Umqeqeshi uthi akumele bayesabe iGhana aBafana


IBafana izokwamukela iBlack Stars namhlanje eFNB Stadium emdlalweni omqoka. IGhana isanda kuphula izinhliziyo zabalandeli bebhola kuleli ngesikhathi iqoqe amaphuzu amane ibhekene neBafana emdlalweni wokuhlungela ukuzibekisela indawo ku-Africa Cup of Nations. Yabhuquzise iBafana ngo 2-0 eGhana yase yabelana ngamaphuzu idlala ngo 1-1 kuleli.
Nangowezi-2006 iGhana iyona eyavimba iBafana ekutheni izibekisele indawo kweyeNdebe yoMhlaba eGermany.
“Sidinga isikhathi ukwakha iqembu. Lapha sibumba iqembu elakhiwe ngabadlali abancane. Leli yithuba elihle lokuthi ngihlole la badlali abancane. Umdlalo wanamhlanje uzosinika isithombe sokuthi bakulungele yini ukudlala ezingeni lomhlaba. Ungadlala kahle emidlalweni yeligi kodwa namhlanje elinye izinga. Kuzoba nzima. Sidinga isikhathi kodwa lokho akusho ukuthi angeke siwalwele amaphuzu amathathu. Yebo sigxile ekubumbeni iqembu kodwa ngeke sikubalekele ukuthi siyawadinga namaphuzu,” kusho uBroos ekhuluma nabezindaba eseFNB.
IBafana ibambane neZimbabwe nge 0-0 eNational Stadium, eHarare ngoLwesihlanu emdlalweni wokuqala wokuhlungela ukuzibekisela indawo kweyeNdebe yoMhlaba.
“NgoLwesihlanu sasilwela amaphuzu amathathu kepha sahluleka. Angeke sikhale ngephuzu ekuhambeni. Namhlanje sizongena enkundleni ngehloso yokubutha amaphuzu amathathu. Ngijabule ngendlela esizinikele ngayo ngoLwesihlanu. Ngifisa ukubona into efanayo nasemdlalweni weGhana. Uma silokhu sidlala, yilapho sizokhula khona njengeqembu,” kuqhuba uBroos.
Bekungokokuqala uBroos ehlezi ebhentshini njengomqeqeshi weBafana ngoLwesihlanu.
“Akumele siyesabe iGhana. Abadlali bami kumqoka ukuthi bazethembe. IGhana yiqembu eliqinile. Eqoqweni lethu yilona iqembu eliyinkinga kodwa akumele siyisabe. Kukhona lapho singayixina khona,” kuchaza uBroos.
IBafana sekunesikhathi yagcina ukudlala kweyeNdebe yoMhlaba. Ngowezi-2010 iyona ebisingethe lomqhudelwano.
“Uma ufuna ukungena emiqhudelwaneni emikhulu kumele unqobe imidlalo yakho yasekhaya. Uma singayinqoba yonke imidlalo yethu ekhaya bese sinqoba omunye owodwa ekuhambeni ngicabanga ukuthi indlela yethu ebheke kweyoMhlaba ingakhanya bha. Kusasa sidlala ekhaya, kumele silwelwe amaphuzu amathathu. Iphuzu nalo ngeke lisilimaze. Lizosho ukuthi iGhana inamaphuzu amane bese sibanamaphuzu amabili. IZimbabwe uma ishaya i-Ethiopia izoba namaphuzu amane. Nathi sizobe sisekhona embangweni,” kulandisa uBroos.
Ngemuva komdlalo owodwa iBafana inephuzu elilodwa.
“Yonke imidlalo imqoka kodwa iphuzu ngeke lingikhalise emdlalweni wanamuhla. Lizosigcina embangweni. Ukungashaywa emdlalweni wanamuhka kuzosisiza kakhulu ezinhlelweni zethu zokuhlelembela indawo kweyeNdebe yoMhlaba.” kuphetha uBroos.