Now Reading
Uzoba mkhulu umbango wokunqoba iDSTV Premiership
Dark Light

Uzoba mkhulu umbango wokunqoba iDSTV Premiership

Zingaphansi kwe-10 izinsuku ezisele ngaphambi kokuthi kuqale imidlalo yamaligi kunobhutshuzwayo. Lokho kusho ukuthi abalandeli sebezobona abadlali abasha abasayinwe amaqembu abo, bejabule okanye bekhala kuya ngokuthi lowo mlandeli iqembu lakhe lidlala kanjani kusizini yangowezi-2021/22.

Kodwa inhloso yale “Ngosi” ukugxila kweyalapha ekhaya iligi ebizwa ngokuthi iDStv Premiership ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL).

Ngikholwa ukuthi baningi abantu ababebuka umdlalo wezimbangi abawomkhaya baseSoweto iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, la maqembu abetholene kumqhudelwano iBlack Label Cup. Sekungumlando ukuthi iChiefs iyona egcine inqobe lo mdlalo sekukhahlelwa amaphenathi, emdlalweni ophele zibambene ngeqanda nhlangothi zombili.

Engikuqaphelisisile kulo mdlalo indlela iChiefs edlale ngakhona ngibona emaningi amathuba okuthi ingabajabulisa abalandeli bayo. leli qembu lapha eNingizimu Afrika ilona elihamba phambili ngokuqukula izicoco yize sekuphele cishe amasizini amane lagcina ukuqukula.

Ikwazile ukuthi ingene kahle emakethe njengoba kade sekuphele amasizini amabili ingakwazi ukuthenga. Kubadlali ebathengile u-Alexander Cole ozosivala isikhala sikaWillard Katsande, uKeagan Dolly ozosebenzisa amava akhe njengoba ephuma phesheya kuligi yaseFrance, uPhathetshedzo Nange okade elilambele lelithuba, uSfiso Hlanti odlala eqenjini lesizwe iBafana Bafana, uKgagelo Sekgota osemncane nekusasa eliqhakazile, uNjabulo Ngcobo onqobe umklomelo weDefender of the Season ngesizini edlule noBrandon Peterson othe efika wabe ebamba amaphenathi noThabani Dube odlale kahle kumqhudelwano iCosafa Cup.

Kodwa iChiefs ibimudinga nomgadli ozolekelela uSamir Nurkovic, okubukeka sezikwazi ukumvimba izitobha, kwazise futhi noLeornado Castro ngeke abonakalale izinyanga ezine ngenxa yokulimala.

Ingosi yami ayikhulumi ngeChiefs kuphela, okwenza kube engathi ngifaka yona kakhulu ingoba abadlali bayo abasha abaningi babonakalile ngeledlule bedlala. Owami umbono ngibona iPirates kanye neChiefs bezoyifaka kakhulu ingcindezi, ngingasho ngithi iqembu elizothatha indebe yeligi lobe lisebenzile ngeke ngamangala uma kungathiwa lelo qembu liyithatha ngemidlalo yokugcina.

IMamelodi Sundowns nakanjani izobe ikhona embangweni weligi nayo isayinisile, uThabiso Kutumela, uSfiso Ngobeni, uDivine Lunga, uGrant Kekana, uNeo Maema noPavol Safranko.
Elinye iqembu engibona lizobe likhona kwamane asembangweni AmaZulu FC, leli qembu yize lingakabamemezeli abadlali balo abasha kodwa umfutho ebelinalo ngesizini edlule unikeza ithemba kubalandeli balo.

Okunye engingakusho ukuthi abalandeli basesifundazweni iKwaZulu-Natal bazokwazi ukuphinde bebe namaqembu amabili azoba kwayi-8 emaqenjini aphezulu kulogi. Lokho ngikushiso ukuthi iLamontville Golden Arrows yize ihanjelwe abadlali bayo abamqoka kodwa izoba nesizini enhle. Isayinise abadlali abaningi akade bedlala kuGladAfrica Championship, uBongumusa Nkosi, uThemba Mantshiyane, uSazi Gumbi, uNqubeko Dlamini, uThubelihle Magubane, uNtsikelelo Nxadi, uSbonelo Cele, uSaziso Magawana, uSihle Mbhele obedlala ePortugal no-Andile Fikizolo okhuza ibuya esuka kuBloemfontein Celtic.

See Also

Njengenjwayelo amaqembu azobe ebanga ukungena kuTop 8, iCape Town City iSupersport United, iBloemfontein Celtic, iSwallows FC neMaritzburg United.

Kulokhu okungenhla kukodwa mhlambe okungangenzeka, kubili mhlambe okuzokwenzeka engingakubalanga nakho okuzothusa abantu abaningi. Namanje ngisasho indebe yeligi ngosuku lukgcina izobe ihamba ngebhanoyi, ngoba kuyobe ingaziwa ukuthi izophelelaphi.


Ngithemba ukuthi iSundwons na-AmaZulu FC bazowumela kahle uMzansi emdlalweni yase-Afrika iCaf Champions League.

Ngithatha leli thuba ngifisele wonke amaqembu isizini enhle

Scroll To Top