Now Reading
Ngabe le bekuyimizamo yokuvukela umbuso?
Dark Light

Ngabe le bekuyimizamo yokuvukela umbuso?

Abaholi nabantu baseNingizimu Afrika kusuka ngowe-1994 bebelokhu bezishaya isifuba ngokuhle abakuzuzayo mhla elakuleli leqela kudemokhrasi lisuka enqubeni yobandlululo. Lo mlando wesizwe esakhanda ubunye ubuwenza ipolitiki, osopolitiki nabantu baseNingizimu Afrika bahlonipheke ezizweni.

Kuyo yonke le minyaka oMengameli bakuleli bebehlonishwa izwi labo lingawi phansi manxa kukhulunywa ngezokuthula , ukuvikela kanye nokubuyisana.   Ngenxa yalokhu uma kudingeka ukuba kuphakanyiswe igama lezwe okumele lihlale ku-United Nations (UN) Security Council eleNingizimu Africa belingasali. Bekuba njalo nakwezinye izinhlaka nemihlangano obekubheka isimomazwe.

Ukuba munye nokuthula lokhu kusicoshele nodumo kwasenza saba linoni kubatshalizimali njengoba bekulula nje ukuthi kubo ukuthi ‘iNingizimu Afrika ilisango’ lokungena e-Afrika. Besho nabakhokhi bezwe kubatshali zimali ukuthi otshala kuleli (eNingizimu Afrika) utshala ezweni elinokuthula nelinabantu abangenawo umsindo kepha abanokuthula, izingane zikaMandela omude. Bekwala ngisho kuneziwombe lapho kuba nezinxushunxushu umhlaba usho kuqala ukuthi abaholi baseNingizimu Afrika bazoyibamba nembala kube njalo.

Ngenxa yokuhleleka kombuso kanye nepolitiki yakuleli akekho ngaphakathi nangaphandle obecabanga ukuthi elakuleli lingahle libhekane nemizamo yokuvukelwa kombuso.

Nokho izinsuku ezinhlanu ezedlule zibukeka ziwucishe wonke lomlando. Intuthu emnyama ebibonakala emadolobheni nasezindaweni ezithile KwaZulu-Natal naseGauteng iqede ukuziqhenya kwenze kanjalo nenqubo yalo yedemokhrasi. Lokhu kulandelwe wukuvuma kwabaholi bezwe ukuthi bashaywe zinduku zabo njengoba phakathi kwaba balwa njengobhongoza kubalwa amalungu athile ayesophikweni lwezinhloli zakuleli kanye nabathile kuMkhonto Wesizwe.

Ephawula ngalokhu uNgqongqoshe Wezobulungiswa Nokuhlumelisa Izimilo,  uMnu  uRonald Lamola uchaze izibhelu ezikhona ezingxenyeni yezwe, ‘njengokucekela phansi umnotho okusobala’. “Lokhu wubugebengu obukhulu obubhekwe ngeso lokhozi. Silindele ukuthi bazoya enkantolo bashushuswe kabanzi.

Lamagama asekelwe nguNgqongqoshe obambile ehhovisi likaMengameli, uNks uKhumbudzo Ntshavheni. Ekhuluma nabezindaba ngoLwesithathu nayizolo uveze ukuthi labo abangamashoshozela kwalokhu kucekelwa phansi sebehlonziwe futhi babekwa amacala.

“Engingakuqinisekisa ukuthi lokhu kuwukucekela phansi ezomnotho. Kodwa asikho esimweni sokudalula ukuthi obani abenza lokhu ngoba uma senza kanjalo, sizonyemfisa uphenyo nokushushisa okunempumeleo kula macala.”

Lolu lwazi kubukeka kuyiko olwenze uMengameli uRamaphosa wazisa abantu baseNingizimu Afrika nomhlaba ukuthi baphezu kwabo osidlame. “Izikhulu zokugcinwa komthetho zesekwa ezempi basebenza abakhawuli ukuqinisekisa ukuthi izwe libuyela esimweni salo sokuthula nozinzo futhi laba ababhebhethekisa lokhu bazoboshwa,” kusho yena.

Obhongoza

Okwamanje uHulumeni ngomlomo kaNgqongqoshe Wamaphoyisa , uCele bali-12 obhongoza abalandelwayo kanti kweminye imithombo yabezindaba kuvele igama lomunye owayeyisikhulu kwezobunhloli nolinxusa lakuleli njengomunye ophakathi. Oshicilelweni lwangesonto eledlule ElaboHlanga libhale ngeminye iminyakazo ebizoba khona negcine yenzekile.

Ekhuluma nelaboHlanga omunye onolwazi nocele ukungadalulwa uthe echaza ngokuthi kungani abanye bezokuphepha abangamalungu oMkhonto Wesizwe bengabonakalanga :
“Besazi ukuthi asisekho sodwa, sazi ukuthi izinhloli seziphakathi kithi nasemphakathini. Besazi ukuthi sebeyihlonzile imizi nezindawo ebesingenise kuyo. Sixhumene nabanye kwathuthwa amathuluzi, kwase kuyiwa kogqishwa ngasemakhaya,” kusho le nsizwa.

Ithe kube lula ukubona ukuthi basebedidwa ngoba abanye kulezi zinhloli ngabantu abanabo eqenjini kanye nababenabo kuMkhonto Wesizwe. Ithe kube lula ukubona ‘isitha’: “Siyazi nokuthi kunohlu lwabantu okuthiwa bangobhongoza, amalokishi abavela kuwo nokunye, khumbula nathi singamasosha siyawazi umdlalo.”

ElaboHlanga ngeledlule lakuqinisekisa njengokuthola emalungwini oMkhonto Wesizwe akade eseNkandla, ukuthi uhlelo lwawo luzoqhubeka ezindaweni lapho bevela khona kanti kuzovalwa nemizila ethile. Nembala lokho kwenzekile njengokubikwa kwelaboHlanga njengoba uN2 noN3 bebevalwe ngamaloli kusha nemililo.

Okunye elaboHlanga elakuveza wukwesaba kanjalo nolwazi olwabe selukhona kuHulumeni. Ukwesaba lokhu njengokombiko kwabe  kukathathu: UHulumeni wesabela ukuthi uma ngahle kwenzeke okuthile kuZuma agule noma afe izwe lingaba ngumlotha. Ukuthi yonke iminwe iyokhonjwa kuMengameli. Okwesibili kukuKhongolose nawo oholwa ngonguMengameli wezwe, ukuthi uma kungenzeka okuthile kuZuma inhlangano ingaba sobishini amalungu asolane wodwa nokuyinto esivele iqalile. Kanti okunye ukwesaba kusekutheni izinhloli zakwamanye amazwe nezingafuni kube nozinzo kuleli zingaba namaqhinga okulixoxa ukuze umphakathi wakuleli uxabane wodwa bese iNingizimu Afrika ifane namanye amazwe anezimpi e-Afrika.

See Also

Konke lokhu kuholele ekutheni kube nohlelo oluyimfihlo noluzolekelelwa yipolitiki. ElaboHlanga lingakuveza ukuthi yize abamajele bethi uZuma uzophathwa njenganoma yisiphi isiboshwa kepha kuzoba khona abangaphandle ezinhlolini abazobe bengene njengojele abazobe beqaphe konke. Uhlu lwabavakashi nalo kuthiwa lizoqashelwa. Nokho ukwesaba okunye kuseqinisweni lokuthi uZuma unawo amahlalakhona, usemdala nokuthi ukhuvethe luyaqonga. Lesi kuthiwa ngesinye sezizathu ezenze wangaya ejele elinjengeWestiville lapho kunenkinga yokugcwala kanti baningi nabantu “abangalingeka” benze okuthile kusho omunye osondelene nodaba nocele ukungadalulwa ngenxa yomsebenzi.


Omunye wezokuphepha emaphoyiseni naye okhulume nelaboHlanga wakuqinisekisile ukuthi uhlelo lwezokuphepha lwabaholi abathile ngisho nabathile ezinkantolo lizobukisiswa njengoba udaba lukaZuma luthinta abaningi. ElaboHlanga lithole ukuthi abathile kuHulumeni waKwaZulu-Natal kanjalo nabathile ezinkantolo kungahle kwandiswe ezokuphepha ezibazungezile kuze kube “ulaka luyehla ezweni”.

Lolu laka luvukile izolo ngesikhathi abathile ngokungemthetho besabalalisa izithombe zikaZuma eginqiswa izithupha ejele. Lokhu kuqale ngaphakathi ejele ngabathile kwedlulela emaphoyiseni athile nabe esekusabalalisa. Ngokomthetho wamajele akuvumelekile ukuba isiboshwa sishuthwe noma ulwazi lwaso oluyimfihlo lusatshalalilswe. Okhulume nelaboHlanga nonolwazi ngezithombe uthe “ukuthanda imali kojele kungahle kusifake engozini ngoba baningi asebefuna imininingwane ekhethekile ngesiboshwa uZuma. Uma kufika abezindaba baphesheya nabalapha noma izinhloli zithi nansi imali ucabanga ukuthi wena ujele ohola kancane ejele lasemakhaya angenqaba? Inkinga ilapho kusho lo mthombo.

Embikweni owedlule elaboHlanga labika nangohlelo lokuhlaselwa kwabehluleli. Nembala izinombolo okuthiwa ngezikaMehluleli uZondo sisatshalisiwe kanjalo nekheli lomuzi wakhe.

NgoLwesithathu lwakuthangi  elaboHlanga lithole umlayezo obuthunyelwe kuWhatsapp  ngothile nothe abantu kabagasele ezinkantolo baye nasemizini yabehluleli namaphoyisa. 

“MaComrade umsebenzi uyabonakala kodwa osekucelakala wukuthi manje izinkantolo akubhujiswe zona ngoba yilapho siqale khona saba nenkinga khona nale  Zondo Commission amaHhovisi ayo, kanye nasemizini yabo sivale nogesi ezindaweni zamaBhunu kanye nezikhumulo  ngoba kukhona asebebalekayo”, kusho lo mlayezo oyimizuzwana engama-22:38. ElaboHlanga lingakuqinisekisa ukuthi izinhloli ziqaphe ngelokhozi iziphehli zikagesi kanye nezamanzi njengoba kunokwesabela ukuthi uma zingahle zihlaselwe kunganodungunyane ezweni.

Okunye okwenziwa izinhloli nabezokuphepha wukulandela umgudu wemali njengoba kusobala ukuthi kukhona abakhokhewa ukuba banyakaze. Khona lapho nemiyalezo ekwezokuxhumana iyahlaziywa ukuze kubekwe onoxhaka.

Scroll To Top