Now Reading
UZuma usekulungele ukudumelana noKhongolose
Dark Light

UZuma usekulungele ukudumelana noKhongolose

Kubukeka encipha amathuba okukhumelana umlotha kanjalo nokuzithiba phakathi kwaloyo owayenguMengameli weqembu, uMnu uZuma kanye noKhongolose. Lokhu kulandela ukuxhumana okube khona phakathi kwamamele uZuma kanye noKhongolose njengeqembu kanjalo nezinye izikhungo kanye nabaholi beqembu abathintekayo. Kulaba baholi kukhona umufi uMnu uMandela kanye nowayenguMengameli uMnu uMbeki.

Imbangela yalencwadi wudaba olusezithebeni zenkantolo eMgungundlovu olwaziwa ngolimi lomthetho ngokuthi yi- State v Zuma Case No. CCD 30/2018.  Incwadi ebhalelwe uMnu uPaul Mashatile nonguMgcinimafa weqembu nayilapho uMashatile ngokwesikhundla sakhe enxuswa ukuba aveze ubufakazi obuthile obumqoka ekuzivikeleni uZuma nongomunye wabamangalelwa abaphambili ecaleni. Lemi niningwane ithinta ngqo izinsolo uZuma abhekene nazo; zokuthi kwacoshakala  amavenge ngesikhathi kuba khona ukuthengiselwana kwezikhali ngaphansi komklamo owabe ubizwa nge – Strategic Defence Package  nokuyinto ngokwamaphepha asenkantolo okuthiwa kwenzeka phakathi kowezi-1997-1998. 

Kungokokuqala ngqa ukuthi kube nesimo lapho uZuma abeke khona uKhongolose esimweni  esibucayi kanjena  njengoba ukuveza nokungavezi lemininingwane kuzowulimaza kumalungu nasemphakathi jikelele.  Ngakolunye uhlangothi lesi senzo siveza ukuthi uZuma okade ayefunga ukuthi ngeke enze okubi kuKhongolose usefike ekugcineni lapho engasakwazi ukuzithiba.

Encwadini yabameli bakaZuma  i-Thusini Attorneys ebhalwe ngomhla zingama-20 kuNtulikazi nonyaka bacela uKhongolose ukuba akhiphe amabhuku ezimali ukuze  uZuma ezokhombisa inkantolo ukuthi yena umsulwa njengoba esolwa ngenkohlakalo nokukhwabanisa kwithenda yokuthengwa kwezikhali kuleli.

Abameli baZuma bacela wonke amabhuku ezimali aqinisekisa izimali ezikhishwe yizinkampani zaseGerman nezaseFrance okuyizimali ebezimayelana nohlelo lokuthengwa kwezikhali kuleli ngesabelomali sowe-1997/1998 nowe-1999/2000.

Baphinde bacela namabhuku aqinisekisa izimali ezikhishwe nguMnu uTony Georgoadis ongowokudabuka eGreece kodwa osehlala eLondon nongomunye wezinkampani ezazifuna ukudayisela izikhali iNingizimu Afrika.

Khona lapho bafuna namabhuku aveza izimali ezakhishwa nguMnu uYusuf Surtee ngesabelomali sowezi-1997/1998, 1998/1999 kanye nangowezi-1999/2000. Bafune futhi namaphepha aveza imali eyakhishwa inkampani yaseFrance, iThint ngesabelomali sowezi-2003/2004 nowezi-2004/2005. Kabangcini lapho njengoba befune namabhuku aveza imali eyakhishwa nguMnu uBill Venter wenkampani i-Alton Group/Altech Defence Systems Pty Ltd ngesabelomali sowe-1997/1998, 1998/1999, 1999/2000.

“Leminingwane esiyidingayo ibalulekile kulowo esimumele njengoba kumele azivikele ecaleni abhekene nalo lenkohlakalo nokukhwababisa nokushushumbisa imali njengoba kusolwa ukuthi wasebenzisa isikhundla sakhe eqenjini nakuhulumeni ukuze asize noma iyiphi inkampani eyayifuna ithenda ukuba inikwe umsebenzi, sicela nisinike impendulo ebhalwe phansi engakashayi umhla zingama- 26 kuNtulikazi nonyaka, uma lokho kungenzeki sizophoqeleka ukuba silandele imigudu yomthetho ukuze siyithole yonke iminingwane esiyidingayo, sikholwa ukuthi ngeke kuze kufike lapho njengoba sikholwa ukuthi i-ANC izozibophezela iyikhiphe yonke imininingwane esiyidingayo,” kusho abameli bakaZuma.

Awuwodwa uKhongolose esitikini

Esinqumweni esisobala ukuthi uZuma ufisa ukuvala izikhala ukuze wonke umuntu othintekayo aziphendulele, uZuma ngabameli bakhe uphinde wabhalela abe-Nelson Mandela Foundation.  Lolu hlaka ngokomthetho limele konke okuthinta umufi uMandela njengoba namafa akha abiwa yiyo.

Ngokwamaphepha aphambi kweNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu lapho kuqhubeka khona icala, kusolwa ukuthi uZuma wasebenzisa isikhundla sakhe kuhulumeni naseqenjini ukuweza inkampani kaMnu uShabir  Shaik iNkobi Holdings ukuba izuze kumathenda okuthengwa kwezikhali ayekhona. UShaik wake wazibiza  ngomeluleki wezimali kaZuma. INkobi kwabe kuyinkampani yaboHlanga  engena ngaphansi kohlelo lwe-Black Economic Empowerment (BEE) eyayisebenzisana neThales okuyinkampani edayisa izikhali yaseFrance okuyiyo eyathola ithenda.

Lokhu kwenza umbuso usole ukuthi iThales yanika uZuma ivenge  kodwa kusetshenziswa uShaik. Ngalokhu uShaik wagwetshwa iminyaka eli-15, emva kokulahlwa icala lenkohlakalo nokukhwabanisa kodwa wahlala isikhashana ejele wabuye waphuma kulandela ukuxinwa ukugula. Emva kokugwetshwa kukaShaik, obenguMengameli ngaleso sikhathi uMnu uThabo Mbeki wakhomba indlela uZuma nowabe elisekela lakhe ngakho belu ngoba waphatheka  ecaleni likaShaik.

“Kumanje silungiselela icala sitshelwe ukuthi i-ANC inayo yonke iminingwane esiyidingayo,” kusho abameli bakaZuma. Bathi uZuma akakaze asize muntu ukuba athole ithenda yokuthengwa kwezikhali khona ezozuza imali ngesikhathi okukhulwa ngaso.

Encwadini efanayo nebhalelwe uKhongolose nakuNelson Mandela Foundation kufuneka iminingwane ezokhombisa ukuthi uZuma umsulwa.

“Ebufakazini obathunyelelwa iKhomishini kaMehluleli uWillie Seriti, uMengameli uDkt Nelson Mandela neNelson Mandela Foundation ibona abavela ezinsolweni zokuthinteka kwithenda yokuthengwa kwezikhali. Uphenyo olwenziwa ngoColonel uJohn du Plooy noMnu uRichard Young luveza ukuthi iNelson Mandela Foundation kungenzeka ukuba yiyo eyathola okuthile ezinkampanini zaseGerman nezaseFrance mayelana nethenda yokuthengwa kwezikhali,” kusho abameli bakaZuma.

See Also

Abameli baZuma bathi lobufakazi uPhiko lwezokuShushisa, i-National Prosecuting Authority (NPA) obunabo bukhombisa ukuthi kungenzeka ukuba uMandela ongasekho nguyena owayenamandla okuthi anqume ukuthi ngubani okwakumele athole ithenda.

UKhongolose uyaziphungela

Abameli be-ANC iMcedisi Ndlovu and Sedumedi Attorneys bephendula isicelo sabameli bakaZuma bathe bayibhekile imininingwane ebiceliwe bathola ukuthi yonke imininingwane nemiqingo ebigciniwe ngaphambi kowezi-2005 yacekelwa phansi yizikhukhula ezahlasela amahhovisi.

“I-ANC ayinawo amaphepha ezimali aphakathi kowe-1997 nowezi-2000, ngoba acekeleka phansi,” kusho abameli be-ANC.

Nokho lokhu kukhuluma kuchithiwe ngomunye wabantu ababehlala ekomitiki elabe libheka amabhuku ( ezimali) eqembu . U-Advocate uMotshehoa Brenda Madumisa-Pajibo SC uthe:

“Sengibe wuSihlalo wekomiti elibhekelele ukusebenza kwezimali kwi-ANC iminyaka eminingi, ngaphansi koMngcinimafa-jikelele abaningi kubalwa uMfundisi uMakhenkesi Sitofile, uMnu uMendi Msimang, uMnu uMathews Phosa, uDkt uZweli Mkhize noMnuz uPaul Mashatile. Akusilo iqiniso ukuthi i-ANC ayinawo amabhuku ezimali,” 

Okusobala yikuthi uZuma usesithathile isinqumo sokukhuluma akwaziyo ngenhloso yokukhumula ibhatshi eselize lamfanela lokuthi ungumholi onuka phu inkohlakalo . Umbuzo uthi ngabe akwaziyo kuthinta obani bakuphi. Ukuthi kuvele igama likaMandela kuzothunaza isithunzi seqembu nesakhe uMandela qobo yize esokobandayo. UMbeki okade asho ukuthi ngamampunge ukuthi kwaba khona inkohlakalo kungenzeka agcine esephoqeleka ukuba athathe isinqumo sokuvumelana noZuma noma ame ngasohlangothi lukaKhongolose. 

Scroll To Top