Now Reading
Kwethule uhlelo lokuthuthukisa intsha esembonini yezolimo
Dark Light

Kwethule uhlelo lokuthuthukisa intsha esembonini yezolimo

KWETHULWE ngokusemthethweni uhlelo lokufakwa kwentsha engasebenzi embonini yezemisebenzi yezolimo ngenhloso yokuyinika amava azoyisiza iqasheke noma izisungulele awayo amabhizinisi.

Lolu hlelo lwethulwe nguNgqongqoshe woMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kweMiphakathi yaseMakhaya KwaZulu Natali uNkk uBongiwe Sithole-Moloi emcimbini wentsha obuseDannhauser muva nje.

Ethula inkulumo emcimbini wokwethula lolu hlelo, obekuqiniswe kuwo imithetho yokuvimbela ukusabalala kwegciwane lokhuvethe, uNgqongqoshe uthe intsha esemkhakheni wezolimo yiyona okufanele ivule amathuba emisebenzi yingakho uMnyango uqhamuke nalolu hlelo.
Uthe wethemba ukuthi ngokufaka intsha emapulazini enza imisebenzi yezolimo izothola amava ukuze ithuthukise umkhakha wezolimo esifundazweni.

Ibalelwa emakhulwini amathathu intsha engaphansi kwalolu hlelo etshalwe ezindazweni zemisebenzi ezehlukene.


Intsha eningi ifakwe emapulazini enza kahle kakhulu emikhiqizweni egxile kuyo kusukela ekukhulusweni kwemfuyo, amapulazi akhiqiza imifino nokusanhlamvu.

UNkk Sithole-Moloi uthe basebenza ngokubambisana noMnyango kazwelonke wezeMihlaba nokuThuthukiswa kweMiphakathi yaseMakhaya ukuze le ntsha ebingasebenzi isize ukutakula amapulazi abuyiselwa kubantu angenzi ngendlela ngenxa yokushoda kolwazi nobuchwepheshe bokulima.

“Inhloso yethu enkulu ukuthi umsebenzi wokukhiqiza ukudla nokusungula amathuba emisebenzi wenziwe yiyo kanye le ntsha esiyifaka emisebenzini manje,” kusho uNkk Sithole-Moloi.

UMnuz uSibusiso Phakathi, ongumnikazi wepulazi iCSP Poultry, owaqala umsebenzi wokukhulisa izinkukhu ngo-R2000 manje ipulazi lakhe lenza inzuzo elinganiselwa ku-R7 million. Uqashe intsha engu-8 ngaphansi kwalolu hlelo.

See Also

Baholelwa uMnyango futhi bayakwazi ukuziphilisa ngemali abayithola kuHulueni ngaphansi kwalolu hlelo.

Uthe ukuthola intsha azosebenzisana nayo kuyamsiza ngoba kumehlisela umsebenzi futhi kumnika ithuba lokuphosa esivivaneni ekuvuleni amathuba emisebenzi ukuze kuqasheke intsha engasebenzi kodwa esinawo amakhono.

UNksz uZamanyambose Masondo obesehlale iminyaka emine engasebenzi uthe wenza iziqu ze-diploma eMajuba TVET enza primary agriculture ne-farming management.

“Ukungena kuleli pulazi kunginikeze ulwazi lokusebenza lapho kuzaliswa khona amaqanda abe amatshwele. Phambilini bengikwazi kuphela ukusebenza ngezinkukhu zamaqanda okudayiswa nokufuywa kwezingulube. Luhle kakhulu lolu hlelo ngoba akudlali ukuhlala ekhaya ungasebenzi. Ukusebenza ngaphansi kwalolu hlelo kunginikeze isibindi sokufuna elami ipulazi lapho ngizokhulisa khona izinkukhu zamaqanda,” kusho uNksz Masondo.

Scroll To Top