Now Reading
Aphi amanga ethu? IKhomishani ilwa noMkhosi woMhlanga
Dark Light

Aphi amanga ethu? IKhomishani ilwa noMkhosi woMhlanga

Selize laphuma iqhina embizeni

 

Emuva kokuphika ukuthi kukhona umbiko eliwuhlanganisile nothinta umfundaze wezintombi zasoThukela, iKhomishana Yobulili (Gender Commission) isiwukhiphile umbiko. USihlalo waleKhomishani, uMnu uMfanozelwe Shozi ehambisana nozakwabo bakhiphe umbiko othi kuwukucwasa lokhu okweziwa nguMkhandlu wasoThukela. Nokho okumangazayo ngalombiko wukuthi empeleni kawukhulumi ngomfundaze kepha ugadla lapha esikweni elilumbene noMkhosi woMhlanga.

Ekhuluma neBAYEDE oshicilelweni lamhla zingama-26 kuNhlaba 2016, uSihlalo weKhomishana waphika walala ngomhlane ukuthi kukhona umbiko onjengalona. Lokhu wakwenza phezu kobufakazi bombiko uRef no: 004/02/16/KZN elaboHlanga.

UMkhandlu usolwa ngabeCommission for Gender Equality ngokukhipha umfundaze oqondene namatshitshi.

ISIFUNDA sasoThukela singezinye zalezo ezihlonzwe njengezasemakhaya KwaZulu-Natal. Abantu bakhona yize sekwangena izinto zesimanje basagxilile emasikweni abo. Lokhu awukuzwa nje olimini nasekwenzeni kwabo kepha ukubona nasekuzimiseleni kwabo ekulandeleni imikhosi yezizwe kanye nekaZulu. Njalo ngenyanga kaMandulo amatshitshi akulesi siFunda aqwala izintaba nemimango amabombo ewabhekise eSigodlweni seSILO eNyokeni kwaNongoma. Lokhu kobukayo lapho zimi amaqoqo zilinde izinto zokuhamba, izwe liba mbalabala. Nokho la matshitshi abhekene nengcindezi emangalisayo njengoba iningi lontanga bawo liyakhubeka endleni lizithole seliyeke ngisho izifundo zabo. Umgodi abakhalakathela kuwo munye, ukuluthwa ngabesilisa asebekhulile ababathembisa iZulu nomhlaba nokuphetha ngokuthi bone izibaya zawoyise kanjalo nekusasa lengane leyo. Kubili okuzuzwayo, kuba wusana olugcina lungenayise noma yizifo.

Ngokusho kweMeya YoMkhandlu WasoThukela lezi ngezinye zezizathu ezenze bewuMkhandlu bathatha isinqumo esesingundabamlonyeni lapha eNingizimu Afrika kanye nasemazweni omhlaba. UMkhandlu WasoThukela owenziwe ngamaqembu ehlukene wathatha iSinqumo uNombolo A28/11/15 nesasigunyaza ukuba khona komfundaze. Omunye umunxa walo mfundaze kwakuwukubhekelela amatshitshi ngenhloso ‘yokuwaxhasa esinqumweni sawo sokuzithiba’. Nokho yize lokhu kwathakaselwa ngumphakathi wakule ndawo nowangaphandle bakhona abangakunambithisisanga lokhu, abanye babo yiCommission for Gender Equality. Namuhla leKhomishani inombiko engawukhipha noma yini lapho incoma ukuthi isinqumo somkhandlu asibuyekezwe ngoba kasiphusile nokuthi sihlukumeza amalungelo amatshitshi.

IBAYEDE ikhulume naloyo osekhaleni lwalolu daba iMeya uDudu Mazibuko nothe njengoMkhandlu kabaziboni bejika kulokho abakunqumayo. “Okwamanje asikasiboni isizathu sokuthi kungani kumele siguqule isinqumo sethu. Lokhu esikwenzile siphendule isicelo sezakhamizi zethu okumele njengoHulumeni ohlale uthi uyazilalela izimvo nezimfuno zabantu sikwenze.”

Ube eseveza izibalo athi zinyuka minyaka yonke nezidweba isithombe esibi. “Uma sibuka isibalo sezingane ezincanae ezifundayo ezikhulelwe kulesi sifunda kusilethela usizi. Ezikoleni ezingama-22 zakulesi sifunda kukhona izingane ezilinganiselwa ema-363 ezikhulelwe. Iningi lazo liye laphoqeleka ukuthi lishiye phansi isikole ukuze liyonakekela izingane. Okubuhlungu kakhulu ukuthi iningi lalezi zingane zifunda amabanga aphansi kakhulu.”

Uqhube wathi : “Iningi lezingane ezikhulelwa zisencane kungenxa yokuthi zisuke zijahe ukuthola imali yesabelo sikaHulumeni. Uye uthole ukuthi zithola izingane ngokulandelana eduze, lokhu kudala inkinga njengoba agcina engasazinakekeli izingane zawo, engasaziniki uthando kwazise nawo asuke esamancane esadinga ukuthandwa nokunakekelwa nawo.”

See Also

Ngokwezibalo azinikezile ngonyaka odlule cishe silinganiselwa ezi-6 500 isibalo sezingane ezishiye isikole phakathi kulesi sifunda, kanti iningi lazo yizingane zamantombazane ezisuke zikhulelwe.

“Siyakugqugquzela ukuziphatha nokungajahi izinto ezinganeni zamantombazane. Okuyingakho siye sakhetha ukuthi sisungule izinhlelo zokuthola imifundaze. Ngale mifundaze sihlose ukugqugquzela amantombazane ukuthi ahlale ngentombi.” Kithina njengabazali kubuhlungu ukuthi sihlale sibuka izingane zethu ziphenduka omama zincane, zigula phambi kwethu ngenxa yezifo. Kuyisifiso sethu ukuthi sakhe abaholi abaqotho nabazokwazi ukuphatha isizwe kusasa”

Ibuzwa ukuthi lokhu ekwenzayo (egameni loMkhandlu) ngeke yini kufake uMkhandlu obishini, ngokuzethemba iMeya ithe: “Nxa singasivikeli isithunzi sethu namasiko ethu yini enye esingayivikela. NjengoMkhandlu sisabela ikhwelo leSILO lokuthi impendulo isemlotheni”.

Sikhuluma nabaholi boThukela ngalolu daba ISILO sithe: “Njengabaholi boThukela kusuka eMakhosini, emakhanseleni kanye nakubaholi emphakathini. Kini ngicela ubunye ngoba uma nihlakanhlaka ngeke niyinqobe le mpi engiyibonayo ihloma. Abantu bakwaZulu banawo umlando wokususa konke okubaxabanisayo babhekane nesitha. Senza njalo eSandlwana sanqoba. Nalapha oThukela ngithi noma ngabe kukhona okunenza ningaboni ngaso linye ngiyacela ukuba kulolu daba nibe munye ngoba lokhu kuthinta izingane zenu kanti futhi kuthinta uZulu wonkana.”

Scroll To Top