Now Reading
Kugxekwa uKhongolose ngokumbambatha kolwasePhoenix
Dark Light

Kugxekwa uKhongolose ngokumbambatha kolwasePhoenix

Igxekwa nxazonke i-African National Congress (ANC) ngesinqumo sayo sokuthathela izinyathelo umholi woPhiko Lwentsha (ANCYL) kuzwelonke uNks uSizophila Mkhize emveni kwenkulumo yakhe lapho egxeke khona isigameko sokubulawa kwaboHlanga ePhoenix.

UNks uMkhize ohambele ePhoenix emveni kokubulawa kwaboHlanga ukhwele wadilika kwaboMdabu baseNdiya ngesenzo sabo.

“Lolu daba alukho mayelana nokucwasana kwizinhlanga zombili kodwa sibhekene nesigameko lapho aboMdabu baseNdiya bebulele abantu bakithi, asikho isidingo sokulokhu simbambatha,” kusho okaMkhize.

Uthe bayakholelwa futhi ekutheni umnotho waKwaZulu-Natal nowaseThekwini usalawulwa idlanzana laboMdabu baseNdiya ngesikhathi aboHlanga benikwa imisebenzi engamatoho yesikhashana i-Extended Public Works Programme (EPWP).

UMaMkhize uthe kusukela ehambele ePhoenix usethola izinsongo zokuthi uzobulawa.

“Kodwa anginandaba nokwesatshiswa ngoba ngizobe ngingesiye umuntu wokuqala ukushonela izinto zezombusazwe,” usho kanje. Uthe uwabikele amaphoyisa ngalezi zinsongo azitholayo.

Kusukela i-ANC ikhiphe isitatimende sokuthi uzothathelwa izinyathelo uNks uMkhize, uKhongolose uthole ukugxekwa ezinkundleni zokuxhumana.

UMnu uPhillip Mhlongo we- Economic Freedom Fighters (EFF) obuye abenguMkhulumeli weMazibuye African Forum uthe: “Kanti abaholi be-ANC yini lena abayidla yamaNdiya ebenza bawasabe kangaka kungani ingane yakwaMkhize kumele ithathelwe izinyathelo ibe ikhuluma iqiniso,”

Omunye ophawulile kube nguMnu uBongani Mkhize nothe i-ANC izidlalela ngoMaMkhize ngoba ifuna ukujabulisa amaNdiya.

See Also

“Lento ye-ANC yokusaba amaNdiya nabamhlophe iyacika, ngoba incamela ukuthi ize icindezele abantu bakithi abamnyama okuyibo abayibeke emandleni ngoba ifuna ukubukeka iyinhle kulezi ezinye izinhlanga,” kusho uMkhize.

Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, okhulumela i-ANC kuzwelonke uMnu uPule Mabe uthe i-ANC iyibonile i-video lapho uNks uMkhize enze khona inkulumo enohlevane negqugquzela inzondo yobuhlanga.

“Hhayi ngoba kuphela inkulumo kaNks uMkhize ingamukelekile kodwa idala udungunyane nakwi-ANC, zikhona izinyathelo zokuqondisa ubugwegwe ezizothathwa,” kusho uMabe.

UMabe uthe isimo esikhona KwaZulu-Natal sidinga ubuholi obuseqophelweni eliphezulu ukuze kulashwe izilonda ezindala. UNks uMkhize uthe okwamanje ubengakatholi lutho oluvela kwi-ANC mayelana nokuqondiswa ubugwegwe, wengeza ngokuthi ugcine ebona kwabezindaba ukuthi kuthiwa uzothathelwa izinyathelo.

Scroll To Top