Now Reading
Ayimhluphi eyokubhekana neqembu lakhe elidala oyiphini lamqeqeshi kwiTS Galaxy FC
Dark Light

Ayimhluphi eyokubhekana neqembu lakhe elidala oyiphini lamqeqeshi kwiTS Galaxy FC

UShaun Bartlett uzakhele igama kuBafana Bafana ngokuhlohla amagoli amqoka ngesizini edlule. Kuyimanje uhlezi endaweni yesibili ohlwini lwabadlali abanamagoli amaningi eqenjini lesizwe ngamagoli angama-28 emdlalweni engama-74.

Ngaphambi kokuthi athathe umhlalaphansi uBartlett udlalile kuMakhosi. Akagcinanga nje ngokudlala kuphela kodwa uphinde wabuya njengephini lika-Ernst Middendorp obecija iChiefs kumasizini adlule.

Namhlanje  uzobhekana nayo iChiefs adlale aphinde aqeqesha kuyona.

Exoxa nelaboHlanga, uBartlett ukubeke kwacaca ukuthi akazimisele ngokuyifaka ekhanda eyokuthi uzobhekana neqembu lakhe elidala.

“Kimina akuyona into etheni ukuthi ngidlalile ngaphinde ngaqeqesha kuChiefs kanti nakhu manje sengizobhekana nabo. Njengamanje umqondo nenhliziyo yami ilapha kuTS Galaxy. Kuyijoka lami ukwenza isiqiniseko sokuthi ngifaka isandla empumelelweni yeqembu. Indaba yokusebenza kuChiefs phambilini ayithi shu kimina,” kuchaza uBartlett.

KuChiefs, uBartlett udlale amasizini amabili ngowezi-2006 nangowezi-2008.

Ngowezi-2018 nangowezi-2020 uyibambe ePhefeni njengephini likaMiddendorp.

“Sithole ithuba elihle lokubabona bedlala. Angingabazi ukuthi kubaphathe kabi ukushaywa yiMamelodi Sundowns ngempelasonto edlule kuMTN8. Yingakho kumele sigawule sibheke ngoba bazoba yingozi. Bazofika kithina belambile futhi behlose ukuzokhipha isibhongo ngathi. Kumele siyilungele leyo mpi kodwa sizilungiselele ngendlela efanele. Bonke abadlali eqenjini bayakuqonda ukubaluleka kwalo mdlalo. Akekho umuntu ozimisele ngokushaywa emdlalweni wokuqala. Phela akuyona into emnandi ukushaywa emdlalweni wakho wokuqala,” kuqhuba uBartlett.

Umdlalo weGalaxy neChiefs ngowamagqubu. IChiefs iyona ekhiphe iGalaxy kwi-Top Eight  ngesizini edlule. Womabili amaqembu aqede isizini elingana ngamaphuzu. Umehluko wamagoli yiwona ofake Amakhosi kuTop Eight.

“Sifuna ukunqoba. Okungenani kumele sibuye nephuzu elilodwa uma kungukuthi siyahluleka wukuwaqoqa wonke amaphuzu amathathu,” kubeka uBartlett.

Egcina ukuhlangana la maqembu, iChiefs inqobe ngo 1-0 ngegoli likaSamir Nurkovic khona eMbombela okuyinkundla azohlangana kuyona kusasa.

“Izinhlelo zethu zigxile kuChiefs. Uma ufuna ukuphumelela kuleli kumqoka unqobe imidlalo yasekhaya. Nathi siqala ekhaya. Kuleli sizini sifuna ukugxila kakhulu ekuqoqeni amaphuzu ekhaya,” kuqhuba uBartlett.

IGalaxy yenze amalungiselelo ayo okuqala kwesizini eNorth West.

“Amalungiselelo okuqala kwesizini ahambe kahle kakhulu. Sizifudumuze ngenqwaba yemidlalo yesihle. Nedlanzana la badlali abalimalile,” kusho uBartlett.

See Also

Ukaputeni weqembu uGiven Msimango noMarlon Heugh ngeke babe yingxenye yalo mdlalo. Bobabili balimele.

Ngesizini edlule iGalaxy ihlulwe yiTop Eight ngosuku lokugcina lweligi.

“Sizimisele ngokwenza kangcono kunangesizini edlule. Sidumele sihluleka wukungena ku-top eight. Noma kunjalo kodwa angeke sikuthathe kancane ukuthi iqembu lizamile ngoba bekuyisizini yalo yokuqala ezingeni eliphezulu. Osekusele manje wukwakhela phezu kwalesi sisekelo esisakhe ngesizini edlule. Okumqoka wukuthi senze isiqiniseko sokuthi umdlalo nomdlalo sibangcono. Sizimisele ngokuqeda endaweni eng ono kakhulu njengeqembu kwilogi,” kusho le ngwazi.

IGalaxy iqinise iqembu layo ngabadlali abayisishiyalolunye okubalwa kubona uMohammed Anas, Igor Makitan, Augustine Kwem, Zolani Nkombelo, Xolani Slawula, Mthobisi Mngomezulu, Sthembiso Ngobe noVasilije Kolak.

“Akulula ukufika eqenjini elisha. Kuthatha isikhathi ukujwayela eqenjini elisha ikakhulu laba abasuka phesheya kwezilwandle. Basazama ukujwayela izilimu zakuleli. Kumqoka ukuthi sibasize bajwayele isitayela sokudlala eqenjini. Ulwazi lwebhola luyakhula ngasohlangothini lwabo. Into ebesiyilwela ukuthi kuthi kuqala sizini umdlali nomdlali abe esazi ukuthi yini edingakala kuyena.” kusho uBartlett.

IGalaxy idedele nenqwaba yabadlali ekupheleni kwesizini edlule. Ihlukane noReneilwe “Yeye” Letsholonyane, Bevan Fransman, Mbulelo Wambi, Myer Bevan, Felix Badenhorst, Xolani Mahola, Sefako Matlala noGerald Modisane.

Scroll To Top