Kushiyane Ukwenza: UMzizi wavikela iqembu, uRamaphosa uzivikela yena siqu



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Kunoma yimuphi umholi wepolitiki kuyafika isikhathi lapho kumele akhethe phakathi kwezinto ezintathu ezimqoka. Kulokhu okumele akukhethe kuphakathi kwakhe siqu nayilapho engakhetha ukuvikela yena noma isithunzi sakhe noma lokho akumele ukuze azuze. Okwesibili kube yilapho eqoka khona iqembu akulo, nayilapho ezidela yena ukuze kuvikeleke iqembu. Okwesithathu yilapho lomholi ekhetha ukuvikela izwe kuneqembu noma yena siqu.
Lo mzuzu kuleli sonto ufikile nakuMnu uRamaphosa ongumholi weqembu elibusayo, i-African National Congress (ANC) neNingizimu Afrika. Kusuka ngoLwesithathu lomholi ubesesitikini seKhomishini ephenya ngezinsolo zokugwamandwa kombuso. Akukhona okokuqala umholi we-ANC efikelwa yilomzuzu wokukhetha ukuthi uma ngaphi manxa enza isethulo.
Ngonyaka we-1997 lowo owayeli Sekela Mengameli kaKhongolose neNingizimu Afrika, uMnu uMbeki wenza isethulo kuKhomishini Yamaqiniso eyabe iholwa nguSobaba uTutu. Lesi kwabe kuyisigcawu esimqoka ezweni ngoba okuncane nje okuvelayo nokushiwoyo kwakungaguqula okuningi ngomlando wepolitiki yombangazwe kuleli kanjalo nendima eyahlakulwa nguKhongolose, amalungu nabaholi bawo.
Njengoba kwenzeke kuRamaphosa uMbeki wanikwa izinsuku ukuba enze isethulo egameni lenhlangano. Yize babekhona abanye uMbeki wabe emqoka ngoba wayekhona eziwombeni eziningi futhi esondelene nomholi owaba nguMengameli weqembu iminyaka eminingi, uMnu uTambo. Ngakolunye uhlangothi uMandela yena yize ayengumholi kepha wahlala ejele iminyaka engama-27 nokwasho ukuthi izinto eziningi okwabe kukhulunywa ngazo wayengazazi ngakho belu ngoba wayesezikhindini.
Umehluko kuzethulo
Phakathi kokunye okwabe kuyelwa nguMbeki noKhongolose kuKhomishini ngokusho kukaMnu uRonnie Mamoepa owayekhulumela uMbeki ngaleso sikhathi kwabe kukuyoqondisa umlando ngenhlangano kwezinye zezinto eyabe isolwa ngazo:
“Isethulo sizophathelana ikakhulukazi nokuziphatha; kwabezempi, abezokuvikela nabezobunhloli benhlangano okuqukethe impi enobulungiswa eqondiswe obandlululweni olwalubukwa umphakathi womhlaba wonke njengobugebengu obubhekiswe ezimisweni zobuntu.”
Umehluko phakathi kwalaba baholi bobabili usobala. UMbeki ezimpendulweni zakhe kanjalo nokukhuluma nje wavikela iqembu lakhe nomzabalazo elabe lisekhaleni lawo. Lokhu kwabe kumqoka ngoba kwabe kukhona ababefuna ukuthi ‘izono’ zamaqembu ombangazwe zilinganiswe nalezo ezabe zikhonjwa kuhulumeni wamadlagusha (uhulumeni wobandlululo). Isibonelo labo ababeseka uhulumeni wamadlagusha babefuna izenzo zoMkhonto weSizwe ne Azania People Liberation Army (APLA) nezinye izinhlangano zaboHlanga zilinganiswe nezalezo ze-South African Defence Force (SADF). Kuzokhumbuleka ukuthi i-SADF yabe ingasatshwa nje eNingizimu Afrika kepha namanye amazwe eNingizimi ne-Afrika abe elwazi udosi lwayo nolwabe luyimbubhiso. Lombutho owabe uyisadla sokuphisela sikahulumeni wamadlagusha wawushiya kukhalwa lapho uke wagasela khona uthungatha owabe ubabiza ngamaphekulazikhuni, usho aboHlanga ababelwisana nenqubo yobandlululo.
UMbeki uya lapha kukhomishini nje kunomgoga oyingozi owabe ucushiwe hayi kuphela kuKhongolose kepha nakumzabalazo waboHlanga jikelele. Lapha kwakumele avume ukuthi umzabalazo waboHlanga, izinhlangano zabo namalungu babefana nje nohulumeni wobandlululo ngenzenzo zabo. Ngamafuphi uma ubandlulo labe liwubugebengu okusho ukuthi nomzabalazo waboHlanga nezinhlangano zabo zabe zingehlukile.
Kusethulo esaziwa ngokuthi yi –African National Congress Statement to the Truth and Reconciliation Commission, uMbeki nowaye hola ithimba nowenza isethulo wakubeka ukuthi umzabalazo waboHlanga wabe ufanele nokuthi wabe ungehlukile kuneminye eke yaba khona emazweni nase zikhathini ezahlukene. Kusethulo uyakuvuma ukuthi kwaba khona amaphutha kepha akugcizelelayo yikuthi lokho kwabe kungeyona inqubomgomo yeqembu nokuthi abantu babe bengajutshiwe ngubuholi. Ngamafuphi lapha uMbeki wabe amukela ukuthi kungenzeka ukuthi amalungu athize abe nakwenzayo okungahunyushwa kabi kepha lokho ayekwenza ngale kweqembu noma ubuholi.
Kulokhu uMbeki wamukela ukuthi ingcabha isala neqembu elingumvikeli wamalungu nobuholi. Okumqoka yikuthi lapha uMzizi kakhulumanga ngaye ( nokuyinto ayengayenza manxa ethanda kwazise umlando wakhe nomndeni wakhe wabe uhlonishwa) noma ngabanye athi babengcono kunabanye.
Okunye okumqoka yikuthi okwabe kuvunywa nguMbeki ngamaphutha angaphakathi hayi ukuthi kuvunyelwane nomgoga wokuthela ngehlazo umzabalazo ngokuba ulinganiswe nezenzo zombuso wamadlagusha.
Umzuzu kaRamaphosa
Ukubuyela kukaRamaphosa kuKhomishini eholwa nguZondo bekungekhona okokuqala ubeseya ihlandla lesibili. Emlenzeni wesibili uqhubeke lapha ayeqale khona. Umfoka Samuel njengoMbeki uvumile okuthile. Uvumile ukuthi kukhona okungahambanga kahle ohlelweni lokutshala izikhuphekhuphe zeqembu ezindaweni ezimqoka kuHulumeni. Lokhu bekumthinta ngqo ngoba ngokwesikhundla sakhe njengoSekela Mengameli weqembu wayehola ikomiti elabe litshala izikhuphekhuphe zeqembu. Kusethulo sakhe somlenze wokuqala uRamaphosa wavuma ukuthi kukhona okungahambanga kahle kokunye wazihlangula yena kwezinye izenzo kakhulu azibize njengohlelo noma umkhankaso wokugwamanda umbuso.
“Siyabona ukuthi abantu abangaqeqeshekile ngokwanele bafakwa ezikhundleni. Lokho kufakazela ukwenzelela futhi kubhebhezela ukungqubuzana kwangaphakathi,” ebeka. Waqhuba wathi: “Ukuqashwa kwenziwa ngesikhathi esithile futhi ngendlela ethile. Kufanele sikuyeke lokho.” Ngale mpendulo wadweba isithombe esithi ngabanye abenza lokhu nokuthi ngesakhe isikhathi lokhu kumele kuyekwe, empeleni uthe bayakulungisa. Nokho phezu kwalokhu ulivikele ilungelo leqembu lokutshala izikhuphekhuphe zalo nathe kwabe kuyingxenye yokuguqula uHulumeni nokufakwa kwabantu abazi ngomgomo kaKhongolose njengeqembu elibusayo.
Okuqaphelekile kuyo yomibili imilenze yezethulo zikaRamaphosa wukuthi konke athi kwabe kungalungile ubekubeka ezimahlombe eqembu kepha akekho abethi kwaqala noma kwafela ezandleni zakhe siqu. Lokhu kwenze kwanda imibuzo ekutheni kanti yena yini athi wayenamandla okuyenza ezikhundleni ayebekwe kuzo. Phakathi kwezikhundla ayekuzo yileso sokuba nguSihlalo wekomiti elabe liphakamisa ukujutshwa kwabathile ukuthi babe sezikhundleni.
Ube nguthula ebona
Umbuzo obumqoka nobungahle wehlise isithunzi nokwethenjwa kwakhe nobuza ukuthi kwenzeka konke nje lokhu yena siqu ubekuphi futhi enasikhundla sini, uRamaphosa uveze okuthile nokushiye eminye imibuzo.
Okube sobala kuzimpendulo zikaRamaphosa yimizamo yokuzihlukanisa sampela nohulumeni kaZuma nosolwa ngenkohlakalo nokugwamandwa kukahulumeni. URamaphosa uthe yena wayezimisele ukushiya njengePhini likaMengameli nathi wakumunyunga noliPhini likaNobhala-Jikelele we-ANC uNks uJessie Duarte. Uthi loyomqondo wabuye waguquka ngoba wabe ehlose ukulwa ngaphakathi.
“Ukwesula kwami kwakungeke kusize kodwa kwakuzoqhubezela phambili umonakalo, nganquma ukuhlala ukuze ngizokwazi ukulungisa isimo, ingakho nangesikhathi siya engqungquthelani yaseNasrec okwathi uma kukhona abaphakamisa igama lami esikhundleni sikamengameli nganganqaba ngoba ngangizimisele ngokulungisa umonakalo owawukhona,” usho kanje.
Iqhina embizeni
Lokhu kuvela ngokusobala ukuthi ngesikhathi izwe lidinga umvikeli kubantu “ababegwamanda umbuso” uRamaphosa wacabanga ngesikhundla akuso nafisa ukuba kuso. Ekuphenduleni kwakhe kakufihli ukuthi ekwenzeni kwakhe wabe eqikelela ukuthi uyilwa ngaphakathi ngoba uma eke wabanga umsindo wabe engaxoshwa nokuxoshwa.
Namuhla ukuhlala kwakhe ayidudule ngaphakathi kwamenza wakwazi ukumela ukhetho njengoba esenguMengameli wezwe neqembu – Ngamafuphi wazuza ngokungesuli esikhundleni noma akhulume manxa ebona noma ezwa ngenkohlakalo.
Okunye okuvezwa yilesi sinqumo sakhe sokuyilwa ngaphakathi angabangi umsindo yikuthi naye qobo wabe eyingxenye yenkinga yokuqembukelana. Uyakuveza ukuthi wabe esebenza nabathile ngaphakathi ukuze baginge izikhohlakali lezi ezabe zikhumuza inkece yabakhokhi bentela ngokusho kwakhe. Lokhu kuvuma ukuba yingxenye yohlangothi oluthile kwenza luvuke udaba lokuthi ngabe laba abamseka ngemali emkhankasweni wakhe i-CR17 bona qobo bazuzani noma basazo zuzani. Lolu lwazi kungenzeka lungaphinde lutholakale njengoba uRamaphosa ekulwisa ukuba amabhuku namagama abantu nezinhlangano ezabe zimuxhasa avezwele umphakathi. Nezinkantolo zisamvuna kulokho.
Akwaziwa iyozala nkomoni
Yize kulele kuMehluleli uZondo ukuba anqume ngesethulo sikaRamaphosa, okusobala wukuthi uRamaphosa usemkhankasweni wokuthi azibeke njengowehlukile kunoZuma neqembu ezintweni eziningi. Uzibeka njengowafika (ebuya kwezamabhizinisi) ukuzolungisa iqembu elabe limantwenguntwengu yinkohlakalo. Ufisa wonke umuntu amukele ukuthi ukuthula kwakhe angasho lutho, angesuli ezikhundleni zakhe konakala wayekwenza ngenhloso yokulungisa, ngakho kungabuzwa ukuthi wabe ethule leni ngoba lokho kwabe kuliqhungasu. Kulokhu uzimisele ukuthi avikele yena siqu ( umlando wakhe, izinqumo zakhe ) kuneqembu ngoba nguye ongalilungisa, nguye uMalamulela.