Ingxoxo NelaboHlanga: Umphathi weTS Galaxy uthi ukudayiswa kweqembu yisinqumo sebhizinisi
Ngesizini edlule uMnu uTim Sukazi uhlukane nezindlodla zemali ethenga iHighlands eyifaka ngaphansi kweqembu lakhe i-TS Galaxy. Iqembu lakhe lifike kwezwakala ku-DSTV Premiership. Likhiqize abadlali abane abancane abagcine bephelela emaqenjini esizwe.
U-Ethan Brooks oneminyaka engama-20 noMasilake Phohlongo oneminyaka engama-23 basize iBafana Bafana yakhala yemuka neCosafa Cup eGqeberha.
UJustice Figareido ubuye nendodo yethusi emqhudelwaneni ofanayo kwathi uMacbeth Mahlangu wayibamba kuma-Olympic Games eTokyo, eJapan.
“Indaba yokudayisa nokudayiselana ijule kakhulu. Osuke edayisa usuke enezizathu ezithize ezimenze wagcina efinyelela kuleso sinqumo. Nalowo osuke ethenga usuke enesizathu esithize esiholele ekutheni athathe isinqumo sokuthenga iqembu. Ngizokwenza isibonelo; uma iqembu libhekene nenkinga yezimali futhi lingela engozini yokudliwa kufanele lenze njani? Kumele livumele ukudliwa bese lilahlekelwa yikona konke noma kumele lidayise ukuze lingalahlekelwa? Ngicabanga ukuthi kucacela ngisho ingane encela ibele ukuthi yikuphi okumele ukwenze kule simo njengosomabhizinisi,” kucacisa uSukazi.
Muva nje i-Royal AM, isanda kuthenga iBloemfontein Celtic.
“Uma iqembu lidayise ngenxa yezimali lisuke lenza into enhle ngoba lokho kusuke kuzovikela isithunzi seligi. Izinto ezifana nalezi, ziyinkinga zingadincilela phansi isithunzi seqembu. Awacabange nje uma kunganeqembu elidliwayo phakathi nesizini. Into efana naleyo ingadala isiphithiphithi. Iligi ingagcina isele namaqembu ayi-15 lapho isizini isiphakathi. Yingakho ngingayiboni into embi ngokudayiselana kwamaqembu. Lokhu angikusho ngoba nakhu iTS Galaxy ingene esigabeni esiphezulu ngendlela efanayo. Engikushoyo, ngikusho ngenxa yokuthi ngicabangela isithunzi seligi,” kuqhuba uSukazi.
Isililo sikhulu ngokushabalala kweCeltic enomlando omude ebholeni lakuleli.
“Nokho okumqoka kimina okukwedlula konke umehluko iqembu elisha elisuke lizofika nawo. Iqembu elisha kufanele libonakale ngombala. Yize ngisho kanje kodwa isinqumo esifuze lesi kumele sithathwe yizikhulu zeligi. Uma iqembu elisha linezinkomba zokuthi lizokwenza umehluko eligini yethu, kuhle kakhulu. Izinqumo ezifana nalezi akumele zithathwe kancane. Uma yonke imigudu ilandelwe ngendlela efanayo futhi iqembu libonakala ukuthi kukhona okusha elizokuletha ebholeni lethu, kumele lelo qembu lamukelwe. Ukufika kwezinguquko yinto eyenzeka yonke indawo,” kubeka uSukazi.
Ukudayiswa kwamaqembu sekuyinsakavukela ebholeni lakuleli. Kulo nyaka iWits kumele ngabe igubha iminyaka eyi-100. Nokho igcine ithengwe yiTshakhuma yaseLimpopo ngesizini edlule.
“Uma kunezimpawu zokuthi iqembu elisha lizobanga izinkinga, lelo qembu akumele livunyelwe ukuthi libe yingxenye yeligi. Kodwa-ke kusuke kunzima ukuqagela ngekusasa leqembu elisha. Angisho ukuthi isizini nesizini kumele kudayiselwane ngamaqembu. Ukufika kwamaqembu amasha yinto ongeke uyivimbe. Noma kungathiwa abekho abadayiselene kodwa kuhlale kuzoba namaqembu amasha ngoba kukhona asuka ezodla ubhedu esigabeni esiphansi,” kusho uSukazi.
ISuperSport United nayo kuke kwavela ukuthi kungenzeka idayiswe njengoba iDSTV isixhase iligi.
“Uma kuya ngami, bengizothi akubekwe imigomo eqinile ezokwenza abafuna ukungena ebholeni bacabange kakhulu futhi babone ukuthi akudlalwa. Uma singabeka umthetho wokuthi umuntu oyedwa akavunyelwe ukuthenga iqembu kabili eminyakeni emihlanu.” kucacisa uSukazi.

