INjeje ayiyizwa eyeKhomishini yamaLungelo kolwasePhoenix
INjeje yabeNGUNI ishaya amakhala ngokuthi iSouth African Human Rights Commission (SAHRC) iphenye ngesibhicongo sokubulawa kwaboHlanga ePhoenix.
Esitatimendeni esithunyelwe abezindaba, iNjeje ithi ibonile uSihlalo weSAHRC u-Advocate uBongani Majola ngesikhathi ekhuluma nabakwa-ENCA lapho ethi bazoqala izithangami ukuze bathole ukuthi ngabe yini edala ukuthi kube nezigameko zokubulala ezigqugquzelwa ubuhlanga ikakhulukazi ePhoenix.
“Kuyasimangaza ukuthi u-Advovate uMajola angathi bazophenya ngalezi zigameko ekubeni yena ephuma kwiKhomishini eyasebenzisana ne-Ahmed Kathrada Foundation bathatha induna yeNjeje uMfeka, iMazibuye African Forum nowayengumkhulumeli wayo uMnu uZweli Sangweni babayisa kwiNkantolo yezokuLingana emva kokuveza izikhalo ngezinsolo zokucwasa ezenziwa ngaboMdabu baseNdiya kwaboHlanga. U-Advocate uMajola waye ngomunye wofakazi kuleli cala, u-Advocate uMajola wazichitha izinsolo zokucwasa ezenziwa ngaboMdabu baseNdiya kwaboHlanga ezaqala ngesikhathi sikaMnu uMahatma Gandhi,” kusho iNjeje.
Ngokusho kweNjeje, u-Advocate uMajola watshela inkantolo ukuthi abukho ubufakazi obuthi aboMdabu baseNdiya bacwasa aboHlanga, esikhundleni salokho wabachaza njenga maqhawe omzabalazo.
“U-Advocate uMajola wathi izinsolo ezibhekiswe kwaboMdabu baseNdiya zihambisana nenzondo,” kusho iNjeje.
INjeje ithe le Khomishini iyona futhi eyachitha isiphakamiso sikaMfeka uma ethi akube nezithangami emalokishini kubhungwe ngalezi zinsolo.
“Kungenxa yalezi zithathu siwuMkhandlu weNjeje yabeNguni sikukhahlela ngazo zombili ukuthi i-SAHRC iphenye ngezigameko zasePhoenix ngoba sikholwa ukuthi ichemile, asikaze siyizwe leKhomishini igxeka ukubulala okwenzekile ngisho nalaba elala embhedeni owodwa nabo i-Ahmed Kathrada Foundation asikaze siyizwe isho lutho,” kusho iNjeje.
INjeje ithe ifuna ukukubeka kucace ukuthi aboMdabu baseNdiya abazange babulale amabutho abehlomile kodwa babulele abantu abangenacala.
“Kumele kuqondakale ukuthi abantu bakithi bahlaseliwe ngaphandle kokwexwayiswa, ukube besazi ukuthi amaNdiya nabamhlophe basempini nathi abesifazane nezingane bebezohlala emakhaya, ukube besazi ukuthi kunempi besizozilungiselela, umhlaba kumele wazi ukuthi ‘Thina beNguni asimzumi umuntu, simqonda ngqo!,” kusho iNjeje.
Ithe ukujabula kwaboMdabu baseNdiya ngokubulala aboHlanga abebengahlomile kuyinto yesikhashana, kukhulu kuyanyelela.