Bafuna kuhoxe ngokushesha amasosha atshalwe i-UN



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Iziphathimandla zamasosha esikhashana eMali ngoLwesihlanu zicele ukuthi umbutho wokugcina ukuthula weNhlangano Yezizwe (UN) uhambe “ngokuphuthuma “uphakamisa inkinga yokuthembana” phakathi kweziphathimandla zaseMali kanye nemishini ye-UN yeminyaka eyishumi eyaziwa ngokuthi iMINUSMA.
Kuphawula uguquko olukhulu ezweni eliseNtshonalanga Afrika, elizabalaza kakhulu ukunqanda ukuvukelwa kombuso okwamila izimpande kulandela ukuvukela umbuso ngowezi-2012.
IMINUSMA yatshalwa nguMkhandlu Wezokuphepha we-UN ngowezi-2013 ukuze usekele imizamo yamazwe angaphandle neyasekhaya yokubuyisela uzinzo.
Ukukhungatheka ngenxa yokungavikeleki okwandayo kwabangela ukuketulwa kombuso okubili ngowezi-2020 nangowezi-2021 futhi izikhulu ezibusayo bezilokhu zixabana kakhulu neMINUSMA kanye nabanye ababambisene namazwe angaphandle okuhlanganisa neFrance.
“Ngeshwa, iMINUSMA ibonakala isiyingxenye yenkinga ekubhebhezeleni ukungezwani phakathi kwemiphakathi,” kusho uNgqongqoshe Wezangaphandle waseMali u-Abdoulaye Diop (osesithombeni) etshela umkhandlu onamalungu ali-15.
“Lesi simo sidala ukungathembani kubantu baseMali futhi sidala inkinga yokuthembana phakathi kweziphathimandla zaseMali kanye neMINUSMA. Uhulumeni waseMali ucela ukuhoxiswa kweMINUSMA ngaphandle kokulibala.”
Amalungu oMkhandlu Wezokuphepha kumele amukele isinqumo sokwelula igunya leMINUSMA ngoNhlangulana zingama-30. Isinqumo sidinga okungenani amavoti ayisishiyagalolunye avunayo futhi akukho veto yeRussia, eChina, e-United States, eBritain neFrance ukuze kuphasiswe.