IMelika inxenxa iChina ngo-Israeli



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Umholi weNdlu yezigele (Senate) eMelika u Mnu uChuck Schumer ucele uMengameli waseChina uXi Jinping ukuthi aseke i-Israel ngemuva kokuhlasela kweHamas. Uveze nokuthi “udumele” ngokuthi iBeijing ayikhombisanga “uzwelo” kwi-Israel ngempelasonto.
Amasosha eqembu lama-Sulumane , i-Hamas, abulale ama-Israeli angama-1300 futhi athumba inqwaba yabantu ngesikhathi ehlasela amadolobha akwa-Israeli. Lesi senzo sibe ngumvuka wento eyenzeka eminyakeni engama-50 eyedlule lapho u-Israeli ubhekene neGibhithe neSyria empi yaseYom Kippur.
Uphendula, uMnyango Wezangaphandle eChina unxuse esitatimendeni sangempelasonto ukuthi “izinhlangothi ezifanele” zizole futhi ziqede ubutha ukuze kuvikelwe izakhamuzi, wengeza ngokuthi “indlela eyinhloko yokuphuma kule ngxabano isekusebenziseni isixazululo semibuso emibili nokusungula uMbuso ozimele, ePalestine.”
U-Schumer uhola ithimba lamaqembu ahlangene (bipartisan) ohambweni oluya e-Asia, oluhlanganisa nokuhambela eSouth Korea nase-Japan. Lelithimba lihlose ukuthuthukisa izinhlelo zomnotho nezokuphepha phakathi kweMelika nalamazwe ase Asia..
“Izehlakalo eziqhubekayo kwa-Israeli kulezi zinsuku zimbi. Ngiyaninxusa kanye nabantu baseChina ukuthi nime nabantu bakwa-Israeli nigxeke ukuhlasela kobugwala nonya,” kusho uSchumer etshela u-Xi emhlanganweni wabo eBeijing.
“Ngikusho lokhu ngenhlonipho, kodwa ngiphoxekile ngesitatimende sikangqongqoshe wezangaphandle esingakhombisi ukuzwelana noma ukweseka abantu bakwa-Israelingalezi zikhathi ezinzima,” engeza.
Ebuzwa mayelana ngenkulumo kaSchumer, okhulumela uMnyango Wezangaphandle uMnu uMao Ning esithangamini esijwayelekile ngoMsombuluko uthe iChina “ikhathazeke kakhulu” ngokuqhubeka kwalengxabano. “Siphatheke kabi kakhulu ngokulimala kwabantu okudalwe yingxabano, futhi siphinde siphikisane futhi sigxeke izenzo ezinjena ezibhekiswe kubantu,” kusho uNing. Uqhuebe wathi iChina ifuna ukuthi kubekwe phansi izikhali kugwenywe ukufa kwabantu abaningi.