Now Reading
Imali esesandleni nesebhange ayisiwo umnotho
Dark Light

Imali esesandleni nesebhange ayisiwo umnotho

Akusizi ukuba nezindodla zemali uma ubuningi bayo bungaphansi kwengqondo onayo ngayo

 

USUKE ungakhulumi ngomnotho uma ungakayiphathi imali. Kanti-ke futhi uma unemali akusho ukuthi sewungusomnotho. Kwabanye uma sebethole imali bayaye bacabange ukuthi sebephethe umnotho ngesandla. Umnotho awugcini ngokuphathwa ngesandla kodwa uphelela kahle uma sewuwuphethe ngengqondo. Umnotho wangempela yilowo ongaphethwe ngezandla. Kungenzeka ube nayo imali kodwa lokho akusho ukuthi sewuphethe umnotho. Imali ibaluleke kakhulu endleleni ebheke enkululekweni yezomnotho, kodwa ayisiso isiphetho. Isiphetho yizimpande lapho umnotho ugxile khona. Bakhona aboHlanga asebenemali futhi ababalwa nezigwili ezweni lethu, kodwa akusibo bonke abasemnothweni.

Uma ngingase ngiwine ilotho namuhla, ngithole izigidigidi zamarandi, lokho akusho ukuthi sengiwusomnotho. Uma sengiyitholile le mali kudingeka nomqondo wami ube sezingeni laleyo mali, ngoba uma umqondo wami ungaphansi kwemali enginayo, imali yiyona ezongilawula. Ngamanye amazwi, umuntu omqondo wakhe ulawulwa yimali anayo wenza izimanga zezinto ezishiya abantu benkemile, baze balimise ngesihloko bethi, ‘uhlanyiswa yimali.’

Imali ingumlenze osemqoka enkundleni yomnotho. Abantu abasungula imali lena esithenga ngayo baba nokuhlakanipha ngokwenza into ezokuba yisibambiso salokho okungumnotho wangempela. Uma sekubalwa amafa omuntu akugcini ngokuba kubalwe imali esephaketheni kumbe esebhange, kodwa kuyedlulwa lapho kubalwe nemisebenzi esegameni lakhe, okungathi uma idayiswa ibe yinani elithile.

Sizalwe sakhula indoda yaziwa ngesibaya sayo ukuthi ingumnumzane. Beyithi uma seyiphuma imfuyo yendoda abantu bayihloniphe, ngoba phela bayabona ukuthi izinzile ngokomnotho. Lokhu bekulungile futhi kusanelisa thina boHlanga, sinolwazi lokuthi umhlaba ngowenkosi, thina siyawukhonzela, bese sinikezwa lowo esizowusebenza sihlale kuwo. Ngokuhlangana komhlaba kufika ondlebezikhanyilanga umhlaba esasimi kuwo waguquka, sazithola sesilandela ngemuva sekufanele sifunde ukuthi umhlaba esinawo kudingeka kube yilowo ofakazelwa ngokubhalwe phansi.

Waqala lapho ukusiphunyuka umnotho. Noma zazigxile kangakanani izindlela zethu zokuba ngabanikazi bomhlaba, kwasehla ngaphezulu uma sekuqhamuka labo abaphethe amaphepha angubufakazi bobunikazi bomhlaba okwakungowethu. Kusobala lapho ukuthi yabe seyingenile impi yomqondo. Uma umuntu ekukhombisa okubhaliwe okufakazisa ukuthi ungumnikazi womhlaba, kuletha ukungabaza kuwe ongenalutho olungubufakazi ngaphandle kwezwi lomlomongathethi manga. Lapha ngiveza isithombe lapho abantu ababehlela umnotho wezwe ababesiveza ukuze kungabikho mbango uma sewubona sebehlezi kulowo mhlaba ababewabelwe. Ngicabanga ukuthi kwaba yibo abasebetshela amakhosi ayebabekile endaweni ukuthi banobufakazi bobunikazi bendawo. Ngokwethu thina boHlanga uma inkosi seyikubekile umngcele wawaziwa ngekhanda, ungabhalwa phansi.

Komunye kuzommangalisa nje ukuthi kulesi sigaba esingenhla ngiqonde ukuthini. Ngifisa ukuveza isithombe okungenzeka sicashe kwabaningi sokuthi ondlebezikhanyilanga baguqula indlela ababenikwe ngayo umhlaba ngesihle, babhala phansi. Emva kwalokho kube sekufanela ukuthi naboHlanga baveze ubufakazi bokuthi umhlaba ungowabo uma bewusebenza. Uma sewuwufuna lo mhlaba sekufanele uwuthenge ngenani elithile. Thina besiphila emhlabeni owazi ukuthi uma sewukhulumile, izwi lakho alinakweqiwa, ngoba lokho okushilo kuyoguqulwa nguwe uma sewusho okwehlukile. Yikho lokhu okwenza kuthiwe inkosi ingumlomo ongathethi manga, ngoba kwakwaziwa ukuthi lokho ekushilo inkosi kuyoguqulwa yiyo ngomlomo wayo.

Indlela yokuphila yaseNtshonalanga ayifani neyase-Afrika. Isimanga esalandela wukuthi kugxile ukuthi kumele silandele indlela yaseNtshonalanga, sehlukana naleyo eyayijwayelekile kwaboHlanga, yokwethembana ngomlomo nje kuphela. Umuntu owenza usebenze ngamasu akhe usuke ekubeka enkingeni yokuthi ulandele kuye. AboHlanga balandela ngemuva odabeni lobunikazi bomhlaba kusukela lapho. Kuze kube namhlanje silokhu silandela ngemuva sizama ukufunda imithetho eguquka mihla namalanga yobunikazi bomhlaba.

See Also

Ngisathinta indawo yokuqala yokuphunyukwa wumnotho esasiwuphethe ngendlela eyayisanelisa thina njengesizwe. Omunye umngani wami wathi: “Ayikho into emnandi njengokuphatha abantu endaweni yabo.” Uma sewuphethe abantu endaweni yabo, kufanele ufake izinhlelo ezaziwa nguwe ukuze ukwazi ukubalawula kahle. Ukuphatha abantu akudingi ube sesicongweni, kodwa ubaphatha ngolwazi nangengqondo yokuthi uma befuna isixazululo beze kuwe. Ngisho abaphathi bezwe babuyela kulezo zinhlelo ezisungulwe nguwe, bagcine sebengasazethembi ezabo izinhlelo. Yilokho-ke isizwe esizithole sibhekene nakho. Kuze kube namuhla uma sikhuluma ngobunikazi bomhlaba silandela inqubo eyafika nondlebezikhanyilanga. Siyohlala siyizitshudeni ezifunda zingaqedi ngoba kuningi okucashile ngobunikazi bomhlaba. Kwesinye isikhathi sizithola sesicela kubo abaseNtshonalanga ukuthi basibuyisele umhlaba wethu, ngoba nalapho sizama ukuhamba ngokomthetho abafika nawo.

Uma sikhuluma ngobunikazi bomhlaba sizithola kufanele sikhulume nabameli abangongoti ngezomhlaba, abakhuluma amatemu akwenza ugcine uzingabaza ukuthi wafunda kahle esikoleni. Uma sewufunda ukuthi umhlaba noma indlu ohlezi kuyo wawuyikezwe iminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye (99 year leasehold) kuletha ukudideka emqondweni. Angazi ukuthi isibalo esinjena sasuselwa kuphi. Kwakuyoba nani ukuthi kukhulunywe ngenani eliqondile, njengekhulu leminyaka yobunikazi. Uma ubhekisisa kahle, le minyaka engama-99 ingugweje okudida ikhanda ngoba akujwayelekile futhi ukuthi umuntu aphile leyo minyaka. Lezi zinto zithi uma zenziwa zifake ukuzingabaza bese ubona ukuthi kuningi ongakwazi, ugcine wehlele ngezansi, bese ummeli ethatha lapho eqhubeka. Ngeke sizigqaje ngokuthi sikhululekile ngokomnotho uma singakayazi imithetho ephethe umhlaba esihlezi kuwo. Siyogcina siyizihambi ezweni lethu. Uhlobo lwabameli abaphatha lezi zindaba zobunikazi bomhlaba lwehlukile kulabo abaphatha amacala okuntshontsha nokunye. Basabalwa bangeqi ezandleni ezimbili aboHlanga abazimele abafunde bagogoda kulo mkhakha wobumeli. Kusagcwele ondlebezikhanyilanga nabokudabuka eNdiya kulo mkhakha.

Umnotho wesizwe ubalulekile ngoba kwakhelwa phezu kwawo umnotho wezwe. Izwe lakhiwe ngabantu, abantu bakhele isizwe, kanti isizwe sakhele izwe. Uma abantu besizwe bengenamali bengenamnotho, lokho kusho ukuthi izwe liyagula. Uma abantu besizwe bengamavila, kusho ukuthi isizwe sisalela emuva, bese kuba nomthelela wokuthi izwe ligule ngokomnotho. Izinto ezenzeka ezingeni lesizwe zinomthelela ezweni esilakhele.

Ngifisa kugxile kwaboHlanga ukuthi asinakukhululeka ngokomnotho uma sisalawulwa ngabanikazi bemithetho esingayazi. Singakhuluma ngayo sigeqe amagula ePhalamende, kodwa uma sekuyiwa ekusebenzeni kwayo, kusebenza abanikazi bemithetho, abazalelwa kuyo eNtshonalanga. Banamasu okuyilibazisa, namasu okuyiguqula uma sekubonakala ukuthi seyiyajwayeleka kwaboHlanga. Zonke lezi zinto zenzeka ngobukhulu ubunono obenza ungabi nasizathu nandlela yokubuphikisa. Sizoqhubeka nalo mlenze wemali enkululekweni yezomnotho ngokuzayo.

  • UMnu uLindani Dhlomo unguMqondisi kwaMind Tunes (Pty) Ltd
Scroll To Top