Now Reading
Inkampani yonogada iyazihlangula ekusocongweni kukaMengameli
Dark Light

Inkampani yonogada iyazihlangula ekusocongweni kukaMengameli

Oyinhloko yenkampani ehlizeka ngezokuphepha ezinze eMiami iCTU Security nesolwa ngokuqasha onogada baseColombia okuthiwa babe nesandla ekusocongweni kukaMengameli waseHaiti, u Mnu uJovenel Moise isikuphikile ukubandakanyeka kulokhu. Kayigcinanga lapho kepha iveze nezinsolo zokuthi empeleni ngabavikeli bakamengameli okumele baphenywe.

UMengameli wabulawa ngenyanga eyedlule esemzini wakhe ePort-au-Prince. Lokhu kwalandela ngokuthi kuphunywe inqina kuthungwathwe abasolwa nokwaholela ekuboshweni kwamalungu angomakadebona aseColombia.

Izikhulu zaseHaiti zimile ekutheni i-CTU Security ephethwe nguMnu u-Antonio Intriago, iyiyo eyayiqashe lamasosho. Esitatimendini sabameli baka Intriago lezi zinsolo ziyachithwa: “UMnu uIntriago ubengenalo ulwazi futhi engeyona ingxenye yalesi sehlo esibuhlungu, ” kusho abameli iLacayo Law Firm. Isitatimende siqhubeke sathi:

“Ngesikhathi bengena egunjini lapho bekukhona umengameli bamthole esebanda uNkosikazi wakhe elimele kanzima… Kuyinkolelo yethu ukuthi onogada bakaMengameli yibo abamkhaphele. U Intriago uyisisulu setulo elijulile ” kusho isitatimende.

Ngakolunye uhlangothi ngomlomo weNxusa lase Haiti elizinze eDominican Republic, uhulumeni waseHaiti ucele usizo kwi-United Nations (UN) ekwenzeni uphenyo ngokusocongwa kukaMengameli uMoise. Lesi sicelo sise ncwadini ebhalelwe uNobhala-Jikelele we-UN uMnu u-Antonio Guterres”, kusho inxusa esitatimendeni. Kuyo ngokukhethekile, iHaiti icele ukuba kwakhiwe “ikhomishini yophenyo lwamazwe kanye nenkantolo ekhethekile ezoshushisa abasolwa.”

See Also

Le ncwadi esayinwe nguNgqongqoshe Wezangaphandle, uMnu uClaude Joseph, ithe: “iHaiti ithatha ukusocongwa kukaMoise njengobugebengu bamazwe ngenxa yezinsolo zokubandakanyeka kwabangaphandle ekuhleleni, ekuxhaseni nasekusocongweni kukaMengameli “.

IHaiti iphinde yaphakamisa ukuthi ukungenelela kwe-UN kufanele kulandele indlela yophenyo eyalandelwa ngesigameko samavukelambuso eLebanon ngowezi-2005 nokwafa abantu abangama-22 noNdunankulu wezwe.

Scroll To Top