Now Reading
Ngesonto eledlule kuthulwe elinye iqembu elingagoma
Dark Light

Ngesonto eledlule kuthulwe elinye iqembu elingagoma

UMnyango wezeMpilo kuzwelonke uthi uhlelo lokugomela uKhuvethe luhamba kahle. Futhi kubukeka engathi bazokwazi ukufinyelela kumqamlajuqu abazibekele wona. NgoLwesine ngesonto eledlule kuvulwe ukubhaliswa kwabantu abanemnyaka ephakathi kwama-35 kuya kwengama-49 nokwathi kushaya impelasonto kwasekubhalise abantu abayizigidi ezi-5, 9.
Iphini lika mqondisi jikelele kuMnyango wezeMpilo uNicolas Crisp uthe; “Kwangithokozisa ukuthi esikhathini esingangamahora angama-24 kwasekubhalise inqwaba yabantu.”

Waqhuba wathi uHulumeni uthola imijovo njalo ngesonto njengamanje banemijovo ezokwanela izinsuku ezingaphezu kwezili-14. Uqhube wathi ngenxa yezibhelu ezibe khona phakathi kwezifundazwe ezimbili iKwaZulu Natal kanye neGauteng loluhlelo lube nokuphazamiseka. “Njengoba sikwazi ukugoma abantu abayizi-50 000 ngosuku, ngesikhathi kunezibhelu siphazamisekile, asikwazanga ukukwazi ukuhlangabezana naleli nani esazibekela kwizifundazwe,” kusho uMnu uCrisp.

Akagcinwanga ngokwethulwa kohlelo ngokweminyaka kepha nakwizisebenzi zikaHulumeni loluhlelo lokugoma lusaqhubeka nokwethulwa njengoba kamuva nje kubikwe ukuthi kuzogonywa izisebenzi zase majele kanjalo neziboshwa. UMnu uZizamele Cebekhulu wenyunyana iPolice and Prisons Civil Rights Union (Popcru) ephawula ngesasasa kwizisebenzi uthe; “Isasasa liphezulu kakhulu. Njengoba besesikhala kakhulu ngokuthi izinto zisalele emuva emajele ngenxa yesimo esingakhona. Esikufisayo ukuthi engathi bekungasesha ngenxa yezimo ezikhona zokuhamba kanye nezinye izingqinamba. Sesiyathemba ukuthi kuzozameka ukuthi noma zikhona kusheshe ukuthi bagomeke ojele kanye neziboshwa.”

Ecacisa ukuthi isimo besinjani emajele uthe okubakhathazayo ejele ukuthi yonke lemigomo yokhuvethe izisebenzi bezingakwazi ukuyenza isebenze ngoba amajele agcwele, futhi agcwele kakhulu. Uthi okungangebanga elivumelekile ukuthi abantu baqhelelane abakwazi ukubeka imgomo enjengalena ukuthi isebenze ngoba kugcwele kakhulu.

“Bekubuye kuthikamezeke nokusebenza lapho uthola ukuthi izisebenzi sekumele ziyozigcina ngazojwana, kanti vele izisebenzi ziyashoda ukuthi zingamelana nalesiyasimo ngokomsebenzi wethu wasemajele,” kusho uMnu uCebekhulu. Ephendula ukuthi njengoba uNgqongqoshe wezamajele wathi kuzoba neziboshwa ezizothola ushwele, ngabe akubanga namthelela yini ekutheni kuthi ukuthamba isimo, ukuvezile ukuthi lwenzeka futhi lwasiza.

Wathi inkinga ngamajele ukuthi labo bantu abakhishwa namhlanje ngakusasa basebebuyela emuva. “Isimo sihlala sinjalo. Bazamile oNgqongqoshe nabasemvakwakhe kepha sebebuya laba bantu ngezinye izindlela noma okunye ukuganga kugcine kusibuyisela emuva,” usho kanje.

Ephawula ngombono wakhe ukuthi ubona kanjani ngokuthi kugonywe iziboshwa kuqala kunabantu abangaphandle abangaganga bese badinga ukuyohlunyeleliswa isimilo bebe befisa ukugoma uthe; “Ngibona engathi kwenzeke kahle ukuthi nazo zigonywe. Thina ebesikukhalela ukuthi kuqale oJele ngenxa yesimo abasebenza ngaphansi kwaso. Lezi zinhlangothi zombili (ojele kanye neziboshwa) zihlala ngandawonye ngakho kumqoka ukuthi bagonywe bobabili. Mihla namalanga uma uNgqongqoshe wezamaphoyisa ebika ukuthi ubophe abantu abangaka labo bantu basuka nokugula kwangaphandle bafike nakho emajele.”

See Also

Uqhube wathi kungcono ukuthi nazo iziboshwa zigonywe ukuze zizokwazi ukumelana nalabantu abahlezi befika. Uthe njengoba kuboshwe abantu abangaphezu kwezi-3000 kade kunezibhelu esontweni elidlule labo bantu basuka nokugula okungaphandle bakufaka ejele.
Izakhamuzi eziningi ezibhalisele loluhlelo zithe kuyashesha futhi lulula kakhulu. Ongomunye walabo asebegomile uMnu uSabelo Manyathi uthe; “Kube lula ukubhalisa. Sibona izwe lethu limapeketwane ngakho kumqoka ukuthi abangakwazi ukubhalisa manje kumele bakwenze ngokushesha khona bezogoma kuliwe nokhuvethe khona nomnotho uzozanywa ukubuyiselwa esimweni.”

Kusakhona labo abasemanqika ngodaba lomjovo uMnu uPhendulani Ndlovu uthe; “Ngisanqikaza ukuyogoma okwamanje. Ngoba ngibone izindaba eziningi ezingezinhle ezizungezayo ezinkundleni zokuxhumana. Ngisanda kuba nengane mina ngonyaka owedlule angikwazi ukulahlekelwa iyo. Futhi ngisafuna ukuzala. Kulezi zindaba ezizungezayo zenza ngiwungabaze. Okwamanje angikazobhalisa ngize ngibone ukuthi kuphephile ukuthatha lomgomo. Futhi noHulumeni akalokhu emisa abantu ngoba nakhu ethole ugcobho ngalemigomo yakhe.”

UMnu uPhumlani Mhlongo uthe; “Mina ngiyathanda ukuyogoma inkinga uma uya ukuyogoma kudinga engathi ungaqala uzilungiselele emqondweni ungezwa ngomuntu. Okwamanje ngisakuleso sigaba sokuzilungiselela mina emqondweni.”

Scroll To Top