UPowell uzobe eqeqesha ngaphandle kwenkundla ngenxa yokhuvethe
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Iqembu lakuleli lo mbhoxo iSpringbok Sevens lizoqala umkhankaso wokufuna ukunqoba indondo yegolide kumqhudelwano wama-Olympics abanjelwe eToyko, eJapan ngaphandle komqeqeshi walo uNeil Powell.
UPowell owaqala ukuqeqesha leli qembu ngonyaka wezi-2013 okuzomenza angbibikho ingoba uthe mayefika khona eJapan ehlolelwa ukhuvethe kwatholakala ukuthi unalo. Ngalokho uzohlala izinsuku ezili-14 esegunjini lakhe yedwa eKagoshima. Eqenjini laseNingizimu Afrika uPowell ungowesine otholakale nokhuvethe, okubalwa nabathathu abaseqenjini likanobhutshuzwayo labaneminyaka engaphansi kwengama-23.
Yize uPowell ezobe engekho neqembu kodwa uzobe exhumana nalowo ozobamba indawo yakhe uRenfred Dazel oyisekela mqeqeshi, belekelelana nangosuku lo mdlalo. “Size eJapan silungiselele kahle, nomsebenzi onzima siwenzile eNingizimu Afrika.Ngakho-ke lokhu kuyisiphazamiso esincane kulokhu okukhulu esikwenzile ukuzilungiselela. Kuhamba kahle, abadlali bazijwayeze kahle isimo salapha ukuthi sizobhekana nesimo esikanje, ngalokho ngibathulela isigqoko ” kusho uDazel.
Uqhube wathi: “Iqiniso ukuthi besisidinga isikhathi sokuthi sihlangane enkundleni silungise izinto ezincane, nemizimba yabadlali iqaqeke kahle bathole nesikhathi esanele. Kodwa isimo siyaqonda ukuthi asikwazi ukushintsha lezo zinto esingenakukwazi ukuzilawula. Sikwazile ukwenza ezinye izinto engikholwa ukuthi zizosisiza emidlalweni yethu “ kubeka uDazel.
INingizimu Afrika yathola indondo yethusi ngaphansi kukaPowell kuwona ama-Olympics ngonyaka wezi-2016 eRio de Janeiro, eBrazil.
Elakuleli lizophinde libe yizintandokazi kulo mqhudelwano, liseqoqweni C lapho khona liqhathwe ne-United States, iKenya kanye ne-Ireland.
ISpringbok Sevens izovula ngomdlalo ozokuba ngoMsombuluko ngelesine ekuseni lapho izotholana phezulu ne-Ireland, kuthi ngelesi-12 emini idlale neKenya.