungenamingcele kulesi sifunda, kanye nokuhlinzekwa ngokugcwele kwezinsizakalo ezibalulekile ezifana nogesi, ezokuxhumana, ezamabhange, ezempilo nezemfundo.
Isitatimende sithi iNhlangano Yezizwe kufanele isungule isigungu esizimele esizophenya ngamacala ezimpi futhi kumele kusungulwe inhlangano yamazwe omhlaba ezobhekela ukuqaliswa kwanoma yisiphi isivumelwano sokuyeka ukulwa.