Now Reading
Ezombusazwe azimsebenzeli umuntu ompisholo
Dark Light

Ezombusazwe azimsebenzeli umuntu ompisholo

Sekungumlando ukuthi umehluleli osathatha umhlala phansi uDigkgang Moseneke ukhiphe umbiko ngenyanga edlule onezincomo eziphakamisa ukuthi ukhetho lohulumeni bezindawo luhlehliselwe uNhlolanja wonyaka ozayo.  Lolu khetho obelulindelwe ngabomvu bekumele lubanjwe ngo Mfumfu.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngo Nhlaba ikhomishini yokhetho kuleli i-Indipendent Electoral Commission (IEC) yajuba uMoseneke ngo Nhlaba ukuthi enze ucwaningo olwaluzobheka ukuthi ngabe bekufanele luqhubeke yini ukhetho lohulumeni basekhaya.Lolu cwaningo lwalubheka ukuthi ngabe le lizwe belizokwazi yini ukuba nokhetho olukhululekile olungenakwenzelela ngaphansi kwemigomo yomvalelandlini, engakayivumeli imibuthano emikhulu emaqenjini ezepolitiki.

Ngokuka Moseneke isizathu esibe seqhulwini ukuthi angeke lukhululeke ngendlela efanele lolukhetho njengoba izwe lihaqwe ukhuvethe kanye nomvalela ndlini wezigabagaba.

Lolukhetho beluza nje belandulelwe olukazwelonke okade lubanjwe ngo-2019. Olulandelayo luzoba ngowezi-2024. Olohulumeni basekhaya lona lalu ngowe-2016.  Emva kweminyaka emihlanu sizodlula kulokhu futhi.

Kuleliviki usihlalo we IEC  uMnu uGlen Mashinini uthe usayine amaphepha asenkantolo yomthetho sisekelo esicelo sokuthi ukhetho lohulumeni bezindawo luhlehlele unyaka ozayo. UMashinini umemezele lokhu esithangamini sabezindaba abesibize ngoLwesithathu  ecacisa ngodaba lokhetho oluyindaba egudwini. Abe-IEC bafuna ukhetho luhlehlele uNhlolanja ka 2022.

Abe-IEC bathathe lesi sinyathelo emuva kokuthi uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uDkt uNkosazana Dlamini Zuma ememezele ukuthi ukhetho kufanele lube ngo-Mfumfu 27 nonyaka.

Njengoba sonke sazi kuyaye kuthi mangabe sekuvotiwe amaqembu epolitiki kube iwona athumela abaholi bawo ukuthi ayomela lawo maqembu ephalamande, isishayamthetho sesifundazwe kanye no masipala. Umthetho wezwe lakithi olawula ezokhetho usebenza ngalendlela esiyichaza lapha ngenhla. Ngamanye amazwi izakhamuzi zalelizwe zigcina ngokuvota kuphela.

 Masikhumbula ukuthi ngaphambi kwalokho amaqembu asuke eseke aya kwezawo izingqungquthela lapho amalungu akhethekile efike eqoke ubuholi. 

Abanye bosombusazwe bebengakhombisi ukuba nomdlandla wokuthi lolukhetho lwase khaya luhleliswe. Phakathi kwabo singabala uMnu uCyril Ramaphosa ohola iqembu elibusayo. Isizathu ebesihamba phambili kakhulu ukuthi uKhongolose uya kwi ngqunqguthela yokukhetha obayo ubuholi ngo Zibandlela wezi-2022. uMnu uRamaphosa usevele ubheke ukungenela ihlandla lesibili lokuhola i-ANC. Ukunqoba lapho kungabe sekusho ukuthi uyoba esethatha izintambo futhi njengomangeli wezwe.

Ukufakazela lokhu esikubalula lapha ngenhla ukuthi uMnu uAce Magashule ongunobhala we ANC osamisiwe waphawula kakhulu ngalokhu. Lo ka Magashule osanda kuchithwa izinkantolo emizameni yakhe yokuthi uKhongolose wamumisa ngokungekho emthethweni. Njengoba esamisiwe nje emaphepheni akaye wafake ezinkantolo wakhomba uMnu uRamaphosa nge njumbane ukuthi yonke lento itulo lakhe umengameli lokuthi athathe isikhundla sokuhola UKhongolose kalula ngonyaka ozayo engaphazanyiswe muntu.

Lokhu esesikulobe kafushane lapha ngenhla kusibekela ngokusobala ukuthi ezombusazwe kuleli ikakhulu ngaphansi kwalaba holi esinabo uhlelo nje lokuhlomulisa bona. Into esemqondweni yabo bonke amandla nokubusa okuthi nxa sebekutholile lokho bakhohlwe abantu abasemazingeni aphansi nokuyibo abasuke bebafake kulezikhundla.

Bonke abaholi bethu balandela ibhodwe elincosayo.  Mawujula ngomlando thina maAfrika besinendlela yethu yokubusa yamakhosi. Ipolitiki ifike nondlebe zikhanya ilanga abaletha indlela yokubusa izwe yase Yurophu ukuzosigcindezela.  Ongakwazi lokhu kusamele ajule ngomlando we Afrikha nokusekwa kwayo bese ebheka ukuthi abahlwithi mhlaba bama kholoni bafike kanjani kulelizwekazi nanokuthi kwakuyini izinhloso. Uzothola ukuthi ipolitiki iyona ndlela kwezinye eyayihamba phambili ekugcindezeleni abo mdabu.

See Also

Kulelizwe lakithi lamandla ombuso asetshenziselwa ukuthi kunothe abathile nemindeni yabo. Yingakho ubona inkohlakalo idla lubi ngalendlela. Okwenza inhliziyo insonsothe ukuthi ama Afrikha kulelizwe awaboni nhlobo ukuthi ayasetshenziswa ilabaholi abasibusayo. Sibhala kule ngosi nje abe Statistics South Africa basanda kukhipha izibalo ezithusayo ezithi abantu abangasebenzi babalelwa kwisigidi esingama-13. Imindeni le efuna ukuphakela izingane izinike ikusasa eliqhakazile. Angeke lokhu kwenzeka indlala ibhokile ikati lilele eziko. Kungashona ilanga ke masingakhuluma ngezinkinga ezisikhungethe kulelizwe lakithi.

Koba nini abo Hlanga kulelizwe bedlala osopolitiki ababakhumbula ngezikhathi sokukhankasa bephisana ngezikibha nezijumbane zokudla. Singama Afrikha sifuna impilo engcono. Mabesibheka osombusazwe kulelizwe babona nje iziphukuphuku ezilambile okumele zikhohliswe ngamaphasela okudla nezikibha ezinobuso babo. Ake abo Hlanga bevuke emaqandeni. Lelizwe esilakhele akulona elosombusazwe. Izwe lo khokho bethu leli eladliwa ngendluzula kwachitheka igazi lo baba mkhulu.

Uyishaye esikhonkosini umhlaziyi we politiki osemnkantshubomvu uMnu uAubrey Matshiqi kwi ngxoxo abe nayo no Sizwe Mpofu- Walsh ngo Nhlaba mhlazi-13. Oka Matshiqi utshele uMpofu- Walsh kwishanela yakhe ukuthi ngaphansi kwaloluhlelo lwe politiki oluhlale luthumela izakhamizi okuthi ziye njalo okhethweni angeke ushintsho lweqiniso oluzoguqula izimpilo zabo Hlanga luze.

Kungani thina sizwe esimpisholo sesiphose ithawula kangaka sanikela ngobuthina kosomathuba bosopolitiki abafike kithi besiluthe bembethe izikhumba zezimvu kanti izimpungushe uqobo lwazo.  Sithi singabo mdabu sinenkululeko. Inkululeko  yiphi  le eyenza sithutheleke emadilobheni sishiye amakhaya ethu siyombondelana emalokishini. Inkululeko yiphi lena eyenza ukuthi amaphesenti angu 30 wabelungu ube nomhlaba wase Ningizimu Afrika.

Thina ma Afrika saluthwa ngokuphindiwe. Ngikhumbula isanusi ubaba uCredo Vusamazulu Mutwa osalala kobandayo ozame wancama ukuvusa ama Afrikha kulobuthongo abuhuqayo. Ngizwa iminjunju nxa ngiphethe usiba lwami ngibhodla ngalo mbhidlango. Sizwe sakithi sokhululeka mhlazane sabumbana sabona ukuthi akekho ngisho noyedwa usopolitiki ocabangela thina.

Kumele size namaqhinga acacile azobhidliza aluqede loluhlelo  lwezombusazwe ngoba alusoze lasisebenzela nakancane.  Kodwa ke sengamukela ukuthi inkululeko  yangempela mhlambe iyofika sonke sesaba amathambo amhlophe.  Mhlambe izingane esizizele kuyoba izona ezokhulula lelizwe ngokweqiniso ngoba thina asiboni nakancane ukuthi konakele. Uyadela owaziyo ukuthi kazi sovuswa ubani masingazivusi thina ma Afrika.

Scroll To Top