Now Reading
Usethuka izanya owayelinxusa lase Myanmar
Dark Light

Usethuka izanya owayelinxusa lase Myanmar

Obelinxusa leMyanmar enhlanganweni yezizwe iUnited Nations( UN) uhlalele ovalweni. Lokhu kulandela ukuxoshwa kwakhe ngababusi abasha ezweni eseliphethwe nguhulumeni wamasosha. UMnu uKyaw Moe Tun uhoxiswa nje wabe eqokwe nguhulumeni wedemokhrasi owaketulwa. Ngesikhathi kwenzeka lokhu wama entabeni wasola amasosha ngokulidla ngejozi izwe nokwamdalela amazinyo abushelelezi.

Abaholi bezempi baseMyanmar  bamxosha ngaleso sikhathi, kodwa okwamanje uhlala eyisithunywa se-UN sezwe ngoba iUnited Nations ayikwamukelanga ukuvukelwa kombuso ngamasosha. Ezikhulumela yena uMoe uthe zikhona izinsolo ezibambekayo zokuthi kukhona abahlela ukumenza isilo sengubo. Uthe uyazidinga ezokuphepha.

Isiteshi sethelevishini yoMbuso eMyanmar sabika ngoNhlolanja  ukuthi uKyaw Moe Tun uxoshelwe ukungathembeki ezweni nobumbuka, ngemuva kosuku enxuse amazwe ukuthi asebenzise “noma yiziphi izindlela ezidingekayo” ukuguqula ukuthatha ngejozi umbuso nokwaphetha ngokuboshwa kwaloyo owayekhethwe ngabantu   uNks u-Aung San Suu Kyi.

Osomaqhinga balindele ukuba badingide ngenyanga ezayo kwi-United Nations mayelana nokuthi uKyaw Moe Tun angaqhubeka yini ngokuba athathwe njenge nxusa laseMyanmar noma ngabe abaholi bezempi bezwe kufanele bavunyelwe ukubeka esikhundleni sakhe isithunywa esisha enhlanganweni yomhlaba enamalungu ayi-193.

See Also

Encwadini ayibhalela uNobhala-Jikelele we-UN u-Antonio Guterres ngoNhlaba, uNgqongqoshe wezangaphandle wezempi eMyanmar  uWunna Maung Lwin wathi uqoke u-Aung Thurein ukuba abe yinxusa le-UN eMyanmar. U-Aung Thurein wayeyilungu lombutho wezempi kusukela ngowe-1995 -2021.

Scroll To Top