UNdunankulu kaZulu uMntwana wakwaPhindangene uphendula incwadi ebhalwe nguMntwana uThokozani Msweli



UMntwana unguNdunankulu kaZulu noMsunguli we-Inkatha Freedom Party.
Ngifisa ukucacisela izwe ngezinto ezibhalwe nguMntwana uThokozani kaPenuel Cabangubuhle kaSolomon kaDinuzulu.
UMntwana uPenuel osewadlula emhlabeni wayeyilendodana yeSilo sakwaDlamahlahla, iNkosi uSolomon kaDinuzulu. Emzala endlunkulwini yakhe uMdongwe, OkaMphimbo wakwaNdebele. UMphimbo wayeyiNduna yaso iSilo sakwaDlamahlahla, iNkosi uSolomon kaDinuzulu.
Unina woMntwana uThokozani kangimazi ngoba naye ngiqale ukumbona emhlanganweni waBantwana kufundwa iWill yeSilo esikhotheme KwaKhethomthandayo. Ngatshenwa ukuthi kade aziwa ngokuthi unguThokozani Msweli, enguSomlomo kuMasipala weSifunda Ilembe KwaDukuza. Nxa ngibuza ukuthi ngubani loyana. Ngatshenwa ngomunye waBantwana ukuthi nguMnu uMsweli kodwa muva osekudaluleke kuthi uzalwa nguMntwana ongasekho, uMntwana uPenuel kaSolomon kaDinuzulu.
Mina ngikhule naye uMntwana uPenuel esigodlweni sakwaDlamahlahla. Safunda ndawonye, saphasa uStandard 7 esikoleni sakhona eNdlunkulu, eMpumalanga. Sathathwa nguMntwana Omkhulu, uMntwana uMshiyeni ka Dinuzulu owayelama iSilo uSolomon, ngemoto yakhe noMntwana uPenuel kanye noMntwana uThandayiphi kaSolomon esisa e-Adams College. UMntwana kazange agcagcelwe waze wahamba emhlabeni. Ngazi amadodana akhe amabili, enye uMntwana uThemba osewadlula naye emhlabeni, nawo ayezalwa nguMntwana ezintombini.
Ngibona kumqoka ukuba nazi ukuthi longidikadika kanjena engaqali ngubani. Kuhle nezwe lazi ukuthi uqale ukukhwela phezu kwami mhla kufundwa iWill yoMntanenkosi, iNdlovukazi uMantfombi, kwaKhangelamankengane lapho okwathi sisaphethe umhlangano, wasukuma wahilana nami. Wenqaba nokuhlala phansi nxa ngithi kahlale phansi njengoba kwakungakabiyilo ithuba lokuphawula ngenkathi esukuma.
Ngiyamangala nxa uMntwana ozaleke ngalendlela esengiyichazile, ongazange akhulele eSigodlweni eqhubeka ezama ukungihlambalaza phakathi kwezwe, engehla ngoba kuthi nxa iSilo esesabekwa phambi kweZindlu zonke zaseNdlunkulu, yena asasibiza ngoMntwana nxa iSilo sibeka inkulumo eSizweni, emsakazweni bese ekhuluma yonke lenishinishi ayibhale lapha ngami.
Okokuqala kuyinhlamba ephindiwe ukuba uThokozani athi, mina ngivimbela imihlangano yeZindlu zaseNdlunkulu. Ukuthi ngikwenze nini lokhu. Imihlangano engiyibizayo selokhu kuhambe iSilo angikaze ngiyibize ngingasukeli kwiNdlovukazi uMaZungu naBantwana.
Angikaze ngivimbele iSilo (lesi asibiza ngoMntwana yena) ukubonana noMntwana uNombuso. Ngakuchaza lapha ukuthi amasamaniso aseNkantolo athi asikabisiyo iNgonyama lowo obekwe yiWill yomzali wakhe ngokukhomba unina omzalayo njengeNdlovukazi, yena uThokozani naleliqeqebana elisusa umbango asebese igama loMntwana uSimakade kuNdunankulu uMhlonishwa uMnu uSihle Zikalala. Lokho bekwenza amaminithi omhlangano wazozonke izindlu zaseNdlunkulu sezemukele okushiwo yiWill yeSilo ukuthi inkosikazi yaso ezala iNdlalifa nguMntanenkosi, indodakazi yeNgwenyama uSobhuza II.
Futhi angazi ukuthi kunini lapho ngike ngavimba iSilo ukuthi sihlangane noMntwana uNombuso noMntwana uThembi.
Onke-ke lamanga awabhala lapha athi ngangiwenza eSilweni esikhotheme, kwazi izwe ukuthi kusukela sisengaphansi kweSilo lesi esikhotheme, ngisisebenzele ngempilo yami yonke nobukhosi ngibulwele namanje ngisabulwela, kwazi izwe lonke.
Ngiyadabuka nxa ebhala lokhu athi kwashiwo yiSilo esikhotheme, ukuthi mina noHulumeni waKwaZulu sathi ngangisibophe njengoMandela owayeboshiwe. Ngiyadabuka ukuba akhulume into enjena ngeSilo singasekho.
Izwe lonke neSizwe sonke siyazi ukuthi eMakhosini azo zonke izinhlanga laphe’Ningizimu ne-Afrika ayikho neyodwa iNkosi Yohlanga (King) ebekeke ezingeni leli iSilo esikhotheme esikulo. Ngaphoqa uMengameli uMnu de Klerk ukuba iPhalamende ibizwe isivalile usuku olulodwa ukuba kuqoshwe esakhiweni sezwe sesikhashana (Interim Constitution) ngo-1994 ukuba kuyoqoshwa ukuthi ubukhosi bukaZulu (Monarchy) buyemukeleka esakhiweni sezwe ukuthi bukhona.
Iqembu engangilihola i-IFP yacishe yaphela singasayi okhethweni ngenxa yobukhosi beSilo nobukhosi bukaZulu.
Konke lokhu okwenzelwa iSilo kwenziwa yimi noHulumeni wakwaZulu uholwa yimi. Izigodlo zonke zakhiwa yimi noHulumeni waKwaZulu. Abaqaphi lababaqapha iSilo yinto eyenziwa yimi noHulumeni wami waKwaZulu.
IKwaZulu ayizange ibeyiBantustan ngoba mina ngakuchitha ukuba sibeyiBantustan njengoTranskei, Bophuthatswana, Venda neCiskei. Ngokwenza lokho ngavikela ubuzwe, hayi bamaZulu odwa kodwa abantu abampisholo baseNingizimu ne-Afrika abasebeyoba zihambi (foreigners) kulolonke leli ngaphandle kwalezicucu okwakuthiwe zingamazwe ezasala sephucwa izwe. Nezicucwana lezi ezikhona zifakwe yimi phansi kweNgonyama ngokuphasisa umthetho weNgonyama Trust Act ngo-1994. Futhi akukho nesisodwa isifundazwe e-South Afrika esinento efana naleyo.
Kungiphatha kabi ukuthi noma bekhona eNdlunkulu abangiphazamisayo nxa ngenza umsebenzi wami wobuNdunankulu, ukuthi kuze kwenziwe kimi nayimilanjwana pho efana noThokozani.
Indlela yokuthi ahole phansi isithunzi seSilo. Nxa ngisiphelekezele kusho sona, sibeka igama eSizweni, uThokozani athi besifunzwa yimi, asho athi; “UZulu wonkana, izwe lonke kanye nomhlaba wonke uzibonele ngokwawo izinyane leSilo libanjwe ngoqhotho esidlangalaleni, lifunzwa elalikusho, liphendulwa inkothalugqoko yoqobo ngokunyenyezelwa endlebeni khona njalo esidlangaleleni.”
ISilo ngesikhathi sifunda Isizulu kukhona igama esasingaliboni njengoba sasingazifakile izibuko. Ngafunda lelogama, ngaze ngazama ukuqhweba abahamba naso iSilo ukuthi bayobheka izibuko zeSilo emotweni. Akwenzeka lokho.
Yinhlamba lena enginikizwa ngayo ngumuntu okuthi noma ezalwe nguMntwana weNkosi kucacele noma ngubani ngendlela aziphethe ngayo nokungabinanhlonipho ukuthi ngumuntu okhulele emaphandleni. Yonke into ayenzayo uThokozani isho kugqame ukuthi ungumuntu okhulele emaphandleni.
Angithuke, asho khona ukuthi angifanise noHulumeni wamaNgisi namaBhunu, athi sancela kulaboHulumeni bencindezelo njengoHulumeni waKwaZulu.
UHulumeni waKwaZulu ngathunywa ukuba ngingene kuwo ngumholi wami iNkosi u-Albert Luthuli, njengeshoshozela engangiyilo lika-ANC, elalikhuliswe laviviswa nguMsunguli ka-ANC, uBaba uDr Pixley ka Isaka Seme owayeganwe yizibulo likaBabamkhulu iSilo uDinuzulu kaCetshwayo.
Inkatha ngayisungula ngokuthunywa nguDkt uKenneth Kaunda nabaholi bama-Frontline States, ngokuvumelana noMnu u-Oliver Tambo. Umlando wokukhonza komndeni wakithi kwaButhelezi eNdlunkulu mude. UNqengelele ukhokho wami wakhulisa ILembe. Nakuma-Archives abalobi abahlonishwayo, oJames Stuart basho ukuthi wayengumeluleki weLembe ophambili. Ekhona uNdunankulu uNgomane Mdletshe.
UMnyamana wabuthwa yiSilo saseMgungundlovu, iSilo uDingane eMgungundlovu. KwaNodwengu kwathi nxa kukhala izingane zeSilo uMpande, wathi uma ebuza ukuthi zikhala-nje zidliwa yini? Kwathiwa eNkosini uMpande izingane zeNkosi zishaywa nguMnyamana. ISilo uMpande sathi usenguyise wabantabaso. Waze wabonga uMntwana uMthabayi owelamana noMntwana uHhamu nxa iSilo uMpande sithi simganisela uMnyamana. Wathi ngingebe ngisaganwa yingane yakho ngoba sewathi mina nginguyise wezingane zakho.
Abantwana abakhulu baseNdlunkulu bebethi kimi, “Baba,” uMntwana wakwaSitholani – uMntwana uMatholegwaqa uMunywana (umalume wami), umnawe weSilo uSolomon kaDinuzulu, uMntwana uNdesheni kaMnyayiza (umalume wami), uyise ozalwa nguMntwana uNdabuko owelama iSilo uCetshwayo emhlane.
NeSilo sakwaKhethomthandayo mhla sinomhlangano waBantwana bezindlu zonke kwaDlamahlahla ngo-1954, belungiselela ukuba iSilo iNkosi uCyprian Nyangayezizwe Bhekuzulu ka Solomon iyokwembula itshe endlizeni leLembe, kwathi nxa sithi ake kubenethuba bakhululeke aBantwana sibuye sihlangane futhi, sathi ake sithi ukuma “Baba” sisho kimi ngiyingane kuso ngalokho okwashiwo yiSilo uMpande ukuthi uMnyamana nguyise wabantabakhe. Ngangazi ukuthi nxa sike sama sathatha ikhefu, izimbiza zazibila ekhaya eSigodlweni ngaphakathi kwaDlamahlahla, ngeke kubekusalunga lutho. Ngacela ukuba siqhubeke nomhlangano, lingathathwa ikhefu.
Umhlangano wawulaphaya ngaphandle kweNdlu yeSonto. Kungalelolanga lapha uBhusha angethwesa khona ukuba nguNdunankulu wakhe. ISilo esikhotheme size sahamba emhlabeni ngisho esidlangalaleni ukuthi asibeke owaso uNdunankulu.
Lokho esingakwenzanga, singisebenzise kulesosikhundla saze sakhothama. Kuyaziwa ukuthi umlobi ka-ANC, uNobleman Nxumalo owazibiza ngoMzala encwadini kaKhongolose ebizwa ngokuthi: ‘Gatsha Buthelezi – A Chief with Double Agenda’, waloba ukuthi ngazibeka mina ukuthi nginguNdunankulu ngakho baningi abaka-ANC abahambisana nalokho.
Kuyangehlela ukuba ngidikadikwe nguMntwana waseNdlunkulu, uThokozani okhulele emaphandleni. Owenza lokho nabanye eNdlunkulu abangakhulelanga emaphandleni abakwenzayo kimi. Nonikwa yibo isibindi uMntwana uThokozani ukuba achamele ekhanda lami ngaloluhlobo, ngoba akazi lutho ngalomlando engiwubeka lapha. Lomsebenzi engiwenzayo angiwuqalanga manje. Nendlu yakwaButhelezi kayiwuqali manje.
Singabasegcekeni thina bakaNqengelele lapha eNdlunkulu. Ukuzalwa kwami nguMafungwase weSilo uDinuzulu, uMntwana uConstance Magogo Mantithi Thombisile Ngangezinye ka Dinuzulu ngikubeke eceleni ngabomu. Noma bengidayisa nabanye eNdlunkulu futhi kade baqala, angizukudlala umuntu okhulele emaphandleni.