Akumile ukuthunjwa eNigeria kepha ikhona inhlasi yethemba
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Abathumbi bafuna innkokhelo ukuze kudedelwe izingane ezingama-80 ezathunjwa esikoleni okuhlalwa kuso enyakatho yeNigeria ngenyanga edlule. Lokhu kuvezwe ngu Mfundisi u-Ite Joseph Hayab oyingxenye yethimba elisemizanweni yokuba kukhululwe laba bafundi.
Ukuhlaselwa kwesikole iBethel Baptist High School esifundeni saseKaduna bese kuyisigameko se-10 kusukela ngoZibandlela. Ngokwezi phathimandla lesi yisenzo sezinswelaboya eziqola abantu imali. Umkhuba wokuthunjwa kwabantu kakhulukazi abafundi eNigeria uqale wenziwa yiqembu losidlame iBoko Haram neyabe ifaka ingcindezi yezepolitiki kuhulumeni. Kube sekuthathwa yizinswelaboya nezenza inzuzo enkulu njengoba kuvela ukuthi sekuthathwa ngisho namalungu emindeni yezinjinga ukuze kutholakale imali.
Ngakolunye uhlangothi enye intombazane eyathunjwa khona eNigeria eChibok ikhululiwe yabuyela kwabo . Kwenzeka lokhu emuva kweminyaka eyisi-7 khombisa kwagasela iBoko Haram neyathumba amantobazanyana angama2000. Lesi senzo sakhomoza abantu emagunjini onke omhlaba ngaphansi kwesiqubulo esthi: #bringbackourgirls.
Echaza ngokubuya kwalo wesifazane uMbusi uBabagana Zulum uthe le ntombazane nomuntu athe yayishada ngesikhathi ithunjwa baziveze kwiziphathimandla neziphumelele ukuxhumana nemindneni. Lokhu uthe kutshale ithemba lokuthi nabanye abasathunjiwe bazotholakala. Uthe le ntombazane izothola ukunakekelwa ngokwengqondo nangokwelashwa ngaphansi kohlelo lukahulumeni.

